Dlulela kokuphakathi

Ingabe Isidumbu SikaJesu Sasisongwe NgeNdwangu YaseTurin?

Ingabe Isidumbu SikaJesu Sasisongwe NgeNdwangu YaseTurin?

Impendulo yeBhayibheli

IBhayibheli alikhulumi ngeNdwangu YaseTurin. Abantu abaningi bacabanga ukuthi yayiyindwangu yelineni okwasongwa ngayo isidumbu sikaJesu Kristu. Ngenxa yalokho, abanye babheka le ndwangu njengengcwele nebaluleke kakhulu emlandweni wenkolo yobuKristu. Le ndwangu igcinwe endaweni evikelekile esontweni lamaKatolika eliseTurin, e-Italy.

Ingabe iBhayibheli liyayisekela inkolelo yokuthi isidumbu sikaJesu sasisongwe ngale ndwangu? Cha.

Cabanga ngezindlela ezintathu le ndwangu ehluke ngayo kulokho okushiwo iBhayibheli.

  1. INdwangu YaseTurin ingamasentimitha angu-442 ubude, namasentimitha angu-113 ububanzi, kwabe sekuxhunywa enye indwangu eceleni engamasentimitha angu-8.

    Okushiwo iBhayibheli: Isidumbu sikaJesu asizange sisongwe ngendwangu eyodwa yelineni, kodwa sasongwa ngezindwangu eziningi. Ikhanda lakhe lalisongwe ngendwangu ehlukile. Lapho uJesu esevusiwe, omunye wabaphostoli bakhe wafika ethutheni lakhe “wabona amabhandeshi ephansi.” IBhayibheli liqhubeka lithi: ‘Indwangu eyayisekhanda lakhe yayingekho kanye namabhandeshi kodwa yayigoqwe yodwa eceleni.’​—Johane 20:6, 7.

  2. INdwangu YaseTurin inamabala okukholelwa ukuthi awegazi elalisemzimbeni kaJesu.

    Okushiwo iBhayibheli: Ngemva kokuba uJesu esefile, abafundi bakhe balungisa isidumbu sakhe “ngayo kanye indlela yamaJuda yokulungiselela ukungcwaba.” (Johane 19:39-​42) Le ndlela yokulungiselela ukungcwaba yayihlanganisa ukugezwa kwesidumbu, nokusigcoba ngamafutha nangeziqholo ngaphambi kokuba singcwatshwe. (Mathewu 26:12; IzEnzo 9:​37) Ngakho, abafundi bakaJesu babengeke basonge isidumbu sakhe bengasigezanga.

  3. Ngokusho kwe-Encyclopædia Britannica, iNdwangu YaseTurin, inesithombe sendoda “ebekwe phezu kohhafu wale ndwangu, kwase kuthi omunye uhhafu wamboza yonke ingxenye engaphezulu yomzimba wayo.”

    Okushiwo iBhayibheli: Abalandeli bakaJesu baxoxa ngokufa kwakhe, ngethuna lakhe abalifica lingenamuntu, nangobufakazi obanikezwa abesifazane ababona ‘umbono ongaphezu kowemvelo wezingelosi, ezathi [uJesu] uyaphila.’ (Luka 24:15-​24) Ukube iNdwangu YaseTurin yayikhona ethuneni likaJesu, akungabazeki ukuthi abafundi bakhe babezoxoxa nangayo, nangezithombe ezikule ndwangu. Nokho, iBhayibheli alikhulumi ngokuthi baxoxa ngalokho.

Ingabe iNdwangu YaseTurin kufanele ihlonishwe?

Cha. Noma ngabe le ndwangu yayikade isonge isidumbu sikaJesu ngempela, ukuyihlonipha bekungaba yinto embi. IBhayibheli linikeza izizathu zokuba ukwenza kanjalo kube kubi.

  1. Isenzo esinjalo asidingekile. UJesu wachaza lokhu ngoNkulunkulu: “UNkulunkulu unguMoya, futhi abamkhulekelayo kumelwe bakhulekele ngomoya nangeqiniso.” (Johane 4:24) Ukukhonza uNkulunkulu ngobuqotho akusho ukuhlonipha izinto ezithile ezihlotshaniswa nenkolo.

  2. UNkulunkulu uyakwenqabela. IMiyalo Eyishumi iyakwenqabela ukukhothamela izithombe. (Duteronomi 5:6-10) Ngendlela efanayo, iBhayibheli liyala amaKristu: “Ziqapheni ezithombeni.” (1 Johane 5:​21) Abanye bangase bathi bona abayibheki iNdwangu YaseTurin njengesithombe, kodwa imane iwuphawu olubalulekile lwenkolo yabo. Nokho, noma yini umuntu ayibheka njengento ebalulekile nedinga ukuhlonishwa ingaba njengesithombe asikhothamelayo. a Ngakho, noma ubani ofuna ukujabulisa uNkulunkulu ngeke azinikele entweni ethile noma ayibonise inhlonipho leyo nto, kuhlanganise nayo iNdwangu YaseTurin.

a Isithombe kungaba umfanekiso, umdwebo, noma yini enye umuntu ayibheka njengebalulekile nazinikele kuyo.