NgokukaMarku 13:1-37

  • ISIPHELO SALELI ZWE (1-37)

    • Izimpi, ukuzamazama komhlaba, ukuntuleka kokudla (8)

    • Izindaba ezinhle kumelwe zishunyayelwe (10)

    • Usizi olukhulu (19)

    • Ukuza kweNdodana yomuntu (26)

    • Umfanekiso wesihlahla somkhiwane (28-31)

    • Hlalani nilindile (32-37)

13  Njengoba ephuma ethempelini, omunye wabafundi bakhe wathi kuye: “Mfundisi, bheka ukuthi la matshe mahle kanjani nokuthi lezi zakhiwo zinkulu kangakanani!” +  Nokho, uJesu wathi kuye: “Uyazibona lezi zakhiwo ezinkulu? Akusoze kwashiywa lapha itshe phezu kwetshe lingadilizelwa phansi.” +  Njengoba ayehlezi eNtabeni Yeminqumo ithempeli libonakala, uPetru, uJakobe, uJohane no-Andreya bambuza lo mbuzo ngasese:  “Sitshele, ziyokwenzeka nini lezi zinto, futhi yiluphi uphawu* esiyobona ngalo lapho sekusondela isiphelo sazo zonke lezi zinto?” +  Ngakho uJesu wathi kubo: “Xwayani ukuba ningadukiswa muntu. +  Baningi abayoza ngegama lami, bethi, ‘Nginguye,’ badukise abaningi.  Ngaphezu kwalokho, lapho nizwa ngezimpi nemibiko yezimpi, ningethuki; lezi zinto kumelwe zenzeke, kodwa ukuphela kuyobe kungakafiki. +  “Isizwe siyovukela isizwe nombuso uvukele umbuso; + kuyoba khona ukuzamazama komhlaba ezindaweni ngezindawo; kuyoba khona nokusweleka kokudla. + Lokhu kuwukuqala kwemihelo yokucindezeleka. +  “Kodwa nina, kumelwe nivule amehlo. Abantu bayoninikela ezinkantolo zendawo, + niyoshaywa emasinagogeni, + nimiswe phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, ngale ndlela ninganikeza ubufakazi kubo. + 10  Futhi izindaba ezinhle kumelwe zishunyayelwe ezizweni zonke kuqala. + 11  Lapho benithatha ukuze baninikele kubantu abayiziphathimandla, ningakhathazeki kusengaphambili ngalokho enizokusho; kodwa noma yini umoya ongcwele othi yikhulumeni ngalelo hora aniboyikhuluma, ngoba akunina enikhulumayo, kodwa umoya ongcwele. + 12  Ngaphezu kwalokho, umuntu uyonikela ngomfowabo ekufeni, uyise anikele ngomntwana, nabantwana bayovukela abazali, benze ukuba babulawe. + 13  Niyozondwa abantu bonke ngenxa yegama lami. + Kodwa lowo okhuthazele* kwaze kwaba sekupheleni + uyosindiswa. + 14  “Nokho, lapho nibona into enyanyekayo ebangela incithakalo + imi lapho kungafanele ibe khona (ofundayo makasebenzise ukuqonda), labo abaseJudiya mababalekele ezintabeni. + 15  Umuntu ophezu kwendlu makangehli noma angene ngaphakathi ayokhipha noma yini esendlini yakhe; 16  umuntu osensimini makangabuyeli ezintweni ezisemuva ayothatha ingubo yakhe yangaphandle. 17  Maye kwabesifazane abakhulelwe nakwabancelisayo ngalezo zinsuku! + 18  Thandazelani ukuba kungenzeki ngesikhathi sasebusika; 19  ngoba lezo zinsuku ziyoba izinsuku zosizi + olungakaze lube khona kusukela ekuqaleni kwendalo eyadalwa uNkulunkulu kuze kube manje, nolungeke luphinde lube khona. + 20  Empeleni, ukube uJehova* akazifinyezanga lezo zinsuku, akukho muntu obeyosinda. Kodwa ngenxa yabakhethiwe, abakhethwe nguye, uzifinyezile lezo zinsuku. + 21  “Okunye futhi, uma noma ubani ethi kini, ‘Bhekani! Nangu uKristu,’ noma ethi, ‘Bhekani! Nanguya,’ ningamkholwa. + 22  Ngoba kuyovela oKristu bamanga nabaprofethi bamanga + benze izibonakaliso nezimangaliso, ukuze badukise abakhethiwe uma kungenzeka. 23  Nina qaphelani. + Nginitshele zonke izinto kusengaphambili. 24  “Kodwa ngalezo zinsuku, ngemva kwalolo sizi, ilanga liyoba mnyama, nenyanga ngeke ikhanye, + 25  nezinkanyezi ziyowa ezulwini, namandla amazulu ayonyakaziswa. 26  Bayobona iNdodana yomuntu + iza isemafwini inamandla amakhulu nenkazimulo. + 27  Iyobe isithuma izingelosi ziqoqele ndawonye abakhethiwe bakhe bevela kuzo zonke izinhlangothi,* kusukela emkhawulweni womhlaba kuye emkhawulweni wezulu. + 28  “Manje fundani lo mfanekiso esihlahleni somkhiwane: Lapho nje igatsha laso elisha lithamba futhi liveza amaqabunga, niyazi ukuthi ihlobo seliseduze. + 29  Ngokufanayo nani, lapho nibona lezi zinto zenzeka, yazini ukuthi iNdodana yomuntu iseduze, emnyango. + 30  Ngiqinisile ngithi kini, lesi sizukulwane asisoze sadlula* zingakenzeki zonke lezi zinto. + 31  Izulu nomhlaba kuyodlula, + kodwa amazwi ami awasoze adlula. + 32  “Ngokuphathelene nalolo suku noma lelo hora, akekho owaziyo, nazingelosi ezulwini naNdodana, ngaphandle kukaBaba. + 33  Hlalani nibhekile, nihlale niphapheme, + ngoba anazi ukuthi sinini isikhathi esimisiwe. + 34  Kunjengomuntu owashiya indlu yakhe waya kude, wanika izinceku zakhe igunya lokwengamela indlu, + ngayinye wayinika umsebenzi ezowenza, wayala umlindisango ukuba ahlale elindile. + 35  Ngakho hlalani nilindile, ngoba anazi ukuthi inkosi yendlu iyobuya nini, + ukuthi iyobuya ilanga selishonile noma phakathi kwamabili noma ezintathakusa* noma ekuseni kakhulu, + 36  ukuze kuthi lapho ifika kungazelelwe, inganitholi nilele. + 37  Kodwa lokho engikusho kini ngikusho kubo bonke: Hlalani nilindile.” +

Imibhalo yaphansi

Noma, “isibonakaliso.”
Noma, “okhuthazela.”
NgesiGreki, “emimoyeni yomine.”
Noma, “safa.”
NgesiGreki, “ngaphambi kokukhala kweqhude.”