Dlulela kokuphakathi

OFakazi BakaJehova Bayaklonyeliswa Ngokuvikela Indawo Abahlala Kuyo

OFakazi BakaJehova Bayaklonyeliswa Ngokuvikela Indawo Abahlala Kuyo

I-Clean Enterprise inikeze oFakazi BakaJehova eMexico isitifiketi ngenxa yezindawo zabo zokunyathelisa okwesikhombisa iminyaka ilandelana.

Ngo-September 26, 2012, uhulumeni waseMexico unikeze oFakazi BakaJehova isitifiketi esikhethekile “sokuzinikela [kwabo] ekunakekeleni nasekuvikeleni indawo abahlala kuyo.”

Isimiso se-Clean Enterprise sisiza izimboni ukuba zichume ngezindlela eziphephile ezingeke zilimaze indawo ezungezile. OFakazi BakaJehova bayingxenye yalesi simiso minyaka yonke, nakuba inhlangano yabo ingenzi nzuzo. Umkhulumeli wezindawo zokunyathelisa zaseMexico wathi: “Ukuze sithole isitifiketi se-Clean Enterprise, kufanele sinikeze ubufakazi bokuthi izinqubo zethu ziyahambisana nemithetho yemvelo emikhakheni engu-7: umoya, amanzi, udoti, amagesi namakhemikhali ayingozi, ukulondeka, amandla kagesi nokuqeqeshelwa ukunakekela imvelo. Izimboni aziphoqiwe ukuba zibhalise kulesi simiso. Sibhalisa ngokuzithandela.”

OFakazi BakaJehova emhlabeni wonke benza konke abangakwenza ukuze bangayilimazi indawo enhle ebazungezile.