AmaHubo 55:1-23

  • Umthandazo lapho ejikelwe ngumngane

    • Ngiklolodelwa umngane omkhulu (12-14)

    • “Phonsa umthwalo wakho kuJehova” (22)

Kumqondisi; kufanele lihambisane nezinsimbi zomculo ezinezintambo. Imaskili* likaDavide. 55  O Nkulunkulu, lalela umthandazo wami, +Ungasizibi isicelo sami sokuboniswa isihe. *+   Ngilalele ungiphendule. + Ukukhathazeka kwami kungenza ngingahlaliseki, +Ngicindezelekile   Ngenxa yalokho okushiwo yisitha Nangenxa yokucindezelwa omubi. Ngoba balokhu bengibangela izinkinga, Ngentukuthelo bangibambela amagqubu. +   Inhliziyo yami ibuhlungu, +Ngiyesaba ukuthi ngingase ngife. +   Ngifikelwa ukwesaba nokuthuthumela,Ngiyaqhaqhazela.   Ngilokhu ngithi: “Ukube nje benginamaphiko njengejuba! Bengiyondiza ngiyohlala endaweni ephephile.   Bengiyobaleka ngiye kude. + Bengiyohlala ehlane. + (Sela)   Bengiyoshesha ngiye endaweni yokukhoselaKude nomoya onamandla, kude nesiphepho.”   O Jehova, baphithanise ubhuntshise amacebo abo, *+Ngoba ngibone udlame nezingxabano edolobheni. 10  Imini nobusuku bayalizungeza behamba phezu kwezindonga zalo;Ngaphakathi kulo kukhona ukulimaza nezinkathazo. + 11  Ngaphakathi kulo kukhona ukucekela phansi;Ukucindezela nokukhohlisa akulokothi kusuke esigcawini salo. + 12  Ngoba akusona isitha esingiklolodelayo; +Ukube bekunjalo bengiyosibekezelela. Akusona isitha esingivukele;Ukube bekunjalo bengiyosicashela. 13  Kodwa nguwe, muntu ofana nami, *+Mngane wami engimazi kahle. + 14  Sasingabangane abakhulu;Sasivame ukuhamba nesixuku siye endlini kaNkulunkulu. 15  Kwangathi izitha zami zingabhujiswa! + Mazehlele eThuneni* ziphila;Ngoba kukhona ububi ezindaweni ezihlala kuzo nasezinhliziyweni zazo. 16  Kepha mina, ngiyombiza uNkulunkulu,UJehova uyongisindisa. + 17  Kusihlwa nasekuseni nasemini ngikhathazekile futhi ngiyabubula, +Uyalizwa izwi lami. + 18  Uyonginika ukuthula angikhulule kulabo abalwa nami,Ngoba baningi abangihlaselayo. + 19  UNkulunkulu uyozwa abaphendule, +Lowo ohlezi esihlalweni sobukhosi kusukela kudala. + (Sela) Bayokwenqaba ukuphenduka,Labo abangamesabi uNkulunkulu. + 20  Umngane wami* uhlasele abangane bakhe; +Usiphulile isivumelwano sakhe. + 21  Amazwi akhe abushelelezi kunebhotela, +Kodwa inhliziyo yakhe ithanda izingxabano. Amazwi akhe amnandi,*Kodwa anjengezinkemba ezibukhali. + 22  Phonsa umthwalo wakho kuJehova, +Yena uyokusekela. + Akasoze avumele olungile awe. *+ 23  Kodwa wena Nkulunkulu, uyobehlisela emgodini ojulile. + Labo abanecala legazi nabakhohlisayo bayosheshe bafe. + Kepha mina, ngizothembela kuwe.

Imibhalo yaphansi

Noma, “Ungazifihli lapho ngithandaza ngicela usizo.”
NgesiHebheru, “uhlukanise ulimi lwabo.”
Noma, “ntanga yami.”
Noma, “eShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Okuwukuthi, lowo owayengumngane wakhe okukhulunywe ngaye evesini 13 no-14.
NgesiHebheru, “athambe ukwedlula amafutha.”
Noma, “antengantenge; anyakaziswe.”