NgokukaMathewu 7:1-29

  • INTSHUMAYELO YASENTABENI (1-27)

    • Yekani ukwahlulela (1-6)

    • Qhubekani nicela, nifuna, ningqongqoza (7-11)

    • UMthetho Wegolide (12)

    • Isango elincane (13, 14)

    • Babonakala ngezithelo zabo (15-23)

    • Indlu edwaleni, indlu esihlabathini (24-27)

  • Izixuku ziyakhexa ngenxa yendlela kaJesu yokufundisa (28, 29)

7  “Yekani ukwahlulela + ukuze ningahlulelwa;  ngoba isahlulelo enahlulela ngaso, nani niyokwahlulelwa ngaso, + nesikali enisisebenzisa kwabanye, bayosisebenzisa nakini. *+  Kungani ubheka uthi olusesweni lomfowenu kodwa ungaluboni ugodo olukwelakho iso? +  Noma, ungasho kanjani kumfowenu ukuthi, ‘Ngivumele ngikhiphe uthi esweni lakho,’ kuyilapho kwelakho iso kukhona ugodo?  Mzenzisi! Khipha ugodo kwelakho iso kuqala, khona-ke uyobona ngokucacile ukuthi ungalukhipha kanjani uthi esweni lomfowenu.  “Ningaziniki izinja okungcwele, futhi ningawaphonsi amapharele enu phambi kwezingulube, + ukuze zingalokothi ziwanyathele ngezinyawo bese ziphenduka zinidephuna.  “Qhubekani nicela, niyophiwa; + qhubekani nifuna, niyothola; qhubekani ningqongqoza, niyovulelwa; +  ngoba wonke umuntu ocelayo uyamukela, + wonke umuntu ofunayo uyathola, wonke umuntu ongqongqozayo uyovulelwa.  Ngempela, ngubani phakathi kwenu okuthi lapho indodana yakhe icela isinkwa ayinike itshe? 10  Noma, uma icela inhlanzi ngeke ayinike inyoka, akunjalo? 11  Ngakho-ke, uma nina, nakuba nibabi, nikwazi ukupha abantwana benu izipho ezinhle, yeka ukuthi uYihlo osemazulwini uyobapha kakhulu kangakanani izinto ezinhle + labo abazicela kuye! + 12  “Ngakho-ke, zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze kubo. + Eqinisweni, yilokho okushiwo nguMthetho nabaProfethi. + 13  “Ngenani ngesango elincane, + ngoba likhulu isango futhi uvulekile umgwaqo oholela ekubhujisweni, baningi abangena ngalo; 14  kanti lincane isango futhi inyinyekile indlela eholela ekuphileni, bambalwa abayitholayo. + 15  “Qaphelani abaprofethi bamanga + abeza kini bembethe isikhumba semvu, + kodwa ngaphakathi beyizimpisi ezihahayo. + 16  Niyobabona ngezithelo zabo. Abantu abawakhi neze amagilebhisi emeveni noma amakhiwane emakhakhasini, akunjalo? + 17  Ngokufanayo, zonke izihlahla ezinhle zithela izithelo ezinhle, kodwa zonke izihlahla ezibolile zithela izithelo ezingenamsebenzi. + 18  Isihlahla esihle asinakuthela izithelo ezingenamsebenzi, nesihlahla esibolile asinakuthela izithelo ezinhle. + 19  Zonke izihlahla ezingatheli izithelo ezinhle ziyagawulwa ziphonswe emlilweni. + 20  Khona-ke, ngempela labo bantu niyobabona ngezithelo zabo. + 21  “Akuyena wonke umuntu othi kimi, ‘Nkosi, Nkosi,’ oyongena eMbusweni wamazulu, kodwa yilowo kuphela owenza intando kaBaba osemazulwini oyongena. + 22  Abaningi bayothi kimi ngalolo suku: ‘Nkosi, Nkosi, + asiprofethanga yini egameni lakho, saxosha amademoni egameni lakho, senza nemisebenzi eminingi yamandla egameni lakho?’ + 23  Kodwa ngiyothi kubo ngaleso sikhathi: ‘Angikaze nginazi! Sukani kimi, nina abenza okungemthetho!’ + 24  “Ngakho-ke, wonke umuntu ozwa la mazwi ami awenze uyoba njengomuntu ohlakaniphile, owakha indlu yakhe edwaleni. + 25  Lase liyithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza nomoya wayishaya leyo ndlu, kodwa ayizange ibhidlike, ngoba yayisekelwe phezu kwedwala. 26  Ngaphezu kwalokho, wonke umuntu owezwayo la mazwi ami kodwa angawenzi uyoba njengendoda eyisiwula, eyakha indlu yayo esihlabathini. + 27  Lase liyithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza nomoya wayishaya leyo ndlu yabhidlika, + kwaba kukhulu ukuwa kwayo.” 28  Lapho uJesu eqeda ukusho la mazwi, izixuku zakhexa ngenxa yendlela ayefundisa ngayo, + 29  ngoba wayezifundisa njengomuntu onegunya, + hhayi njengababhali bazo.

Imibhalo yaphansi

Noma, “nendlela enibaphatha ngayo abanye, bayoniphatha kanjalo nani.”