Eyokuqala KwabaseThesalonika 5:1-28

  • Ukuza kosuku lukaJehova (1-5)

    • “Ukuthula nokulondeka!” (3)

  • Hlalani niphapheme, nihlale nisangulukile (6-11)

  • Ukunxusa (12-24)

  • Imikhonzo (25-28)

5  Manje ngokuqondene nezikhathi nezinkathi, bazalwane, anidingi kubhalelwa lutho ngakho.  Ngoba nina ngokwenu nazi kahle ukuthi usuku lukaJehova *+ luza ngokufana ncamashi nesela ebusuku. +  Noma nini lapho bethi, “Ukuthula nokulondeka!” khona-ke imbubhiso engazelelwe iyobafikela ngaso leso sikhathi, + njengemihelo efikela owesifazane okhulelwe futhi abasoze baphunyuka nangayiphi indlela.  Kodwa nina, bazalwane, anikho ebumnyameni, ukuba lolo suku lunifice ngendlela ukukhanya kosuku obekungafica ngayo amasela,  ngoba nonke ningamadodana okukhanya namadodana emini. + Asibona abantu bobusuku noma bobumnyama. +  Ngakho-ke, masingalali njengoba kwenza bonke abanye, + kodwa masihlale siphapheme + futhi sihlale sisangulukile. +  Ngoba abalalayo balala ebusuku, nabadakwayo badakwa ebusuku. +  Kodwa thina esingabemini, masihlale sisangulukile futhi sigqoke isivikelo sesifuba sokholo nothando, sifake nethemba lensindiso njengesigqoko sokuzivikela +  ngoba uNkulunkulu akasabelanga ulaka, kodwa wasabela ukuba sizuze insindiso + ngeNkosi yethu uJesu Kristu. 10  Yasifela, + ukuze noma ngabe sihleli siphapheme noma silele,* siphile kanye nayo. + 11  Ngakho-ke, qhubekani nikhuthazana* futhi nakhana, + njengoba nje eqinisweni nenza. 12  Manje siyanicela, bazalwane, ukuba nibahloniphe labo abasebenza kanzima phakathi kwenu nabanengamele eNkosini futhi abaniyalayo; 13  nokuba ngothando nibacabangele kakhulu ngenxa yomsebenzi wabo. + Yibani nokuthula omunye nomunye. + 14  Ngakolunye uhlangothi, siyaninxusa, bazalwane, ukuba nibaxwayise* abangahlelekile, + nibaduduze abacindezelekile,* nisekele ababuthakathaka ngokomoya, nibabekezelele bonke. + 15  Qaphelani ukuba kungabikho muntu ophindisela ukulinyazwa ngokulimaza kunoma ubani, + kodwa ngaso sonke isikhathi nenzelane okuhle nabo bonke abanye. + 16  Jabulani ngaso sonke isikhathi. + 17  Thandazani njalo. + 18  Bongani ngakho konke. + Lokhu kuyintando kaNkulunkulu ngani kuKristu Jesu. 19  Ningawucimi umlilo womoya. + 20  Ningazideleli iziprofetho. + 21  Qinisekani ngazo zonke izinto; + bambelelani niqinise kokuhle. 22  Dedani kuzo zonke izinhlobo zobubi. + 23  Kwangathi uNkulunkulu wokuthula anganingcwelisa ngokuphelele. Futhi kwangathi umoya nomphefumulo* nomzimba wenu bazalwane, okuphilile kuzo zonke izici, kungagcinwa kungasoleki ekubeni khona kweNkosi yethu uJesu Kristu. + 24  Lowo onibizayo uthembekile, futhi nakanjani uyokwenza kanjalo. 25  Bazalwane, qhubekani nisithandazela. + 26  Khonzani kubo bonke abazalwane ngokubaqabula. 27  Nginibeka ngaphansi kwesibopho ngeNkosi ukuba le ncwadi ifundelwe bonke abazalwane. + 28  Umusa omkhulu weNkosi yethu uJesu Kristu ube nani.

Imibhalo yaphansi

Noma, “sifile.”
Noma, “niduduzana.”
Noma, “nibayale.”
Noma, “abadikibele.”
Noma, “nokuphila.” Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.