UNehemiya 3:1-32

  • Ukwakhiwa kabusha kwezindonga (1-32)

3  U-Eliyashibi + umpristi ophakeme nabafowabo abangabapristi baqala ukwakha iSango Lezimvu. + Balingcwelisa *+ bafaka iminyango yalo; balingcwelisa baze bayofika eMbhoshongweni KaMeya + naseMbhoshongweni KaHananeli. +  Eceleni kwabo kwakwakha amadoda aseJeriko; + eceleni kwawo kwakwakha uZakuri indodana ka-Imri.  Amadodana kaHasenawa akha iSango Lezinhlanzi; + alifaka izingodo, + ayeselifaka iminyango, imishudo nemigoqo.*  Eceleni kwawo kwakulungisa uMeremoti + indodana ka-Urija indodana kaHakozi, eceleni kwakhe kwakulungisa uMeshulami + indodana kaBherekiya indodana kaMeshezabeli; eceleni kwakhe kwakulungisa uZadoki indodana kaBhana.  Eceleni kwakhe kwakulungisa abaseThekhowa, + kodwa amadoda avelele phakathi kwabo awazange azithobe ukuze asebenze ngaphansi kwalabo ababewaphethe.  UJoyada indodana kaPhaseya noMeshulamu indodana kaBesodeya balungisa iSango Ledolobha Elidala; + balifaka izingodo base belifaka iminyango, imishudo nemigoqo.  Eceleni kwabo kwakulungisa uMelathiya waseGibheyoni + noJadoni umMeronoti namadoda aseGibheyoni nawaseMispa + ayephethwe umbusi ongaPhesheya Komfula. *+  Eceleni kwabo kwakulungisa u-Uziyeli indodana kaHarihaya, omunye wabasebenza ngegolide, eceleni kwakhe kwakulungisa uHananiya, omunye wabathaki bamafutha okugcoba;* bakhonka* imigwaqo yeJerusalema kwaze kwayofika oDongeni Olubanzi. +  Eceleni kwabo kwakulungisa uRefaya indodana kaHuri, isikhulu esasiphethe ingxenye yeJerusalema. 10  Eceleni kwakhe uJedaya indodana kaHarumafi wayelungisa phambi kwendlu yakhe, eceleni kwakhe kwakulungisa uHathushi indodana kaHashabhineya. 11  UMalikhiya indodana kaHarimi + noHashubi indodana kaPhahati-mowabi + balungisa enye ingxenye* kanye noMbhoshongo Wohhavini. + 12  Eceleni kwabo kwakulungisa uShalumi indodana kaHaloheshi, isikhulu esasiphethe ingxenye yeJerusalema, ekanye namadodakazi akhe. 13  UHanuni nezakhamuzi zaseZanowa + balungisa iSango Lesigodi; + balakha bafaka iminyango, imishudo nemigoqo, base belungisa udonga indawo eyibanga elingamamitha angu-445* kuze kuyofika eSangweni Lezindunduma Zomlotha. + 14  UMalikhiya indodana kaRekabi, isikhulu sesifunda saseBheti-hakeremi, + walungisa iSango Lezindunduma Zomlotha; walakha wafaka iminyango yalo, imishudo nemigoqo. 15  UShaluni indodana kaKholihoze, isikhulu sesifunda saseMispa, + walungisa iSango Lesiphethu; + walakha, walifulela, wafaka iminyango yalo, imishudo nemigoqo, walungisa nodonga lweChibi + Lomsele oluseduze kweNgadi Yenkosi + kwaze kwayofika eZitebhisini + ezehla zisuka eDolobheni LikaDavide. + 16  Eduze kwakhe uNehemiya indodana ka-Azibuki, isikhulu sohhafu wesifunda saseBheti-zuri, + walungisa ukusuka ngaphambi kwamaThuna KaDavide + kwaze kwayofika echibini + lokwenziwa naseNdlini Yabanamandla. 17  Eduze kwakhe kwakulungisa amaLevi: uRehumi indodana kaBhani; eceleni kwakhe kwakulungisa uHashabiya, isikhulu sohhafu wesifunda saseKheyila, + elungisela isifunda sakhe. 18  Eduze kwakhe kwakulungisa abafowabo: uBavayi indodana kaHenadadi, isikhulu sohhafu wesifunda saseKheyila. 19  Eceleni kwakhe u-Ezeri indodana kaJeshuwa, + isikhulu saseMispa, wayelungisa enye ingxenye engaphambi kwendlela enyukela eNqolobaneni Yezikhali eseNsikeni. + 20  Eduze kwakhe uBharuki indodana kaZabhayi + wasebenza ngokuzimisela walungisa enye ingxenye, ukusuka eNsikeni kuze kuyofika emnyango wendlu ka-Eliyashibi + umpristi ophakeme. 21  Eduze kwakhe uMeremoti + indodana ka-Urija indodana kaHakozi walungisa enye ingxenye, ukusuka emnyango wendlu ka-Eliyashibi kuze kuyofika lapho kuphela khona indlu ka-Eliyashibi. 22  Eduze kwakhe kwakulungisa abapristi, amadoda asesifundeni saseJordani. *+ 23  Eduze kwabo uBhenjamini noHashubi babelungisa ngaphambi kwendlu yabo. Eduze kwabo u-Azariya indodana kaMahaseya indodana ka-Ananiya wayelungisa eduze kwendlu yakhe. 24  Eduze kwakhe uBinuwi indodana kaHenadadi wayelungisa enye ingxenye, ukusuka endlini ka-Azariya kuze kuyofika eNsikeni + nasekhoneni. 25  Eduze kwakhe uPhalali indodana ka-Uzayi wayelungisa phambi kweNsika naphambi kombhoshongo oxhumene neNdlu Yenkosi, *+ lona ongenhla ongoweGceke Labaqaphi. + Eduze kwakhe kwakunoPhedaya indodana kaPharoshi. + 26  Izikhonzi zasethempelini *+ ezazihlala e-Ofeli + zalungisa zaze zayofika ngaphambi kweSango Lamanzi + elisempumalanga nasembhoshongweni ophumela ngaphandle kodonga. 27  Eduze kwazo abaseThekhowa + balungisa enye ingxenye, ukusuka ngaphambi kombhoshongo omkhulu ophumela ngaphandle kodonga kuze kuyofika odongeni lwase-Ofeli. 28  Abapristi babelungisa ngenhla kweSango Lamahhashi, + ngamunye phambi kwendlu yakhe. 29  Eduze kwabo uZadoki + indodana ka-Imeri wayelungisa phambi kwendlu yakhe. Eduze kwakhe kwakulungisa uShemaya indodana kaShekaniya, umqaphi weSango Lasempumalanga. + 30  Eduze kwakhe uHananiya indodana kaShelemiya noHanuni indodana yesithupha kaZalafi babelungisa enye ingxenye. Eduze kwabo uMeshulami + indodana kaBherekiya wayelungisa ngaphambi kwehholo lakhe. 31  Eduze kwakhe uMalikhiya, ilungu lenhlangano yabasebenza ngegolide, walungisa waze wayofika endlini yezikhonzi zasethempelini *+ neyabathengisi phambi kweSango Lokuhlola waze wayofika nasegunjini eliphezulu ekhoneni. 32  Abasebenza ngegolide nabathengisi babelungisa indawo ephakathi kwegumbi eliphezulu ekhoneni neSango Lezimvu. +

Imibhalo yaphansi

Noma, “Balinikela kuNkulunkulu.”
Izingodo noma izinsimbi zokuvala.
Noma, “ongaPhesheya Kwe-Ewufrathe.”
Noma, “wabathaki bamakha.”
Noma, “bakhonka ngamatshe ayizicaba.”
Noma, “ingxenye ababeyabelwe.”
Izingalo ezingu-1 000. Bheka iSithasiselo B14.
Noma kungaba, “amadoda asesifundeni esiseduze.”
Noma, “neSigodlo.”
Noma, “AmaNethini.” NgesiHebheru, “Abanikelwe.”
Noma, “yamaNethini.” NgesiHebheru, “yabanikelwe.”