NgokukaJohane 3:1-36

  • UJesu noNikhodemu (1-21)

    • Ukuzalwa kabusha (3-8)

    • UNkulunkulu walithanda izwe (16)

  • UJohane ufakaza okokugcina ngoJesu (22-30)

  • Ovela phezulu (31-36)

3  Kwakukhona umuntu othile kubaFarisi, kunguNikhodemu + igama lakhe, umbusi wamaJuda.  Lona weza kuJesu ebusuku + wathi: “Rabi, + siyazi ukuthi ungumfundisi ovela kuNkulunkulu, ngoba akekho ongenza lezi zibonakaliso + ozenzayo ngaphandle kokuba uNkulunkulu enaye.” +  UJesu waphendula wathi kuye: “Ngiqinisile impela ngithi kuwe, ngaphandle kokuba umuntu aphinde azalwe, *+ akanakuwubona uMbuso kaNkulunkulu.” +  UNikhodemu wathi kuye: “Umuntu angazalwa kanjani esemdala? Akakwazi ukungena esibelethweni sikanina okwesibili futhi azalwe, akunjalo?”  UJesu waphendula: “Ngiqinisile impela ngithi kuwe, ngaphandle kokuba umuntu azalwe ngamanzi + nomoya, + akakwazi ukungena eMbusweni kaNkulunkulu.  Lokho okuzelwe yinyama kuyinyama, nalokho okuzelwe ngumoya kuwumoya.  Ungamangali ngokuthi ngithe: Kumelwe niphinde nizalwe.  Umoya uvunguza lapho uthanda khona, uwuzwe nomsindo wawo, kodwa awazi ukuthi uvelaphi nokuthi uyaphi. Kunjalo nangawo wonke umuntu ozelwe ngumoya.” +  UNikhodemu wathi kuye: “Zingenzeka kanjani lezi zinto?” 10  UJesu waphendula wathi kuye: “Ungumfundisi ka-Israyeli, kodwa awuzazi lezi zinto? 11  Ngiqinisile impela ngithi kuwe, lokho esikwaziyo siyakukhuluma nalokho esikubonile siyafakaza ngakho, kodwa nina anibamukeli ubufakazi esibunikezayo. 12  Uma nginitshele izinto zasemhlabeni kodwa nilokhu ningakholwa, niyokholwa kanjani uma nginitshela izinto zasezulwini? 13  Ngaphezu kwalokho, akekho umuntu oye wanyukela ezulwini + ngaphandle kwalowo owehla evela ezulwini, + iNdodana yomuntu. 14  Futhi njengoba nje uMose aphakamisa inyoka ehlane, + kanjalo iNdodana yomuntu kumelwe iphakanyiswe, + 15  ukuze wonke umuntu okholwa yiyo abe nokuphila okuphakade. + 16  “Ngoba uNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, + ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa athole ukuphila okuphakade. + 17  UNkulunkulu akayithumelanga iNdodana yakhe ezweni ukuba yahlulele izwe, kodwa ukuba izwe lisindiswe ngayo. + 18  Noma ubani obonisa ukholo kuyo akumelwe ahlulelwe. + Noma ubani ongalubonisi ukholo wahlulelwe kakade, ngoba akakholwanga egameni leNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa. + 19  Manje yilesi isisekelo sokwahlulela: ukuthi ukukhanya kufikile ezweni, + kodwa abantu baye bathanda ubumnyama kunokukhanya, ngoba imisebenzi yabo ibimibi. 20  Noma ubani owenza izinto ezimbi uyakuzonda ukukhanya futhi akezi ekukhanyeni, ukuze imisebenzi yakhe ingadalulwa.* 21  Kodwa noma ubani owenza okulungile uyeza ekukhanyeni, + ukuze imisebenzi yakhe ibonakaliswe njengeyenziwe ngokuvumelana noNkulunkulu.” 22  Ngemva kwalokhu uJesu nabafundi bakhe baya emaphandleni aseJudiya, wachitha khona isikhathi esithile nabo futhi wayebhapathiza. + 23  UJohane naye wayebhapathiza e-Enoni eduze kwaseSalimi, ngoba amanzi ayemaningi khona, + futhi abantu babelokhu beza bebhapathizwa; + 24  ngoba uJohane wayengakaboshwa. + 25  Manje abafundi bakaJohane baba nempikiswano nomJuda othile ngokuphathelene nokuhlanzwa. 26  Ngakho beza kuJohane bathi kuye: “Rabi, lo muntu owayenawe ngaphesheya kweJordani, lowo owafakaza ngaye, + bheka, uyabhapathiza futhi bonke baya kuye.” 27  UJohane waphendula wathi: “Umuntu akakwazi ukwenza ngisho nento eyodwa ngaphandle kokuba eyinikwa ivela ezulwini. 28  Nina ngokwenu niyangifakazela ukuthi ngathi, ‘angiyena uKristu, + kodwa ngithunywe ngaphambi kwakhe.’ + 29  Noma ubani onomakoti ungumkhwenyana. + Kodwa umngane womkhwenyana, lapho ema futhi emuzwa, ujabula kakhulu ngenxa yezwi lomkhwenyana. Ngakho injabulo yami isiphelelisiwe. 30  Yena kumelwe aqhubeke anda, kodwa mina kumelwe ngiqhubeke ngincipha.” 31  Ovela phezulu + ungaphezu kwabo bonke abanye. Ovela emhlabeni uvela emhlabeni futhi ukhuluma ngezinto zasemhlabeni. Ovela ezulwini ungaphezu kwabo bonke abanye. + 32  Ufakaza ngalokho akubonile nakuzwile, + kodwa akukho muntu obamukelayo ubufakazi bakhe. + 33  Obamukelile ubufakazi bakhe ubeke uphawu lwakhe kubo* lokuthi uNkulunkulu uqinisile. + 34  Ngoba lowo uNkulunkulu amthumile ukhuluma amazwi kaNkulunkulu, + ngoba uNkulunkulu akancishani ngomoya wakhe.* 35  UBaba uyayithanda iNdodana + futhi unikele zonke izinto esandleni sayo. + 36  Obonisa ukholo eNdodaneni uyothola ukuphila okuphakade; + ongayilaleli iNdodana ngeke akubone ukuphila, + kodwa ulaka lukaNkulunkulu luhlezi phezu kwakhe. +

Imibhalo yaphansi

Noma kungaba, “azalwe ngokwaphezulu.”
Noma, “ingasolwa.”
Noma, “uqinisekisile.”
Noma, “akasinikezi umoya wakhe ngesikali.”