Dlulela kokuphakathi

IBHAYIBHELI LISHINTSHA UKUPHILA

“Ubugebengu Nokuthanda Imali Kwangizwisa Ubuhlungu Obukhulu”

“Ubugebengu Nokuthanda Imali Kwangizwisa Ubuhlungu Obukhulu”
  • Unyaka Azalwa Ngawo: 1974

  • Izwe Azalelwa Kulo: E-Albania

  • Umlando: Wayeyisela, eshushumbisa izidakamizwa, waboshwa

UMLANDO WOKUPHILA KWAMI

 Ngazalelwa emndenini ohluphekayo eTiranë, inhlokodolobha ye-Albania. Ubaba wayeyindoda ethembekile, esebenza amahora amade ukuze asinakekele. Kodwa sasidonsa kanzima. Ngisewumfana kwakungizwisa ubuhlungu ukubona ukuthi siyahlupheka. Izikhathi eziningi ngisakhula ngangingabi nazo izicathulo, kwakungekho nokudla okwanele.

 Ngaqala ukuntshontsha ngisemncane kakhulu. Ngangicabanga ukuthi ngangimane ngisiza ukunakekela umndeni wakithi. Ngokuhamba kwesikhathi ngabanjwa amaphoyisa. Ngo-1988 ngineminyaka engu-14 ubaba wangiyisa esikoleni sokuqondisa izigwegwe. Ngahlala iminyaka emibili lapho, ngafunda ukushisela. Lapho ngiphuma ngangifuna ukuphila ngaphandle kokwenza ubugebengu, kodwa angiwutholanga umsebenzi. Imisebenzi yayingekho e-Albania ngenxa yezinkinga zezepolitiki. Ngikhungathekile, ngabuyela kubangani bami bakudala, saqala santshontsha futhi. Ngokuhamba kwesikhathi, mina nabangani bami saboshwa, sagwetshwa iminyaka emithathu ejele.

 Ngemva kokuphuma ejele ngaqhubeka nobugebengu. Isimo somnotho sasibheda kakhulu e-Albania futhi kunezinxushunxushu eziningi ezweni. Phakathi naleso sikhathi ngangenza imali eningi ngokwenza izinto ezingekho emthethweni. Ngemva kokuphanga sihlomile, ababili engangihamba nabo baboshwa, mina ngabalekela kwelinye izwe ukuze ngigweme isigwebo eside ejele. Ngaleso sikhathi ngase ngishade nomkami uJulinda, futhi sasinomntwana womfana.

 Sagcina sesihlala eNgilandi. Ngangizimisele ukuqala ukuphila okusha nomkami nendodana, kodwa kwakunzima ukuyeka imikhuba yami emidala. Ngokushesha ngabuyela ebugebengwini—kulokhu ngishushumbisa izidakamizwa, ngiphatha izindodla zemali.

 UJulinda wayezizwa kanjani ngokuthi ngishushumbisa izidakamizwa? Akanitshele yena: “Ngikhula e-Albania, ngangihlale ngiphupha impilo engenakho ukuhlupheka. Ngangizimisele ukuzama noma yini ukuze ngithole ukuphila okungcono. Ngangicabanga ukuthi imali ingakuthuthukisa ukuphila kwethu, ngakho ngangimsekela u-Artan emangeni akhe, ekuntshontsheni nasekushushumbiseni izidakamizwa—noma yini ayeyenza ukuze senze imali.”

“Ngangimsekela u-Artan emangeni akhe, ekuntshontsheni nasekushushumbiseni izidakamizwa.”—UJulinda

 Ukuphila kwethu kwashintsha ngo-2002, amaphupho ethu okwenza imali nezinhlelo zethu, kwashabalala konke. Ngabanjwa ngiphethe izidakamizwa eziningi, ngaphinde ngaboshwa.

INDLELA IBHAYIBHELI ELASHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI

 IBhayibheli laqala ukuba nethonya ekuphileni kwami nginganakile. Ngo-2000, uJulinda wayehlangane noFakazi BakaJehova, waqala ukutadisha iBhayibheli nabo. Ngangingakuthandisisi ukuxoxa ngeBhayibheli ngoba ngangicabanga ukuthi kuyabhora. Kodwa uJulinda wayekuthanda. Uyachaza: “Ekhaya sasisonta, ngakho ngangilithanda futhi ngilihlonipha iBhayibheli. Ngangihlale ngifuna ukwazi ukuthi yini efundiswa yiBhayibheli, ngakho ngakujabulela ukulitadisha noFakazi. Okuningi okwakufundiswa iBhayibheli kwakuzwakala kunengqondo kimi. Engakufunda kwangisiza ngenza ushintsho oluthile ekuphileni kwami. Noma kunjalo, indlela engangibheka ngayo imali yayingashintshile kangako—kwaze kwaba yilapho u-Artan eboshwa. Lokho kwashintsha indlela engangicabanga ngayo. Ngabona ukuthi lokho iBhayibheli elikushoyo ngemali kuyiqiniso. Sasenze konke esasingakwenza ukuze sicebe, kodwa sasingajabule. Ngabona ukuthi iziqondiso zikaNkulunkulu kwakumele ngizilandele ngokuphelele.”

 Ngaphuma ejele ngo-2004, ngokushesha ngemva kwalokho ngazama ukubuyela ekushushumbiseni izidakamizwa. Nokho indlela uJulinda ayecabanga ngayo yayisishintshile, ngakho washo okuthile okwangenza ngacabanga: “Angisayifuni imali yakho. Ngifuna umyeni wami, ngifuna ubaba wezingane zami abe la nathi.” Ngamangala, kodwa wayeqinisile. Ngangichithe iminyaka eminingi ngingekho eduze komndeni wami. Ngacabanga ngobuhlungu engangidlule kubo ngizama ukwenza imali ngendlela engekho emthethweni. Ngakho nganquma ukushintsha indlela engangiphila ngayo, ngayeka ukuxhumana nabangani bami bakudala.

 Okwangithinta kakhulu kwaba ukuya emhlanganweni woFakazi BakaJehova nomkami namadodana ethu amabili. Ngathinteka ngempela lapho ngibona ubungani obuqotho abantu ababelapho ababenabo. Ngokuhamba kwesikhathi ngaqala ukutadisha iBhayibheli.

Ngangizitshela ukuthi uma sinemali eningi sizojabula

 Ngafunda eBhayibhelini ukuthi “uthando lwemali luyimpande yazo zonke izinhlobo zezinto ezilimazayo, futhi ngokuzama ukufinyelela lolu thando abanye baye . . . bazigwaza yonke indawo ngeminjunju eminingi.” (1 Thimothewu 6:9, 10) Ngangazi kahle ukuthi lowo mBhalo uyiqiniso kangakanani! Ngangizisola kakhulu ngokuphila engangikuphila, okwaletha ubuhlungu emndenini wami nakimi. (Galathiya 6:7) Lapho ngifunda ngothando uJehova neNdodana yakhe uJesu Kristu abanalo ngathi ngaqala ukushintsha ubuntu bami. Ngaqala ukucabangela abanye kakhulu kunami, okwangenza ngachitha isikhathi esengeziwe nomndeni wami.

INDLELA ENGIZUZE NGAYO

 Ngiye ngazuza kakhulu ngokulandela lesi seluleko seBhayibheli: “Ekuphileni kwenu ningayithandi imali ngokweqile, naneliswe izinto ezikhona.” (Hebheru 13:5) Manje nginokuthula kwengqondo nonembeza ohlanzekile. Lokhu kungenze ngaba nenjabulo engingakaze ngibe nayo ngaphambili. Umshado wami uqinile nomndeni wami usondelene kakhulu.

 Ngangizitshela ukuthi uma sinemali eningi sizojabula. Manje sengiyabona ukuthi ubugebengu nokuthanda imali kwangizwisa ubuhlungu obukhulu. Asicebile ngokwezimali, kodwa sithole into ebaluleke kakhulu—ubungani noJehova uNkulunkulu. Ukumkhonza ndawonye njengomndeni kusenza sijabule ngempela.

Nginomndeni wami emhlanganweni omkhulu woFakazi BakaJehova