Eyesibili KaPetru 3:1-18

  • Abahleki bosulu bayayishalazela imbubhiso ezayo (1-7)

  • UJehova akephuzi (8-10)

  • Cabangani ngohlobo lwabantu okufanele nibe yilo (11-16)

    • Amazulu amasha nomhlaba omusha (13)

  • Qaphani ukuze ningadukiswa (17, 18)

3  Bathandekayo, le ­ncwadi ngeyesibili enginibhalela yona, njengasencwadini yami yokuqala, ngivusa ngayo amandla enu okucabanga ngokucacile, ngendlela yokunikhumbuza, +  ukuba nikhumbule amazwi akhulunywa ngaphambili* abaprofethi abangcwele nomyalo weNkosi noMsindisi enawuthola ngabaphostoli benu.  Okokuqala yazini lokhu, ukuthi ezinsukwini zokugcina kuyofika abahleki bosulu nokuhleka kwabo usulu, beqhubeka ngokwezifiso zabo +  bethi: “Kuphi lokhu kuba khona kwakhe okuthenjisiwe? + Phela, kusukela osukwini okhokho bethu abafa ngalo, zonke izinto ziqhubeka ngokufana ncamashi nasekuqaleni kwendalo.” +  Ngoba balishalazela ngamabomu leli qiniso, lokuthi kudala ayekhona amazulu nomhlaba omi uqinile uvele emanzini futhi uphakathi kwamanzi ngezwi likaNkulunkulu; +  nokuthi ngawo izwe langaleso sikhathi labhujiswa lapho limbozwa amanzi. +  Kodwa ngezwi elifanayo amazulu nomhlaba okukhona manje kubekelwe umlilo futhi kuyagcinwa kuze kube usuku lokwahlulelwa nolokubhujiswa kwabantu abangamhloniphi uNkulunkulu. +  Nokho, lokhu makunganiphunyuki, bathandekayo, ukuthi usuku olulodwa kuJehova* lunjengeminyaka eyinkulungwane neminyaka eyinkulungwane injengosuku olulodwa. +  UJehova* akephuzi ukugcwalisa isithembiso sakhe, + njengoba abanye abantu becabanga ukuthi uyephuza, kodwa uyanibekezelela ngoba akafisi ukuba kubhubhe ngisho noyedwa, kodwa ufisa ukuba bonke baphenduke. + 10  Kodwa usuku lukaJehova *+ luyofika njengesela, + okuyodlula ngalo amazulu + ngenhlokomo,* kodwa izakhi njengoba ziyobe zishisa kakhulu ziyoncibilika, futhi umhlaba nemisebenzi ekuwo kuyokwambulwa. + 11  Njengoba zonke lezi zinto ziyoncibilika ngale ndlela, cabangani ngohlobo lwabantu okufanele nibe yilo ezenzweni zokuziphatha ezingcwele nasezenzweni zokuzinikela kuNkulunkulu, 12  njengoba nilindele futhi nikukhumbula njalo* ukufika kosuku lukaJehova, *+ okuyothi ngalo amazulu ashiswe ngomlilo aphele + nezinto zawo zincibilike ngenxa yokushisa okukhulu! 13  Kodwa kukhona amazulu amasha nomhlaba omusha esikulindele ngokwesithembiso sakhe, + futhi kukho kuyohlala ukulunga. + 14  Ngakho-ke, bathandekayo, njengoba nilindele lezi zinto, yenzani konke okusemandleni enu ukuba ekugcineni anithole ningenabala, ningenasici futhi ninokuthula. + 15  Ngaphezu kwalokho, bhekani ukubekezela kweNkosi yethu njengensindiso, njengoba nje umfowethu othandekayo uPawulu naye anibhalela ngokuhlakanipha akunikwa, + 16  ekhuluma ngalezi zinto njengoba enza kuzo zonke izincwadi zakhe. Nokho, kukhona izinto ezithile kuzo okunzima ukuziqonda, abangazi lutho* nabangagxilile bayazisonta lezi zinto, njengoba benza nakuyo yonke eminye imiBhalo, okuyobenza babhujiswe. 17  Ngakho-ke, nina bathandekayo, njengoba vele senazi, qaphani ukuze ningadukiswa kanye nabo ngesiphambeko sabantu abangenamthetho futhi niwe ekugxileni* kwenu. + 18  Cha, kodwa qhubekani nikhula emseni omkhulu nasolwazini ngeNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu. Inkazimulo mayibe kuye manje nasosukwini lwangunaphakade. Amen.

Imibhalo yaphansi

Noma, “izinto ezabikezelwa.”
Noma, “ngomsindo ohazayo.”
Noma, “nikulangazelela.” NgesiGreki, “nikusheshisa.”
Noma, “abangafundisiwe.”
Noma, “ekuzinzeni.”