Dlulela kokuphakathi

Incwadi Ethi Izindaba ZeBhayibheli Esikoleni

Incwadi Ethi Izindaba ZeBhayibheli Esikoleni

Incwadi yesiPangasinan ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli eyakhululwa ngo-2012, isiza izingane zesikole ezikhuluma lolu limi ePhilippines. Ukuba khona kwale ncwadi kuvumelana kahle nesiqondiso soMnyango Wezemfundo wasePhilippines sokuba kusetshenziswe ulimi izingane eziluncele ebeleni lapho zifundiswa ezikoleni.

EPhilippines kukhulunywa izilimi ezingaphezu kweziyikhulu, futhi sekuyisikhathi eside kudingidwa indaba yokuthi othisha kufanele basebenzise luphi ulimi lapho befundisa. Ngo-2012, incwadi yoMnyango Wezemfundo yathi “ukusebenzisa ulimi olukhulunywa ekhaya” kuwusizo ekubeni “nabafundi abangcono nabanezingqondo ezikhaliphile.” Ngenxa yalokho, kwamiswa isimiso “seMfundo Yezilimi Ezincelwe Ebeleni.”

IsiPangasinan singolunye ulimi olusetshenziswayo. Kodwa kwakunenkinga. Kubikwa ukuthi omunye uthishanhloko wathi zimbalwa izincwadi ezikhona zabafundi abakhuluma isiPangasinan. Ngakho, incwadi ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli eyakhululwa oFakazi BakaJehova ngesiPangasinan emihlanganweni yabo yesigodi ngo-November 2012 yayifike ngesikhathi.

Kwanyatheliswa amakhophi angaba ngu-10 000 ukuze akhishwe kuleyo mihlangano. Izingane nabazali bakujabulela ukuthola le ncwadi ngolimi lwabo. Omunye umbhangqwana wathi: “Izingane zethu ziyayithanda ngoba ziyiqonda kahle.”

Ngemva nje komhlangano, oFakazi abambalwa bathatha izincwadi zabo bazithumela esikoleni saseDolobheni LaseDagupan. Othisha bakhona ababengenazo izincwadi zesiPangasinan bakujabulela ukuthola le ncwadi. Banikezwa amakhophi angaphezu kuka-340. Baqala ngaso leso sikhathi ukuyisebenzisa ekufundiseni izingane ukufunda ngolimi lwazo.

OFakazi BakaJehova bayayijabulela indima yale ncwadi ekufundiseni izingane. Omunye wabahumushi owayekhona uma kuhunyushwa INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli wathi: “Kade sakubona ukubaluleka kokukhipha izincwadi ngolimi abantu abaluncela ukuze kufinyelelwe izinhliziyo zabo. Yingakho oFakazi benza umzamo wokuhumusha amaBhayibheli nezincwadi ezisekelwe kulo ngezilimi eziningi.”