Dlulela kokuphakathi

Imihlangano Yebandla YoFakazi BakaJehova

Funda ngemihlangano yethu. Thola indawo eseduze nawe.

Thola Indawo Eseduze Nawe (kuvuleka ikhasi elisha)

Kwenzekani Emihlanganweni Yethu?

OFakazi BakaJehova baba nemihlangano kabili ngesonto. (Hebheru 10:24, 25) Kule mihlangano, eyamukela wonke umuntu, sihlola lokho iBhayibheli elikushoyo nokuthi singakusebenzisa kanjani ekuphileni kwethu.

Imihlangano yethu inezingxenye eziyingxoxo nezilaleli, ezicishe zifane nengxoxo yasekilasini esikoleni. Imihlangano ivulwa futhi iphethwe ngengoma nomthandazo.

Akudingeki ukuba ube ngomunye woFakazi BakaJehova ukuze uze emihlanganweni yethu. Simema wonke umuntu ukuba eze. Kungenwa mahhala. Akuthathwa nkongozelo.