Kwabase-Efesu 4:1-32

  • Ubunye emzimbeni kaKristu (1-16)

    • Izipho ezingabantu (8)

  • Ubuntu obudala nobusha (17-32)

4  Ngakho-ke, mina siboshwa + eNkosini, ngiyanincenga ukuba nihambe ngendlela efanele + ukubizwa enabizwa ngakho,  ngokuthobeka *+ okuphelele nobumnene, ngokubekezela, + nibekezelelana ngothando, +  nizama ngenkuthalo ukugcina ubunye bomoya esibophweni esihlanganisayo sokuthula. +  Kukhona umzimba owodwa, + nomoya owodwa, + njengoba nje nabizelwa ethembeni + elilodwa lokubizwa kwenu;  iNkosi eyodwa, + ukholo olulodwa, ubhapathizo olulodwa;  uNkulunkulu oyedwa futhi onguYise wabo bonke abantu, ophezu kwabo bonke, okubo bonke futhi ophakathi kwabo bonke.  Yilowo nalowo kithi waphiwa umusa omkhulu ngokwendlela uKristu asinikeza ngayo lesi sipho samahhala. +  Ngoba imiBhalo ithi: “Lapho enyukela phezulu wathumba izithunjwa; waphana ngezipho ezingabantu.” +  Pho isho ukuthini inkulumo ethi “wanyuka”? Isho ukuthi wayekade ehlele ezindaweni eziphansi, okuwukuthi, emhlabeni. 10  Yena kanye owehla nguye futhi owanyukela ngaphezulu + kakhulu kunawo wonke amazulu, + ukuze ngaye zonke izinto zigcwale. 11  Wamisa abanye njengabaphostoli, + abanye njengabaprofethi, + abanye njengabavangeli, *+ abanye njengabelusi nanjengabafundisi, + 12  enombono wokuqeqeshwa* kwabangcwele, ukuze benze umsebenzi wokukhonza, ukuze kwakhiwe umzimba kaKristu, + 13  kuze kube yilapho sonke sesimunye okholweni nasolwazini olunembile ngeNdodana kaNkulunkulu, sibe amadoda akhule* ngokugcwele, + esilinganisweni sobukhulu esingesokugcwala kukaKristu. 14  Ngakho akusafanele sibe yizingane, sijikijeleke ngapha nangapha sengathi sijikijelwa amagagasi futhi siyiswe le nale yizo zonke izinhlobo zemfundiso *+ ngokukhohlisa kwabantu, ngamanga aklanywe ngobuqili. 15  Kodwa sikhuluma iqiniso, masikhule ngothando kuzo zonke izinto sikhulele kuye oyinhloko, uKristu. + 16  Ngaye, wonke umzimba + uhlanganiswa ndawonye ngokuvumelanayo futhi wenziwa ukuba ubambisane ngawo wonke amalunga anikeza lokho okudingekayo. Lapho ilunga ngalinye lisebenza kahle, lokhu kwenezela ekukhuleni komzimba njengoba uzakha othandweni. + 17  Ngakho yilokhu engikushoyo nengikufakazelayo eNkosini, ukuthi ningabe nisaqhubeka nihamba njengoba izizwe zihamba + ekucabangeni kwazo okuyize. *+ 18  Zisebumnyameni ngengqondo futhi zihlukanisiwe nokuphila okungokukaNkulunkulu, ngenxa yokungazi kwazo, ngenxa yokungazweli* kwezinhliziyo zazo. 19  Njengoba zazingasenawo nhlobo umuzwa wokuziphatha okuhle, zazinikela ekuziphatheni kabi okuhambisana nendelelo *+ ukuze zenze zonke izinhlobo zokungcola ngokuhaha. 20  Kodwa nina anifundanga ukuthi uKristu unjalo, 21  uma ngempela nimzwile futhi nifundisiwe ngaye, njengoba nje iqiniso likuJesu. 22  Nafundiswa ukuba nilahle ubuntu obudala + obuvumelana nenkambo yenu yokuziphatha yangaphambili futhi obonakaliswa yizifiso ezikhohlisayo. + 23  Qhubekani nenziwa basha endleleni yenu yokucabanga, *+ 24  futhi nigqoke ubuntu obusha + obadalwa ngokwentando kaNkulunkulu ngokulunga kweqiniso nokuthembeka. 25  Ngakho-ke, njengoba senikuyekile ukukhohlisa, yilowo nalowo kini makakhulume iqiniso nomakhelwane wakhe, + ngoba singamalungu ahlanganiswe ndawonye. *+ 26  Thukuthelani kodwa ningoni; + ilanga malingashoni nisacasukile; + 27  ningamniki uDeveli ithuba. *+ 28  Owebayo makangabe eseba; kunalokho makasebenze kanzima, enze umsebenzi omuhle ngezandla zakhe, + ukuze abe nokuthile kokupha umuntu oswele. + 29  Makungaphumi izwi elibolile emilonyeni yenu, + kodwa izwi elakhayo kuphela, kuye ngokwesidingo, ukuze lidlulisele okuzuzisayo kwabezwayo. + 30  Futhi, ningawenzi lusizi* umoya ongcwele kaNkulunkulu, + enaphawulwa ngawo + kuze kube usuku lokukhululwa ngesihlengo. + 31  Susani kini yonke inhlobo yenzondo, + intukuthelo, ulaka, ukuklabalasa nenkulumo elimazayo + nayo yonke into elimazayo. + 32  Kodwa bonisanani umusa, nibe nobubele, + nithethelelane ngokukhululekile njengoba nje noNkulunkulu anithethelela ngokukhululekile ngoKristu. +

Imibhalo yaphansi

Noma, “ngokuthobeka kwengqondo.”
Noma, “njengabamemezeli bezindaba ezinhle.”
Noma, “wokulungiswa.”
Noma, “avuthwe.”
Noma, “umoya wemfundiso.”
Noma, “ebuzeni bezingqondo zazo.”
NgesiGreki, “yokuba buthuntu.”
Noma, “ekuziphatheni okuyichilo.” NgesiGreki, a·selʹgei·a. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “emandleni ashukumisa ingqondo yenu.” NgesiGreki, “emoyeni wengqondo yenu.”
Noma, “singamalungu elinye nelinye.”
Noma, “indawo.”
Noma, “ningawudabukisi.”