Izimpendulo Zemibuzo Eyishumi Ebuzwa Yintsha

Thola izeluleko ezisebenzayo namacebiso okungasiza intsha iphumelele ekuphileni.

UMBUZO 1

Ngingubani?

Ukwazi izinto ozikholelwayo, amakhono, ukulinganiselwa nemigomo yakho kuyokusiza ukuba wenze izinqumo ezihlakaniphile lapho ucindezelwa.

UMBUZO 2

Kungani Ngikhathazeka Ngendlela Engibukeka Ngayo?

Uyadumala yini lapho uzibuka esibukweni? Yiziphi izindlela ezingeqisi ongazisebenzisa ukuze uthuthukise indlela obukeka ngayo?

UMBUZO 3

Ngingakhuluma Kanjani Nabazali Bami?

Lawa amacebiso awusizo angenza kube lula ukukhuluma nabazali bakho.

UMBUZO 4

Ngingawalungisa Kanjani Amaphutha Ami?

Kungekudala uzowenza amaphutha​—⁠wonke umuntu uyawenza. Kodwa uzokwenzenjani?

UMBUZO 5

Ngingabhekana Kanjani Neziqhwaga Esikoleni?

Unawo amandla. Unganqoba isiqhwaga ngaphandle kokusebenzisa isibhakela.

UMBUZO 6

Ngingamelana Kanjani Nokucindezela Kontanga?

Kungase kube nzima ukumelela lokho okwaziyo ukuthi kulungile.

UMBUZO 7

Ngingenzenjani Lapho Ngicindezelwa Ukuba Ngilale Nothile?

Hlola imiphumela eye yatholwa intsha eye yasondelana ngokweqile.

UMBUZO 8

Okumelwe Ukwazi Ngokuhlukunyezwa Ngokocansi?

Intsha yiyo ehlaselwa kakhulu. Ungabhekana kanjani nalokhu?

UMBUZO 10

IBhayibheli Lingangisiza Kanjani?

Abantu abaningi bathi iBhayibheli linezinganekwane, liphilelwe isikhathi, noma bathi kunzima kakhulu ukuliqonda. Lokhu kungamanga aluhlaza.