Eyokuqala KaPetru 2:1-25

  • Langazelelani izwi (1-3)

  • Amatshe aphilayo akhiwa abe yindlu engokomoya (4-10)

  • Ukuphila njengezifiki ezweni (11, 12)

  • Ukuzithoba ngendlela efanele (13-25)

    • UKristu, isibonelo sethu (21)

2  Ngakho lahlani bonke ububi + nakho konke ukukhohlisa nobuzenzisi nomona nakho konke ukunyevuza.*  Njengezinsana ezisanda kuzalwa, + langazelelani ubisi olungonakalisiwe* lwezwi, ukuze ngalo nikhulele ensindisweni, +  ngoba seninambithile* ukuthi iNkosi inomusa.  Njengoba niza kuyo, itshe eliphilayo elenqatshwa ngabantu + kodwa elikhethiwe neliyigugu kuNkulunkulu, +  nani njengamatshe aphilayo niyakhiwa nibe yindlu engokomoya + ukuze nibe ubupristi obungcwele, ukuze ninikele imihlatshelo engokomoya + eyamukelekayo kuNkulunkulu ngoJesu Kristu. +  Ngoba kuthiwa emBhalweni: “Bheka! Ngibeka itshe elikhethiwe eZiyoni, itshe eliyinhloko lesisekelo eliyigugu, akekho obonisa ukholo kulo oyoke adumazeke.” *+  Ngakho-ke, uyigugu kini, ngoba ningamakholwa; kodwa kulabo abangakholwa, “itshe elenqatshwa abakhi + selibe yitshe legumbi* eliyinhloko” +  “netshe lokukhubekisa nedwala lokucasula.” + Bayakhubeka ngoba abalilaleli izwi. Bamiselwa le njongo.  Kodwa “niluhlanga olukhethiwe, abapristi abangamakhosi, isizwe esingcwele, + isizwe esiyimpahla ekhethekile, + ukuze nimemezele kabanzi ubuhle” + baLowo owanibiza ukuba niphume ebumnyameni ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo. + 10  Ngoba kade ningesona isizwe, kodwa manje seniyisizwe sikaNkulunkulu; + naningaboniswanga isihe, kodwa manje seniboniswe isihe. + 11  Bathandekayo, ngininxusa njengezifiki nezakhamuzi zesikhashana + ukuba niqhubeke nideda ezifisweni zenyama, + ezilwa nani. + 12  Gcinani ukuziphatha kwenu kukuhle phakathi kwezizwe, + ukuze kuthi lapho zinimangalela ngokuthi ningabenzi bokubi, zizibonele imisebenzi yenu emihle, + bese zikhazimulisa uNkulunkulu ngosuku lokuhlola kwakhe. 13  Ngenxa yeNkosi zithobeni kuwo wonke amagunya abekwe ngabantu, *+ kungaba senkosini + njengephakeme 14  noma kubabusi njengabathunywe yiyo ukuba bajezise abenzi bokubi kodwa badumise labo abenza okuhle. + 15  Ngoba kuyintando kaNkulunkulu ukuba ngokwenza okuhle nithulise* abantu abangenangqondo + abakhuluma ngokumelene nani ngenxa yokungazi. 16  Yibani ngabantu abakhululekile, + nokho ningasebenzisi inkululeko yenu njengesembozo* sokwenza okubi, + kodwa njengezinceku zikaNkulunkulu. + 17  Hloniphani zonke izinhlobo zabantu, + thandani bonke enikholwa nabo, *+ mesabeni uNkulunkulu, + dumisani inkosi. + 18  Izinceku mazizithobe emakhosini azo ngakho konke ukwesaba okufanele, + hhayi nje kuphela kwamahle nabonelelayo, kodwa nakulawo okunzima ukuwajabulisa. 19  Ngoba kuyamukeleka lapho umuntu ebekezelela ubunzima* futhi ehlupheka ngokungafanele ukuze abe nonembeza ohlanzekile phambi kukaNkulunkulu. + 20  Ngoba kunanzuzoni uma nishaywa ngenxa yokona futhi nikukhuthazelela? + Kodwa uma nikhuthazelela ukuhlupheka ngenxa yokwenza okuhle, lokhu kuyinto eyamukelekayo kuNkulunkulu. + 21  Eqinisweni, nabizelwa khona lokhu, ngoba ngisho noKristu wahlupheka ngenxa yenu, + enishiyela isibonelo ukuze nilandele izinyathelo zakhe eduze. + 22  Akenzanga sono, + nenkohliso ayitholakalanga emlonyeni wakhe. + 23  Lapho ethukwa, + akaphindiselanga ngokuthuka. + Lapho ehlupheka, + akasongelanga, kodwa wathembela kuLowo owahlulela + ngokulunga. 24  Yena ngokwakhe wathwala izono zethu + emzimbeni wakhe esigxotsheni, *+ ukuze sikhululwe ezonweni* futhi siphilele ukulunga. Futhi “nelashwa ngamanxeba akhe.” + 25  Ngoba naninjengezimvu ezidukayo, + kodwa manje senibuyele kumalusi + nombonisi wemiphefumulo yenu.*

Imibhalo yaphansi

Ukukhuluma umuntu kabi.
Noma, “olumsulwa.”
Noma, “senizizwele ngokwenu.”
NgesiGreki, “ahlazeke.”
NgesiGreki, “lasekhoneni.”
Noma, “kuzo zonke izimiso ezibekwe ngabantu.”
NgesiGreki, “nibavale umlomo.”
Noma, “njengezaba.”
NgesiGreki, “abazalwane.”
Noma, “usizi; ubuhlungu.”
Noma, “esihlahleni.”
Noma, “ukuze sife ngokuqondene nezono; sihlukane nezono.”
Noma, “wezimpilo zenu.”