Dlulela kokuphakathi

Basindiswa Sebezozibulala

Basindiswa Sebezozibulala

NGOLUNYE usuku besenkonzweni yendlu ngendlu, oFakazi BakaJehova ababili bangqongqoza kwelinye ikhaya. Indoda eyayibonakala icindezeleke kakhulu yavula umnyango; ngemuva kwayo kwakulenga intambo phezu kwezitebhisi.

Lapho oFakazi bengena endlini, babuza ukuthi kungani kulenga intambo endlini. Le ndoda yathi ibilungiselela ukuzilengisa, kodwa lapho bengqongqoza, yanquma ukuvula umnyango okokugcina. OFakazi baxoxa nayo futhi bayiphelezela kudokotela, owayisiza le ndoda.

Le ndaba yavela ephephandabeni laseBelgium. Nokho, akukhona okokuqala ukuba oFakazi BakaJehova basize umuntu obefuna ukuzibulala. Cabanga ngezindaba ezifana nalena zakwamanye amazwe.

Owesifazane waseGreece wabhala: Umuntu engithandana naye wangenza into ebuhlungu kangangokuthi ngacindezeleka kakhulu. Ngezwa ubuhlungu obukhulu kangangokuthi nganquma ukuzibulala. Ukucabanga nje ngokuzibulala kwakungiduduza—ngangifuna ukuqeda ubuhlungu.”

Kunokuba azibulale, lona wesifazane waya esibhedlela. Ngemva kwalokho waxhumana noFakazi, waqala ukufunda nabo iBhayibheli futhi waya emihlanganweni yebandla. “Ebandleni ngiye ngathola uthando olungenabugovu osekuyiminyaka ngilufuna.” Uyabhala: “Ngiye ngathola abangane beqiniso engingabethemba. Nginokuzola futhi ngijabulile, angikhathazeki ngekusasa.”

UFakazi eNgilandi uyabhala: “Umuntu engimaziyo wangithinta ebusuku ecindezeleke kakhulu ethi uyazibulala. Ngisebenzisa amaphuzu avela esihlokweni se-Phaphama! ka-May 2008 esasikhuluma ngokuzibulala, ngabonisana naye futhi ngamfundela imiBhalo eduduzayo. Manje akasafuni ukuzibulala ngisho noma enezinkinga.”

EGhana, uMichael, ongomunye woFakazi BakaJehova, waqala ingxoxo nowesifazane osemusha emsebenzini. Ngolunye usuku uMichael waqaphela ukuthi lona wesifazane wayecindezeke kakhulu wayesebuza ukuthi kwenzenjani.

Lapho ephendula wathi ufuna ukuzibulala ngoba indoda yakhe imalile futhi isithandana nomunye owesifazane. UMichael wamduduza futhi wamnika izincwadi ezimbili ezichaza imiBhalo. Ukwaziswa akuthola kwamenza wayeka ukufuna ukuzibulala. Lona wesifazane waqhubeka efunda iBhayibheli futhi manje usengomunye woFakazi BakaJehova.

Iphephandaba e-United States labika ukuthi uFakazi osemusha enkonzweni yasensimini wabona imoto imile iduma.

Ithi le nsizwa: “Ngabona ipayipi lixhunywe epayipini le-okzozo yemoto. Leli payipi lalihamba liyongena ngefasitela lemoto elalivalwe ngci limbozwe nge-tape.

“Njengoba ngigijimela emotweni, ngalunguza ngefasitela futhi ngabona owesifazane ekhala, emotweni kugcwele intuthu ye-okzozo. Ngamemeza: ‘Wenzani?’

“Njengoba ngisondela emnyango, ngabona izingane ezintathu esihlalweni esingemuva. Lapho ngiwuvula wathi, ‘Kumelwe ngihambe! Kumelwe ngihambe! Kumelwe ngihambe nezingane zami.’

“Ngathi, ‘Ngicela ungayenzi le nto, akuyona indlela yokulungisa izinkinga!’

“Waphendula: ‘Kumelwe ngiye ezulwini. Kumelwe ngihambe nezingane zami.’

“Njengoba eqhubeka ekhala, nami ngase ngiguqile—sengikhala nami. Ngaphinda futhi ngathi, ‘Ngicela ungayenzi le nto.’ Ngangena emotweni, ngamgaxa futhi ngesineke ngamkhipha emotweni.

“Wayesememeza, ‘Sindisa izingane zami!’

“Izingane zelulela izandla kimi. Kwakungamantombazane amabili, enye ineminyaka emine enye inemihlanu nomfana oneminyaka emibili. Zazihlezi ngemuva nje zingazi nokuthi lidumephi.

“Ngacima injini yemoto ngemva kokuzikhipha zonke. Sonke sahlala phansi, ngathi, ‘Kwenzenjani?’”

OFakazi BakaJehova babheka ukuphila njengesipho esiyigugu esivela kuMdali wethu. Kuwo wonke umhlaba balwela ukududuza labo abalahlekelwe abathandekayo babo abaye bazibulala futhi basiza labo abaye bazama ukuzibulala.

Kungani Ngingavele Nje Ngizibulale?