Dlulela kokuphakathi

Ukuthweswa Iziqu Kwekilasi Le-135 E-Watchtower Bible School of Gilead

Ukuthweswa Iziqu Kwekilasi Le-135 E-Watchtower Bible School of Gilead

Ngo-September 14, 2013, kwaba khona abangaba ngu-10 500 ekuthwesweni iziqu kwekilasi le-135 e-Watchtower Bible School of Gilead esikhungweni semfundo soFakazi BakaJehova esisePatterson, eNew York. Lesi sikole siqeqesha izikhonzi ezingomakad’ ebona ezingoFakazi BakaJehova ukuze ziphumelele kakhudlwana ezabelweni zazo.

UGuy Pierce, oyilungu leNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova nowayengusihlalo wesimiso, washo amazwi okuvula asekelwe kuMathewu 28:19, 20: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, . . . nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho.”

UMfoweth’ uPierce waveza ukuthi lawo mazwi kaJesu aqala umsebenzi osaqhubeka nasosukwini lwethu. Njengoba senza abafundi, sifundisa abantu ukuba benze konke uJesu ayala ngakho. Lokho kuhlanganisa nomyalo wakhe wokuba kushunyayelwe “lezi zindaba ezinhle zombuso.” (Mathewu 24:14) Ngale ndlela, umfundi ngamunye uba umshumayeli nomfundisi woMbuso. Ube yini umphumela wokwenziwa kwalo msebenzi? UMfoweth’ uPierce wathi, “Inani labantu [ezweni] liye landa, nabantu bakaNkulunkulu baye banda.”

“Enza Okwakungaphezu Kwamandla Awo.” UThomas Cheiky, ilungu leKomiti Yegatsha Yase-United States, yanikeza inkulumo esekelwe kweyesi-2 Korinte 8:1-4. Nakuba ayedonsa kanzima, amabandla aseMakedoniya angekhulu lokuqala acela ukunikelela abafowabo abampofu eJerusalema. Abafundi baseGileyadi baye babonisa umoya ofanayo wokupha nowokuzidela.

Ngesikhathi esifanayo, siyaqiniseka ukuthi abaseMakedoniya babehluzekile, benganikeli okuningi ize iswele nemikhaya yawo noma kuze kulimale inkonzo ababeyenzela uNkulunkulu. UMfoweth’ uCheiky wayala abafundi ukuba balingise abaseMakedoniya ngokulondoloza ukulinganisela endleleni ababonisa ngayo umoya wokupha.

“Isikole Siphelile.” USamuel Herd weNdikimba Ebusayo wacacisa ukuthi kungani abafundi kufanele bakhumbule lokho obekwenzeka eSikoleni SaseGileyadi. Njengomculo omnandi odlala ekuseni ohlala usengqondweni phakathi nosuku, izinkumbulo eziyigugu zaseGileyadi zingabasiza isikhathi eside abafundi ngisho nalapho isikole sesiphelile.

UMfoweth’ uHerd wakhumbuza abafundi ukuthi inkumbulo kaNkulunkulu ayinamkhawulo. Izigidi zezigidi zezinkanyezi ezisemkhathini uzibizé zonke ngamagama, futhi azikho azozikhohlwa. (IHubo 147:4) Uyoyikhumbula kakhulu kangakanani imizamo yabafundi lapho beqeqeshwa eGileyadi! Bazibekelele “ingcebo ezulwini” futhi akekho ongayeba imicabango eyigugu ngalabo bafundi uJehova ayifake enkumbulweni yakhe.—Mathewu 6:20.

Njengoba uNkulunkulu ewukhumbula umsebenzi walabo bafundi nothando lwabo ngaye, abafundi nabo bangahlale besikhumbula kufanele isikole saseGileyadi. Umfoweth’ uHerd wathi, “Lapho izinkumbulo ezinhle zalezi sikole zikujabulisa, ungakhohlwa ukubonga Lowo owakunikeza leyo njabulo—uJehova. Ungayeki ukucabanga ngaso. Uyozuza njalo ngokuzikhumbula njalo izinto owazifunda.”

“Thola Induduzo Emandleni KaJehova Amakhulu.” Uthisha waseGileyadi uSam Roberson wakhuthaza abafundi ukuba bathembele emandleni kaJehova kunokuba babhekane nezinselele ezintsha ngamandla abo. Eyabase-Efesu 3:​20 ithi uNkulunkulu ‘angenza okungaphezu kakhulu kwazo zonke izinto esizicelayo noma esizicabangelayo.’ Amandla akhe akudlula kude ukucabanga kwethu kangangokuba ngisho namazwi athi ‘okungaphezu kakhulu kwalokho esingakucabanga’ awanikezi incazelo ephelele.

UJehova unikeza umKristu ngamunye amandla akhe amakhulu. Ufana nomuntu “onamandla owesabekayo” lapho sisebunzimeni obukhulu. (Jeremiya 20:11) UMfoweth’ uRoberson wakhumbuza abafundi ukuthi uJehova uzobasiza banqobe noma iyiphi inkinga noma ubunzima abayobhekana nabo.

“Londoloza Isithunzi Sakho Enkonzweni YoMbuso.” UWilliam Samuelson, naye onguthisha waseGileyadi, wachaza ukuthi abafundi baseGileyadi bathole isithunzi enkonzweni yoMbuso ngezindlela ezimbili. Bazibonakalise beyifanelekela inhlonipho ngomsebenzi wabo abawenze ngaphambi nangemva kwesikole, futhi bayaqhubeka bethola inhlonipho nesithunzi ngokumelela uhulumeni ophakeme kunabo bonke endaweni yonke—uMbuso kaNkulunkulu.

Bangasilondoloza kanjani isithunzi sabo? UMfoweth’ uSamuelson wabakhuthaza ukuba bahloniphe uJehova kanye nabanye, njengoba nje noJesu abahlonipha labo ayekanye nabo lapho kudingeka abalungise noma abeluleke. Uyoba yini umphumela? Njengomphostoli uPawulu, abafundi bayoba nesithunzi ngokwengeziwe, badumise inkonzo yabo kunokuba baphishekele ukudunyiswa.—Roma 11:13.

“Igunya Lamahhashi Lisemilonyeni Yawo.” UMichael Burnett, naye onguthisha esikoleni saseGileyadi, wabonisa indlela esisebenza ngayo ngokuvumelana nokugcwaliseka kwesAmbulo 9:​19 uma sisebenzisa lokho esikufunda emihlanganweni yobuKristu ukuze sikhulume ngegunya lapho sishumayela. Ngemva kwalokho, uxoxe nabafundi abaye balandisa futhi benza imiboniso yezinto ezenzeke enkonzweni phakathi nesikole saseGileyadi. Ngokwesibonelo, omunye umfundi waqala ingxoxo nesisebenzi sasegalaji ngalo mbuzo, “Izikhathi ezimisiwe zezizwe zaqala nini futhi zaphela nini?” (Luka 21:24) Kamuva, waphendula lo mbuzo esebenzisa uDaniyeli isahluko 4 nesithasiselo esisencwadini ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?

“Izinhliziyo Zabo Seziye Zaqiniswa.” U-Adrian Fernandez, oyilungu leKomiti Yegatsha Yase-United States, waxoxa nemibhangqwana emibili eyayizothweswa iziqu. UMfoweth’ uHelge Schumi wathi njengoba iBhayibheli libonisa ukuthi ezinye izikhonzi zikaNkulunkulu ziye zazikhukhumeza ngezikhathi ezithile ngemva kokuthola ilungelo elikhethekile, isikole saseGileyadi ngokuvamile sinikeza iseluleko mayelana nokuhlala uthobekile. (2 IziKronike 26:16) UMfoweth’ uPeter Canning wakhumbula lesi seluleko esihlakaniphile senkulumo yaseGileyadi esiphathelene nokufunda ulimi lwendawo: “Ungaqhoshi. Zimisele ukuvuma ukuba isiphukuphuku.” Laba bazalwane babonga ngendlela isikole esiye sabaqinisela ngayo umsebenzi abasazowufeza, saqinisa izinhliziyo zabo.—Hebheru 13:9.

“Jabulani Ngenxa Yokuthi Amagama Enu Alotshiwe Ezulwini.” (Luka 10:20) UGeoffrey Jackson weNdikimba Ebusayo wanikeza inkulumo eyinhloko yesimiso. Ngokungafani nalabo abeze kulesi sikole esikhathini esingaphambili, iningi labazothweswa iziqu kulokhu ngeke linikezwe izabelo ezintsha noma lijabulele izenzakalo ezimnandi zalapho kushunyayelwa ezindaweni ezingakafinyelelwa. Kufanele lisabele kanjani?

Lapho abafundi abangu-70 abathunywa nguJesu bebuya emkhankasweni wabo wokushumayela, babika izindaba ezimnandi bethi bakhiphe amademoni ngegama likaJesu. (Luka 10:1, 17) UJesu wavuma ukuthi lezo kwakuyizindaba ezithokozisayo, kodwa wathi: “Nokho, ningajabuli ngalokhu, ukuthi imimoya iyanithobela, kodwa jabulani ngenxa yokuthi amagama enu alotshiwe ezulwini.” (Luka 10:20) Kanjalo wabonisa ukuthi ngeke bathole izindaba ezimnandi kanjalo nsuku zonke. Akufanele bagxile emiphumeleni, kodwa ekwethembekeni kwabo kuJehova nasekwenzeni ukuba amagama abo ‘alotshwe ezulwini.’

“Lokho uJesu akufundisa abafundi abangu-70 kuyasebenza nakithi,” kusho uMfoweth’ uJackson. Akufanele sivumele imiphumela yenkonzo yethu ibe ukuphela kwesizathu senjabulo yethu noma indlela eyinhloko esikala ngayo ukwethembeka kwethu. Kunalokho, sithola injabulo futhi sibonise ukwethembeka ngokulondoloza ubuhlobo obuqinile noJehova nangokuzikhandla enkonzweni yakhe.

Ngisho noJesu wabhekana nezimo ezazingase zimdumaze. Ngokwesibonelo, ngemva kokusuthisa izinkulungwane zabantu ngokuyisimangaliso, zaqala ukumlandela. (Johane 6:10-14, 22-24) Yize kunjalo, masinyane iningi lazo lakhubeka ngenxa yezimfundiso zikaJesu, kangangokuba isixuku sabantu esasimlandela ngokushesha samshiya. (Johane 6:48-56, 60, 61, 66) Ngokuphambene nalokho, abaphostoli abathembekile babezimisele ukuhlala benoJesu. Babeka isibonelo esihle ngokungagxili nje emiphumeleni abayitholayo kodwa ekwethembekeni kwabo nasebuhlotsheni babo noJehova.—Johane 6:67-69.

Isiphetho. Abafundi bathola ama-diploma abo, ngemva kwalokho omunye wabo wafunda incwadi yokubonga evela kubafundi. UMfoweth’ uPierce waphetha ngokuphawula ukuthi abantu bakaNkulunkulu, kuhlanganise nabathweswe iziqu zaseGileyadi, abakhetheke ngalutho ezweni. (IzEnzo 4:13; 1 Korinte 1:27-31) Kodwa uJehova wamukela ukuzinikezela kwethu futhi usinika umoya wakhe ongcwele. Futhi njengoba uJehova angase angabi nandaba nemfundo yethu, uMfoweth’ uPierce wathi, “Uyajabula lapho siqotho, sithembekile futhi sizinikele kuye.”