Eyesibili KaSamuweli 23:1-39

  • Amazwi okugcina kaDavide (1-7)

  • Ukunqoba kwamaqhawe kaDavide (8-39)

23  Lawa ngamazwi okugcina kaDavide: + “Amazwi kaDavide indodana kaJese, + Namazwi endoda ekhazinyulisiwe, + Ogcotshiwe + kaNkulunkulu kaJakobe, Umhlabeleli othandekayo* wezingoma + zakwa-Israyeli.   Umoya kaJehova wakhuluma ngami; + Izwi lakhe lalisolimini lwami. +   UNkulunkulu ka-Israyeli wakhuluma; IDwala lika-Israyeli + lathi kimi: ‘Lapho umuntu obusa phezu kwesintu elungile, + Ebusa ngokwesaba uNkulunkulu, +   Kunjengokukhanya kokusa lapho ilanga liphuma, + Ukusa okungenamafu. Kunjengokukhanya ngemva kwemvula, Okwenza kuhlume utshani emhlabeni.’ +   Ayinjalo yini indlu yami phambi kukaNkulunkulu? Ngoba wenze isivumelwano saphakade nami, + Esihlelwe kahle senziwa salondeka. Ngoba sisho ukusindiswa kwami ngokuphelele nayo yonke injabulo yami, Yingakho esiphumelelisa. +   Kodwa abantu abangelusizo lwalutho balahlwa bonke + njengezihlahla ezinameva, Ngoba azinakuthathwa ngesandla.   Lapho umuntu ezithinta, Kufanele abe ehlome ngokuphelele ngensimbi nangomphini womkhonto, Kufanele zishiswe ngomlilo ziphele endaweni yazo.”  Yilawa amagama amaqhawe kaDavide anamandla: + UJoshebi-bashebeti umTahekemoni, inhloko yalaba abathathu. + Wabulala amadoda angu-800 ngomkhonto ngasikhathi sinye.  Wayelandelwa u-Eleyazare + indodana kaDodo + indodana ka-Ahohi owayephakathi kwamaqhawe amathathu anamandla ayekanye noDavide lapho beklolodela amaFilisti. Ayebuthene lapho ezolwa, ngakho lapho amadoda akwa-Israyeli ebaleka, 10  yena akazange abaleke, waqhubeka ewabulala amaFilisti ingalo yakhe yaze yakhathala nesandla sakhe saze sanamathela enkembeni + yakhe. Ngakho uJehova wabangela ukunqoba okukhulu* ngalolo suku; + abantu bajika babuyela kuye ukuze bahlubule ababulewe. 11  Wayelandelwa uShamumaha indodana ka-Age umHarari. AmaFilisti aqoqana eLehi, lapho kwakukhona insimu eyayigcwele udali; abantu babaleka ngenxa yamaFilisti. 12  Kodwa yena wama phakathi nensimu wayilwela, waqhubeka ebulala amaFilisti, uJehova wabenza banqoba. *+ 13  Abathathu ezinduneni ezingu-30 behla ngesikhathi sokuvuna baya kuDavide emgedeni wase-Adulamu, + amaFilisti ayemise amatende eSigodini SamaRefa. + 14  Ngaleso sikhathi uDavide wayesenqabeni, + ibutho lamaFilisti liseBhetlehema. 15  UDavide wathi: “Uma nje ngingaphuza amanzi omthombo osesangweni laseBhetlehema ngingajabula kakhulu!” 16  Lapho ezwa lokho, la maqhawe amathathu afohla angena ekamu lamaFilisti akha amanzi emthonjeni owawungasesangweni laseBhetlehema awaletha kuDavide; kodwa wenqaba ukuwaphuza, wawathululela phansi emhlabathini phambi kukaJehova. + 17  Wathi: “Angisoze ngakwenza lokhu Jehova! Ingabe kufanele ngiphuze igazi + lamadoda abeke ukuphila kwawo* engozini?” Ngakho wenqaba ukuwaphuza. Lezi yizinto ezenziwa amaqhawe akhe amathathu anamandla. 18  U-Abhishayi + umfowabo kaJowabe indodana kaZeruya, + wayeyinhloko yabanye abathathu; wabulala abangaphezu kuka-300 ngomkhonto, futhi wayenedumela elinjengelabokuqala abathathu. + 19  Nakuba ayevelele kulaba abanye abathathu futhi eyinduna yabo, akazange afike ezingeni labokuqala abathathu. 20  UBhenaya + indodana kaJehoyada wayeyindoda enesibindi* eyenza izenzo eziningi zobuqhawe eKabiziyeli. + Wabulala amadodana amabili ka-Ariyeli wakwaMowabi, wehlela emgodini wamanzi ngolunye usuku likhithika wabulala ibhubesi. + 21  Wabulala nomGibhithe owayemude ngendlela engavamile. Nakuba lo mGibhithe ayephethe umkhonto, waya kuye ephethe induku wafike wahlwitha umkhonto esandleni somGibhithe, wambulala ngomkhonto wakhe. 22  Lezi zinto zenziwa uBhenaya indodana kaJehoyada, wayenedumela elifana nelamaqhawe amathathu anamandla. 23  Nakuba ayevelele ngisho nakakhulu kunalaba abangamashumi amathathu, akazange afike ezingeni lalaba bokuqala abathathu. Nokho, uDavide wammisa ukuba aphathe onogada bakhe. 24  U-Asaheli + umfowabo kaJowabe wayephakathi kwabangu-30: u-Elihanani indodana kaDodo waseBhetlehema, + 25  uShamumaha umHarodi, u-Elika umHarodi, 26  uHelezi + umPhaliti, u-Ira + indodana ka-Ikheshi waseThekhowa, 27  u-Abhi-ezeri + umAnathoti, + uMebunayi umHushati, 28  uZalimoni umAhohi, uMaharayi + umNethofa, 29  uHelebi indodana kaBhahana umNethofa, u-Ithayi indodana kaRibayi waseGibheya lakwaBhenjamini, 30  uBhenaya + umPirathoni, uHidayi wasemihosheni* yaseGahashi, + 31  u-Abhi-aliboni umAraba, u-Azimaveti umBhaharumi, 32  u-Eliyaba umShahaliboni, amadodana kaJasheni, uJonathani, 33  uShamumaha umHarari, u-Ahiyamu indodana kaSharari umHarari, 34  u-Elifeleti indodana ka-Ahashibayi indodana yomuntu waseMahakhati, u-Eliyamu indodana ka-Ahithofeli + waseGilo, 35  uHeziro umKarmeli, uPhaharayi umArabi, 36  u-Igali indodana kaNathani waseZoba, uBhani wakwaGadi, 37  uZeleki umAmoni, uNaharayi waseBheyeroti, isikhonzi esiphatha izikhali zikaJowabe indodana kaZeruya, 38  u-Ira umIthire, uGarebi umIthire + 39  no-Uriya + umHeti—babengu-37 sebebonke.

Imibhalo yaphansi

Noma, “Umuntu othandekayo.”
Noma, “insindiso enkulu.”
Noma, “wabalethela insindiso enkulu.”
Noma, “imiphefumulo yawo.”
NgesiHebheru, “wayeyindodana yendoda eyiqhawe.”