Incwadi KaJakobe 1:1-27

  • Ukubingelela (1)

  • Ukukhuthazela kuletha injabulo (2-15)

    • Ukholo oluvivinyiwe (3)

    • Qhubekani nicela ngokholo (5-8)

    • Isifiso siholela esonweni nasekufeni (14, 15)

  • Zonke izipho ezinhle zivela phezulu (16-18)

  • Ukuba abezwayo nabenzi bezwi (19-25)

    • Umuntu ozibuka esibukweni (23, 24)

  • Ukukhulekela okuhlanzekile nokungangcolile (26, 27)

1  UJakobe, + inceku kaNkulunkulu neyeNkosi uJesu Kristu, ezizweni ezingu-12 ezihlakazekile: Ngiyanibingelela!  Kubhekeni njengenjabulo yodwa, bazalwane, lapho nihlangabezana nokulingwa okuhlukahlukene, +  njengoba nazi ukuthi ukuvivinywa okunjalo kokholo lwenu kuveza ukukhuthazela. +  Kodwa vumelani ukukhuthazela kufeze umsebenzi wako, ukuze nibe abaphelele nabaphilile ezicini zonke, abangasweli lutho. +  Ngakho, uma noma ubani kini engenakho ukuhlakanipha, makaqhubeke ekucela kuNkulunkulu, + uyomnika kona + ngoba ubapha bonke ngesandla esivulekile ngaphandle kokusola. *+  Kodwa makaqhubeke ecela ngokholo, + engangabazi neze, + ngoba ongabazayo ufana negagasi lolwandle eliqhutshwa umoya lipheshulwa liyiswa ngapha nangapha.  Eqinisweni, lowo muntu akufanele alindele ukuthi uyothola okuthile kuJehova;*  ungumuntu omanqikanqika, + oguquguqukayo ezindleleni zakhe zonke.  Kodwa umzalwane ophansi makajabule* ngokuphakanyiswa kwakhe, + 10  nocebile ngokuthotshiswa kwakhe, + ngoba uyoshabalala* njengembali yasendle. 11  Njengoba nje ilanga liphuma nokushisa kwalo okukhulu libunise isitshalo, imbali yaso iwele phansi nokubukeka kwayo okuhle kushabalale, nesicebi siyobuna kanjalo sisagijimisa ingcebo. + 12  Uyajabula umuntu oqhubeka ekhuthazelela ukulingwa, + ngoba lapho amukeleka uyothola umqhele wokuphila, + uJehova* awuthembisa labo abaqhubeka bemthanda. + 13  Uma umuntu elingwa makangasho ukuthi: “Ngilingwa uNkulunkulu.” Ngoba uNkulunkulu akanakulingwa ngezinto ezimbi futhi yena ngokwakhe akalingi muntu. 14  Kodwa yilowo nalowo ulingwa ngokuhehwa nangokuyengwa* yisifiso sakhe. + 15  Lapho isifiso sesakhekile,* sizala isono; lapho isono sesenziwe, siveza ukufa. + 16  Ningadukiswa, bazalwane abathandekayo. 17  Zonke izipho ezinhle nazo zonke izipho eziphelele zivela phezulu, + zehla zivela kuYise wezinkanyiso zasezulwini, + ongashintshashintshi noma aphenduke kuhle kwethunzi. *+ 18  Kwakuyintando yakhe ukuba asizale ngezwi leqiniso, + ukuze sibe uhlobo oluthile lwezithelo zokuqala zezidalwa zakhe. + 19  Yazini lokhu, bazalwane abathandekayo: Wonke umuntu kumelwe asheshe ukulalela, ephuze ukukhuluma, + angasheshi ukuthukuthela, + 20  ngoba intukuthelo yomuntu ayikulethi ukulunga kukaNkulunkulu. + 21  Ngenxa yalokho, lahlani konke ukungcola nayo yonke iminonjana yobubi, *+ namukele ngobumnene ukugxiliswa kwezwi elikwazi ukunisindisa. 22  Nokho, yibani abenzi bezwi + ningabi abalizwayo kuphela, nizikhohlisa ngokucabanga okungamanga. 23  Ngoba uma umuntu engumuzwi wezwi, engeyena umenzi, + lowo ufana nomuntu ozibuka ubuso esibukweni. 24  Ngoba uyazibuka, bese ehamba futhi masinyane akhohlwe ukuthi ungumuntu onjani. 25  Kodwa lowo obukisisa umthetho ophelele + ongowenkululeko nophikelelayo kuwo, ube ngumenzi womsebenzi akabanga umuntu ozwayo akhohlwe; uyojabula ngalokho akwenzayo. + 26  Uma umuntu ecabanga ukuthi ungumkhulekeli kaNkulunkulu* kodwa engalulawuli ulimi lwakhe, *+ ukhohlisa inhliziyo yakhe nokukhulekela kwakhe kuyize. 27  Indlela yokukhulekela* ehlanzekile nengangcolile ngokombono kaNkulunkulu noBaba wethu yile: ukunakekela izintandane + nabafelokazi + osizini lwabo, + nokuba umuntu azigcine engenalo ibala ezweni. +

Imibhalo yaphansi

Noma, “kokuthola iphutha.”
NgesiGreki, “makaziqhayise.”
Noma, “uyofa.”
Noma, “nangokungathi ubanjwe udobo.”
NgesiGreki, “sesivundile.”
Noma, “kuye akukho ukushintshashintsha kokuphenduka kwethunzi.”
Noma kungaba, “nabo bonke ububi.”
Noma, “ukhonza uNkulunkulu; uyakholwa.”
Noma, “kodwa engalufaki amatomu ulimi lwakhe.”
Noma, “yokukhonza.”