Eyokuqala KwabaseKorinte 10:1-33

  • Izibonelo eziyisixwayiso emlandweni ka-Israyeli (1-13)

  • Isixwayiso ngokukhonza izithixo (14-22)

    • Itafula likaJehova, itafula lamademoni (21)

  • Inkululeko nokucabangela abanye (23-33)

    • “Zonke izinto zenzeleni inkazimulo kaNkulunkulu” (31)

10  Ngifuna nazi bazalwane, ukuthi okhokho bethu bonke babengaphansi kwefu + futhi bonke badabula olwandle, +  bonke babhapathizelwa kuMose ngefu nangolwandle,  bonke badla ukudla okufanayo okungokomoya, +  bonke baphuza isiphuzo esifanayo esingokomoya. + Ngoba babephuza edwaleni elingokomoya elalibalandela, futhi lelo dwala lalisho uKristu. *+  Noma kunjalo, abaningi babo uNkulunkulu akajabulanga ngabo, ngoba babulawa ehlane. +  Lezi zinto zaba izibonelo kithi, ukuze singazifisi izinto ezilimazayo, njengoba bona bazifisa. +  Ningabi abakhonza izithombe, njengoba abanye kubo benza; njengoba nje kulotshiwe: “Abantu bahlala phansi badla baphuza. Base besukuma bazijabulisa.” +  Masingaziphathi kabi ngokocansi,* njengoba abanye kubo baziphatha kabi ngokocansi,* kwaphumela ekufeni kwabangu-23 000 ngosuku olulodwa. +  Masingamvivinyi uJehova,* njengoba abanye kubo bamvivinya, + kwamane kwaphumela ekubhujisweni kwabo ngezinyoka. + 10  Ningabubuli, njengoba abanye babo babubula, + kwamane kwaphumela ekubhujisweni kwabo umbhubhisi. + 11  Lezi zinto zabehlela njengezibonelo, zalotshelwa ukuba zibe yisixwayiso kithi + esiphila ekupheleni kwale nkathi. 12  Ngakho, lowo ocabanga ukuthi umile makaqaphele ukuba angawi. + 13  Asikho isilingo esinifikele ngaphandle kwalokho okuvamile kubantu. + Kodwa uNkulunkulu uthembekile, ngeke avumele ukuba nilingwe ngaphezu kwalokho eningakuthwala, + kodwa kanye naleso silingo uyokwenza nendlela yokuphuma ukuze nikwazi ukusikhuthazelela. + 14  Ngakho-ke bathandekayo bami, kubalekeleni ukukhonza izithixo. + 15  Ngikhuluma nani njengabantu abanokuqonda; zinqumeleni nina ngokuqondene nalokho engikushoyo. 16  Lapho siphuza indebe yesibusiso esiyibusisayo, sisuke singahlanganyeli yini egazini likaKristu? + Lapho sidla isinkwa esisihlephulayo, sisuke singahlanganyeli yini emzimbeni kaKristu? + 17  Ngenxa yokuthi isinkwa sinye, nathi, nakuba sibaningi, siwumzimba owodwa, + ngoba sonke sidla leso sinkwa esisodwa. 18  Bhekani u-Israyeli ngendlela engokwenyama: Labo abadla imihlatshelo ababona yini abahlanganyeli kanye ne-altare? + 19  Yini-ke engiyishoyo? Ngithi lokho okuhlatshelwe isithixo kuwutho, noma ngithi isithixo siwutho? 20  Cha; kodwa ngithi lokho izizwe ezikwenza umhlatshelo, zikuhlabela amademoni hhayi uNkulunkulu; + angifuni ukuba nibe abahlanganyeli namademoni. + 21  Anikwazi ukuphuza indebe kaJehova* nibe niphuza indebe yamademoni; anikwazi ukudla “etafuleni likaJehova” *+ nibe nidla etafuleni lamademoni. 22  Noma ‘ingabe senza uJehova* abe nesikhwele’? + Asinamandla kunaye, akunjalo? 23  Zonke izinto zingokomthetho,* kodwa akuzona zonke izinto eziwusizo. Zonke izinto zingokomthetho, kodwa akuzona zonke izinto ezakhayo. + 24  Yilowo nalowo makangazifuneli inzuzo yakhe siqu, kodwa eyomunye umuntu. + 25  Yidlani noma yini ethengiswa emakethe yenyama, ningabuzi lutho ngenxa kanembeza wenu, 26  ngoba “umhlaba nakho konke okukuwo kungokukaJehova.” *+ 27  Uma umuntu ongakholwa enimema futhi nithanda ukuya, yidlani noma yini ebekwa phambi kwenu, ningabuzi lutho ngenxa kanembeza wenu. 28  Kodwa uma othile ethi kini: “Lokhu bekwenziwe umhlatshelo,” ningadli ngenxa yalowo onitshelile nangenxa kanembeza. + 29  Angisho unembeza wakho, kodwa owalowo omunye umuntu. Ngoba kungani kufanele inkululeko yami yahlulelwe unembeza womunye umuntu? + 30  Uma ngidla ngokubonga, kungani kumelwe ngihlanjalazwe ngalokho engibongayo ngakho? + 31  Ngakho-ke, kungakhathaliseki ukuthi niyadla noma niyaphuza noma nenza noma yini enye, zonke izinto zenzeleni inkazimulo kaNkulunkulu. + 32  Gwemani ukuba yizimbangela zokukhubeka kumaJuda nakumaGreki nasebandleni likaNkulunkulu, + 33  njengoba nje nami ngizama ukujabulisa bonke abantu ezintweni zonke, ngingafuni ukuzizuzisa mina, + kodwa ukuzuzisa abaningi, ukuze basindiswe. +

Imibhalo yaphansi

Noma, “kwakunguKristu.”
Noma, “zivumelekile.”