NgokukaLuka 17:1-37

  • Ukukhubeka, ukuthethelela kanye nokholo (1-6)

  • Izinceku ezingelusizo lwalutho (7-10)

  • Kwelashwa abanochoko abayishumi (11-19)

  • Ukuza koMbuso kaNkulunkulu (20-37)

    • UMbuso kaNkulunkulu “uphakathi kwenu” (21)

    • “Khumbulani umkaLoti” (32)

17  Wabe esethi kubafundi bakhe: “Akunakugwenywa ukuba kwenzeke izinto ezikhubekisa abanye. Noma kunjalo, maye kulowo owenza lezo zinto kwabanye!  Bekuyoba ngcono ngaye ukube bekungalengiswa itshe lokugaya entanyeni yakhe aphonswe olwandle kunokuba akhube omunye kulaba abancane. +  Qaphelani. Uma umfowenu enza isono, mkhuze, + uma ephenduka, mthethelele. +  Ngisho noma ona kuwe kasikhombisa ngosuku, abuye kuwe kasikhombisa, ethi, ‘Ngiyaphenduka,’ kumelwe umthethelele.” +  Abaphostoli babe sebethi eNkosini: “Siphe ukholo olwengeziwe.” +  INkosi yathi: “Ukube beninokholo olulingana nohlamvu lwesinaphi, beniyothi kulesi sihlahla sikamalibhele omnyama, ‘Siphuleka utshaleke olwandle!’ sinilalele. +  “Ubani kini ongathi enenceku elimayo noma eyelusayo, kuthi lapho ingena ivela ensimini athi kuyo, ‘Woza lapha khona manje udle etafuleni’?  Kunalokho, ngeke yini athi kuyo, ‘Lungisa okuthile ukuze ngidle isidlo sami sakusihlwa, ufake iphinifa, ungikhonze ngize ngiqede ukudla nokuphuza, kamuva nawe ungadla uphuze’?  Ngeke ayibonge inceku ngoba yenze umsebenzi wayo, akunjalo? 10  Ngokufanayo nani, lapho nenze zonke izinto enabelwe zona, anothi: ‘Siyizinceku ezingelusizo lwalutho. Lokho esikwenzile yilokho obekufanele sikwenze.’ ” + 11  Ngesikhathi eya eJerusalema wadabula phakathi kweSamariya neGalile. 12  Njengoba engena emzini, wahlangana namadoda ayishumi anochoko, kodwa amela kude. + 13  Aphakamisa amazwi awo athi: “Jesu, Mfundisi, yiba nesihe kithi!” 14  Lapho ewabona wathi kuwo: “Hambani niziveze kubapristi.” + Njengoba ehamba, ahlanzwa. + 15  Enye yawo, lapho ibona ukuthi yelashiwe, yabuyela emuva, ikhazimulisa uNkulunkulu ngezwi elikhulu. 16  Yaguqa, yakhothama ezinyaweni zikaJesu, yambonga. Ngaphezu kwalokho, yayingumSamariya. + 17  UJesu wathi: “Bonke abayishumi bahlanziwe, akunjalo? Pho, baphi abanye abangu-9? 18  Akekho yini omunye obuyile ukuze anike uNkulunkulu inkazimulo ngaphandle kwalo muntu wesinye isizwe?” 19  Wathi kuyo: “Sukuma uhambe; ukholo lwakho lukuphilisile.” + 20  Lapho ebuzwa abaFarisi ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uza nini, + wabaphendula wathi: “UMbuso kaNkulunkulu awuzi ngokubonakala okuphawulekayo; 21  futhi abantu ngeke bathi, ‘Bhekani nanku!’ noma, ‘Nankuya!’ Ngoba bhekani! uMbuso kaNkulunkulu uphakathi kwenu.” + 22  Wabe esethi kubafundi: “Kuyofika izinsuku lapho niyofisa khona isikhathi sokuba iNdodana yomuntu ibe nani, kodwa ngeke nisibone. 23  Abantu bayothi kini, ‘Bhekani nanguya!’ noma, ‘Bhekani nangu!’ Ningaphumi futhi ningabalandeli. + 24  Ngoba, njengoba nje umbani ubanika kusukela kwenye ingxenye yezulu kuya kwenye ingxenye yezulu, iyoba njalo iNdodana yomuntu + ngosuku lwayo. + 25  Nokho, okokuqala kumelwe idlule ekuhluphekeni okuningi futhi yaliwe yilesi sizukulwane. + 26  Ngaphezu kwalokho, njengoba nje kwenzeka ezinsukwini zikaNowa, + kuyoba njalo nasezinsukwini zeNdodana yomuntu: + 27  babedla, bephuza, amadoda eshada, abesifazane beshadiswa, kwaze kwaba yilolo suku uNowa angena ngalo emkhunjini, + kwafika uZamcolo wababhubhisa bonke. + 28  Ngokufanayo, njengoba nje kwenzeka ezinsukwini zikaLoti: + babedla, bephuza, bethenga, bethengisa, betshala, bakha. 29  Kodwa ngosuku uLoti aphuma ngalo eSodoma, kwana umlilo nesibabule kuvela ezulwini kwababhubhisa bonke. + 30  Kuyokwenzeka okufanayo nangalolo suku lapho kwambulwa iNdodana yomuntu. + 31  “Ngalolo suku umuntu ophezu kwendlu kodwa ompahla yakhe isendlini makangehli ayithathe, nomuntu ongaphandle ensimini, naye akumelwe abuyele ezintweni ezisemuva. 32  Khumbulani umkaLoti. + 33  Noma ubani ofuna ukusindisa ukuphila kwakhe uyolahlekelwa yikho, kodwa noma ubani olahlekelwa yikho uyokusindisa. + 34  Ngiyanitshela, ngalobo busuku abantu ababili bayobe besembhedeni owodwa; omunye uyothathwa, kodwa omunye uyoshiywa. + 35  Kuyobe kunabesifazane ababili begaya etsheni elilodwa; omunye uyothathwa, kodwa omunye uyoshiywa.” 36  *—— 37  Ngenxa yalokhu bathi kuye: “Kuphi Nkosi?” Wathi kubo: “Lapho kukhona khona isidumbu, kulapho futhi izinkozi ziyobuthanela khona.” +

Imibhalo yaphansi