Dlulela kokuphakathi

Umhlangano Wesifunda WaseTagalog ERome—“Ukuhlangana Komndeni Omkhulu!”

Umhlangano Wesifunda WaseTagalog ERome—“Ukuhlangana Komndeni Omkhulu!”

Emakhilomitheni angaphezu kuka-10000 uma usuka ePhilippines​—ikhaya labantu besiTagalog​—izinkulungwane zoFakazi BakaJehova abakhuluma isiTagalog bahlangana eRome, e-Italy, emhlanganweni wesifunda okhethekile owawungo-July 24-​26, 2015.

Ngokwesilinganiso esithile, kunabangaphezu kuka-850,000 basePhilippines abahlala e-Europe manje. Ngenxa yalokho, amabandla angaba ngu-60 namaqembu amancane oFakazi BakaJehova e-Europe aba nemihlangano ngesi-Tagalog futhi ashumayeze nabantu basePhilippines emiphakathini yawo.

Nokho, emhlanganweni waseRome, kwakungokokuqala wonke lawo mabandla namaqembu esemhlanganweni wezinsuku ezintathu oqhutshwa ngolimi lwawo. Ababekhona abangu-3239 bajabula kakhulu ngokuba noMfowethu uMark Sanderson, oyilungu leNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova owayekade ekhonza khona ePhilippines, ebeka inkulumo yokuphetha usuku ngalunye.

“Iya Ngqo Enhliziyweni Yami”

Kwenza mehluko muni ukuthi umuntu uya emhlanganweni oqhutshwa ngolimi aluncela noma ngolimi alufunda? Umama ongayedwa, ogama lakhe ngu-Eva uthi, “Ngiyasiqonda kancane isiNgisi, kodwa ngiyabonga ngalo mhlangano wesi-Tagalog, ngoba izimfundiso zeBhayibheli ziye ngqo enhliziyweni yami.” Ukuze onge imali yokuhamba esuka ekhaya lakhe eSpain eya e-Italy, yena nezingane zakhe ezimbili banquma ukuthi bazoyeka ukudla ezitolo masonto onke, njengoba babehlale benza, kodwa sebezodla kanye ngenyanga kuphela. U-Eva uthi, “Angizisoli ngokuzidela engakwenza, ngoba kulo mhlangano ngangizwa yonke into!”

UJasmin, ohlala eGermany, wacela kumqashi ukungayi emsebenzini ukuze aye emhlanganweni. Uthi, “Ngaphambi nje kokuba ngihambe, ngatshelwa ukuthi ngeke ngikwazi ukuhamba ngenxa yokuthi kunomsebenzi okufanele wenziwe. Ngavela ngehlisa umoya, ngathandaza kuJehova ngabe sengiya kumqashi wami. Sakwazi ukuhlela kabusha umsebenzi ukuze ngikwazi ukuya emhlanganweni! Ngakujabulela kakhulu ukuthola ithuba lokuba nabanye abafowethu nodadewethu basePhilippines abakulo lonke lase-Europe.”

Yiqiniso, abasePhilippines abaningi abahlala e-Europe abakhumbuli nje kuphela indawo yakubo kodwa nabangane asebathuthela kwezinye izingxenye ze-Europe. Umhlangano wasiza abaningi kulabo bangane bakwazi ukuphinde bahlangane njengabafowabo nodadewabo abangokomoya. (Mathewu 12:48-​50) UFabrice uthi, “Ukubona abantu engibaziyo kwangijabulisa kakhulu!” Ekupheleni komhlangano, omunye udadewethu wamemeza wathi, “Bekuhlangene umndeni omkhulu!”