Dlulela kokuphakathi

Iziphi Izizathu Ezimbili Ezenza UNkulunkulu Angayiphenduli Eminye Imithandazo?

Iziphi Izizathu Ezimbili Ezenza UNkulunkulu Angayiphenduli Eminye Imithandazo?

Impendulo YeBhayibheli

Kukhona imithandazo uNkulunkulu angayiphenduli. Cabangela izizathu ezimbili ezingenza uNkulunkulu angawulaleli umthandazo.

1. Umthandazo ungqubuzana nentando kaNkulunkulu

UNkulunkulu akaziphenduli izicelo ezingqubuzana nentando yakhe, noma izimfuneko zakhe, eziseBhayibhelini. (1 Johane 5:14) Ngokwesibonelo, iBhayibheli lithi kufanele sigweme ukuhaha. Ukugembula kuwukuhaha. (1 Korinte 6:9, 10) Ngakho, uNkulunkulu ngeke akuphendule uma uthandazela ukuba uwine i-lottery. UNkulunkulu akayena umenzi wemilingo ongambiza bese ekwenzela okufunayo. Empeleni, kufanele ujabule ngalokho. Ukube bekunjalo, cabanga nje ukuthi abanye babengase bamceleni uNkulunkulu.—Jakobe 4:3.

2. Umuntu othandazayo akalaleli

UNkulunkulu akabalaleli labo abenza izinto angazifuni. Ngokwesibonelo, uNkulunkulu wathi kulabo ababethi bayamkhonza kodwa bengamlaleli: “Ngisho noma nenza imithandazo eminingi, angilalele; zona kanye izandla zenu zigcwele igazi.” (Isaya 1:15) Ukube bazishintsha izindlela zabo futhi ‘balungisa izindaba’ noNkulunkulu, wayeyobalalela lapho bethandaza kuye.—Isaya 1:18.