Dlulela kokuphakathi

Amavidiyo EBhayibheli​—Izimfundiso Ezibalulekile

Lezi zifundo ezimfushane ezikumavidiyo ziphendula imibuzo ebalulekile ngeBhayibheli, enjengokuthi: Kungani uNkulunkulu adala umhlaba? Siyini isimo sabantu abafile? Kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka?

Ingabe Amazulu Nomhlaba Kwadalwa?

Lokho iBhayibheli elikushoyo ngendalo kuvame ukungaqondwa noma kubhekwe njengenganekwane. Ingabe lokho okushiwo iBhayibheli singakwethemba?

Ukhona Ngempela Yini UNkulunkulu?

Hlola ubufakazi obubonisa ukuthi kunengqondo ukukholelwa kuNkulunkulu.

Ingabe UNkulunkulu Unalo Igama?

UNkulunkulu uneziqu eziningi, njengezithi Mninimandla onke, Mdali nesithi Nkosi. Kodwa igama likaNkulunkulu livela izikhathi ezingaphezu kuka-7 000 eBhayibhelini.

Ingabe Singakwazi Ukuba Abangane BakaNkulunkulu?

Sekuphele amakhulu eminyaka abantu benesifiso sokwazi uMdali wabo. IBhayibheli lingasisiza sibe abangane bakaNkulunkulu. Lobo bungane buqala ngokuba sifunde igama likaNkulunkulu.

Ngubani Umlobi WeBhayibheli?

Uma labhalwa ngabantu, kuyafaneleka yini ukuba libizwe ngokuthi iZwi likaNkulunkulu? Imcabango kabani esebhayibhelini?

Singaqiniseka Kanjani Ukuthi IBhayibheli Liyiqiniso?

Uma iBhayibheli lalotshwa uNkulunkulu, kufanele lihluke kuzo zonke izincwadi ezake zabhalwa.

Kungani UNkulunkulu Adala Umhlaba?

Umhlaba wethu ugcwele izinto ezinhle. Uwubeke waqhela ngokwanele elangeni, utsheke kahle futhi urawunda ngesivinini esikahle. Kungani uNkulunkulu eye wazikhandla kangaka ukuze adale lo mhlaba omuhle kanje?

Siyini Isimo Sabantu Abafile?

IBhayibheli lithembisa ukuthi kuzoba nesikhathi lapho abantu abaningi abafa bezovuswa njengoba nje kwenzeka nakuLazaru.

Ingabe Isihogo Siyindawo Yangempela Yokuhlushwa Kwabantu?

IBhayibheli lithi ngenxa yokuthi “uNkulunkulu uluthando,” akasoze ahlupha abantu ngenxa yamaphutha abo angesikhathi esidlule.

Ingabe UJesu Kristu UnguNkulunkulu?

Ingabe uJesu Kristu uyafana noNkulunkulu uMninimandla Onke? Noma ingabe bangabantu abangafani abahlukile?

Kungani UJesu Afa?

Kungenzeka uke wezwa kuthiwa wafela izono zethu. Kodwa ingabe umnikelo owodwa ungazizuzisa ngempela izigidigidi zabantu?

Uyini UMbuso KaNkulunkulu?

Phakathi nenkonzo yakhe, uJesu wafundisa kakhulu ngoMbuso kaNkulunkulu kunanoma yini enye. Sekungamashumi eminyaka abalandeli bakhe bethandazela ukuba lowo Mbuso ufike.

UMbuso KaNkulunkulu Waqala Ukubusa Ngo-1914

Eminyakeni engaphezu kuka-2 500 edlule, uNkulunkulu wenza ukuba inkosi enamandla iphuphe iphupho eliyisiprofetho, eligcwalisekayo manje.

Umhlaba Uye Washintsha Kusukela Ngo-1914

Izinto ezenzeke emhlabeni kusukela ngo–1914 nendlela abantu abacabanga ngayo, kubonisa ukuthi iziprofetho zeBhayibheli ezimayelana ‘nezinsuku zokugcina’ seziyagcwaliseka.

Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuhlupheka?

Abaningi bayazibuza ukuthi kungani umhlaba ugcwele inzondo nokuhlupheka kangaka. IBhayibheli linikeza impendulo eyanelisayo neduduzayo.

Ingabe UNkulunkulu Uyakuvumela Ukuba Sisebenzise Izithombe Lapho Simkhonza?

Zingakwazi yini ukusisiza ukuba sizizwe sisondelene noNkulunkulu esingamboni?

UNkulunkulu Uwubheka Kanjani Umshado?

UNkulunkulu ufuna umshado wakho uphumelele. Iseluleko esihle seBhayibheli sesisize abantu abaningi abashadile.

Kuyisono Yini KuNkulunkulu Ukubuka Izithombe Zocansi?

Ikhona yini eBhayibhelini inkulumo ethi “izithombe zocansi”? Singathola kanjani ukuthi uNkulunkulu uzizwa kanjani ngezithombe namavidiyo ocansi?