Dlulela kokuphakathi

AMAVESI EBHAYIBHELI AYACHAZWA

Filipi 4:13—“Nginamandla Okwenza Zonke Izinto NgoKristu Ongiqinisayo”

Filipi 4:13—“Nginamandla Okwenza Zonke Izinto NgoKristu Ongiqinisayo”

 “Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo ongipha amandla.”—Filipi 4:13, IBhayibheli ImiBhalo Engcwele.

 “Nginamandla okwenza zonke izinto ngoKristu ongiqinisayo.”—Filipi 4:13, New King James Version.

Incazelo yencwadi yabaseFilipi 4:13

 La mazwi, abhalwa umphostoli uPawulu, aqinisekisa labo abakhonza uNkulunkulu ukuthi bazothola amandla ukuze bafeze intando yakhe.

 Amanye amaBhayibheli athi nguKristu owanikeza uPawulu amandla. Nokho, igama elithi “Kristu” aliveli lapha emibhalweni emidala yesiGreki. Ngenxa yalokho, amaBhayibheli amaningi anamuhla asebenzisa amagama anjengokuthi “lowo ongipha amandla” (IBhayibheli ImiBhalo Engcwele), “lowo onginika amandla” (New International Version), nokuthi “lowo ongumthombo wamandla ami” (New American Bible). Ngakho, uPawulu wayekhuluma ngobani?

 Umongo ubonisa ukuthi uPawulu wayekhuluma ngoNkulunkulu. (Filipi 4:6, 7, 10) Ekuqaleni kuyo le ncwadi efanayo, uPawulu wayebhalele abaseFilipi: “Ngoba uNkulunkulu nguye oninika amandla . . . , eninikeza . . . amandla okwenza.” (Filipi 2:13) Nakweyesi-2 Korinte 4:7 wabhala ukuthi nguNkulunkulu owamnikeza amandla ukuze afeze inkonzo yakhe. (Qhathanisa neyesi-2 Thimothewu 1:8.) Ngakho-ke, kunezizathu ezinhle zokuphetha ngokuthi uPawulu wayesho uNkulunkulu lapho ekhuluma ‘ngalowo omupha amandla.’

 Wayesho ukuthini uPawulu uma ebhala ukuthi wayezothola amandla “azo zonke izinto”? Izinto uPawulu akhuluma ngazo kungenzeka zibhekisela ezimweni ezihlukahlukene abhekana nazo lapho enza intando kaNkulunkulu. Kungakhathaliseki ukuthi wayenenala noma enezinto ezimbalwa, wathembela kuNkulunkulu ukuze amnakekele. Ngenxa yalokho, uPawulu wafunda ukwaneliseka kungakhathaliseki ukuthi izimo zakhe zazinjani.—2 Korinte 11:23-27; Filipi 4:11.

 Amazwi kaPawulu angaqinisa izikhonzi zikaNkulunkulu namuhla. UNkulunkulu uzozinika amandla eziwadingayo ukuze zibekezelele uvivinyo futhi zenze intando yakhe. UNkulunkulu anganika izikhonzi zakhe amandla ngomoya wakhe ongcwele, nangabakhulekeli bakhe abakanye nazo nangeZwi lakhe iBhayibheli.—Luka 11:13; IzEnzo 14:21, 22; Hebheru 4:12.

Umongo wencwadi yabaseFilipi 4:13

 La mazwi ayingxenye yesiphetho sencwadi kaPawulu ayeyibhalele amaKristu aseFilipi. Wayibhala cishe ngo-60 kuya ku-61 C.E., ngesikhathi eboshwe okokuqala eRoma. Phakathi nesikhathi esingashiwongo, amaKristu aseFilipi awakwazanga ukusekela uPawulu ngezinto ayezidinga. Kodwa manje, ayesethumelela uPawulu izipho ukuze athole izinto azidingayo.—Filipi 4:10, 14.

 UPawulu wawancoma kakhulu amaKristu aseFilipi ngokuba nesandla esivulekile futhi wawaqinisekisa ukuthi wayenakho akudingayo. (Filipi 4:18) Wabuye wasebenzisa lelo thuba ukuwatshela imfihlo yokuphila komKristu: Wonke amaKristu kungakhathaliseki ukuthi acebile noma ayahlupheka, anganeliseka ngempela uma ethembela osizweni lukaNkulunkulu.—Filipi 4:12.