Eyokuqala KaJohane 4:1-21

  • Ukuvivinya izimfundiso (1-6)

  • Ukwazi uNkulunkulu nokumthanda (7-21)

    • “UNkulunkulu uluthando” (8, 16)

    • Akukho ukwesaba othandweni (18)

4  Bathandekayo, ningakholwa yizo zonke izimfundiso* okuthiwa zivela kuNkulunkulu, + kodwa zivivinyeni izimfundiso* ukuze nibone ukuthi zivela kuNkulunkulu yini, + ngoba sekukhona abaprofethi abaningi bamanga ezweni. +  Imfundiso evela kuNkulunkulu niyazi ngalokhu: Zonke izimfundiso ezivuma uJesu Kristu njengowafika enyameni zivela kuNkulunkulu. +  Kodwa zonke izimfundiso ezingamvumi uJesu aziveli kuNkulunkulu. + Ngaphezu kwalokho, yiyo le imfundiso yomphik’ ukristu enezwa ukuthi iyeza, + futhi manje isisezweni kakade. +  Bantwanyana, nivela kuNkulunkulu, futhi nibanqobile, *+ ngoba lowo onobunye nani + mkhulu kunalowo onobunye nezwe. +  Bavela ezweni; + yingakho bekhuluma okuvela ezweni futhi izwe libalalela. +  Thina sivela kuNkulunkulu. Noma ubani owazi uNkulunkulu uyasilalela; + noma ubani ongaveli kuNkulunkulu akasilaleli. + Yile ndlela esihlukanisa ngayo imfundiso yeqiniso nemfundiso engamanga. +  Bathandekayo, masiqhubeke sithandana + ngoba uthando luvela kuNkulunkulu, wonke umuntu onothando uzelwe uNkulunkulu futhi uyamazi uNkulunkulu. +  Noma ubani ongenalo uthando akamazi uNkulunkulu, ngoba uNkulunkulu uluthando. +  Ngalokhu uthando lukaNkulunkulu lwaboniswa kithi, ngokuthi uNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe ezelwe yodwa + ezweni ukuze sizuze ukuphila ngayo. + 10  Uthando lusho lokhu, akukhona ukuthi thina siye samthanda uNkulunkulu, kodwa ukuthi yena wasithanda futhi wathumela iNdodana yakhe njengomhlatshelo oyisihlawulelo *+ wezono zethu. + 11  Bathandekayo, uma kuyile ndlela uNkulunkulu asithanda ngayo, khona-ke nathi sibophekile ukuba sithandane. + 12  Akekho umuntu owake wabona uNkulunkulu. + Uma siqhubeka sithandana, uNkulunkulu uhlala kithi nothando lwakhe lwenziwa luphelele kithi. + 13  Ngalokhu siyazi ukuthi sihlale simunye naye futhi naye emunye nathi, ngoba usinike umoya wakhe. 14  Ngaphezu kwalokho, nathi ngokwethu sibonile futhi siyafakaza ukuthi uBaba uthumele iNdodana yakhe njengomsindisi wezwe. + 15  Noma ubani ovumayo ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu, + uNkulunkulu uhlala emunye nomuntu onjalo naye abe munye noNkulunkulu. + 16  Nathi siye salwazi futhi siyalukholelwa uthando uNkulunkulu analo ngathi. + UNkulunkulu uluthando, + futhi lowo ohlala othandweni uhlala emunye noNkulunkulu, noNkulunkulu uhlala emunye naye. + 17  Uthando lwenziwe lwaphelela ngale ndlela kithi, ukuze sibe nenkululeko yokukhuluma *+ ngosuku lokwahlulela, ngoba njengoba nje lowo enjalo, sinjalo nathi kuleli zwe. 18  Akukho ukwesaba othandweni, + kodwa uthando oluphelele luphonsa ukwesaba ngaphandle,* ngoba ukwesaba kuyasivimbela. Ngempela, lowo owesabayo akazange enziwe aphelele othandweni. + 19  Siyathanda ngoba yena wasithanda kuqala. + 20  Uma umuntu ethi: “Ngiyamthanda uNkulunkulu,” kodwa ebe ezonda umfowabo, ungumqambimanga. + Ngoba ongamthandi umfowabo + ambonile, akakwazi ukuthanda uNkulunkulu angambonanga. + 21  Futhi sinalo myalo ovela kuye, wokuthi othanda uNkulunkulu kumelwe athande nomfowabo. +

Imibhalo yaphansi

Noma, “izinkulumo eziphefumulelwe,” ngesiGreki, “imimoya.”
Noma, “izinkulumo eziphefumulelwe,” ngesiGreki, “yiyo yonke imimoya.”
Okuwukuthi, abaprofethi bamanga.
Noma, “njengomhlatshelo ohlawulela; njengenhlawulo.”
Noma, “ukuze sizethembe.”
Noma, “luxosha ukwesaba.”