Obani Abenza Intando KaJehova Namuhla?

OFakazi BakaJehova batholakala emhlabeni wonke futhi bavela kuzo zonke izinhlanga namasiko. Yini ehlanganise leli qembu labantu abahlukahlukene?

Iyini Intando KaNkulunkulu?

UNkulunkulu ufuna intando yakhe yaziwe emhlabeni wonke. Iyini leyo ntando, futhi obani namuhla abafundisa abanye ngayo?

ISIFUNDO 1

OFakazi BakaJehova Bangabantu Abanjani?

Bangaki oFakazi BakaJehova obaziyo? Yini ngempela oyaziyo ngathi?

ISIFUNDO 2

Kungani Sibizwa Ngokuthi SingoFakazi BakaJehova?

Cabangela izizathu ezintathu zokuthi kungani samukela leli gama.

ISIFUNDO 3

Aphinde Atholwa Kanjani Amaqiniso EBhayibheli?

Singaqiniseka kanjani ukuthi sikuqonda ngendlela efanele lokho iBhayibheli elikufundisayo?

ISIFUNDO 4

Kungani Siye Sanyathelisa INguqulo Yezwe Elisha?

Yini eyenza le nguqulo yeZwi likaNkulunkulu ihluke?

ISIFUNDO 5

Yini Ozoyithola Emihlanganweni Yethu YobuKristu?

Siyahlangana ukuze sitadishe imiBhalo futhi sikhuthazane. Singajabula kakhulu uma ungaba khona!

ISIFUNDO 6

Kusizuzisa Kanjani Ukuhlangana Namanye AmaKristu?

IZwi likaNkulunkulu likhuthaza ubuzalwane bobuKristu. Funda indlela ongazuza ngayo kulolu hlobo lobungane.

ISIFUNDO 7

Injani Imihlangano Yethu?

Uke wazibuza yini ukuthi kwenzekani emihlanganweni yethu? Akungabazeki ukuthi uyobamba ongezansi ngemfundo yeBhayibheli yezinga eliphakeme ongayithola khona.

ISIFUNDO 8

Kungani Sigqoka Kahle Lapho Siya Emihlanganweni?

Ingabe kunendaba kuNkulunkulu ukuthi sigqoka kanjani? Funda ukuthi iziphi izimiso zeBhayibheli eziqondisa indlela esigqoka nesizilungisa ngayo.

ISIFUNDO 9

Iyiphi Indlela Engcono Kakhulu Yokulungiselela Imihlangano?

Ukulungiselela imihlangano yethu kuyokusiza uzuze ngokugcwele kuyo.

ISIFUNDO 10

Kuyini UkuKhulekela Komkhaya?

Thola indlela leli lungiselelo elingakusiza ngayo ukuba usondele kuNkulunkulu futhi uqinise isibopho somkhaya wakho.

ISIFUNDO 11

Kungani Siya Emihlanganweni Emikhulu?

Njalo ngonyaka siba nemibuthano emithathu ekhethekile. Ungazuza kanjani kuyo?

ISIFUNDO 12

Uhlelwe Kanjani Umsebenzi Wethu Wokushumayela?

Silingisa isibonelo esasibekelwa uJesu ngesikhathi esemhlabeni. Iziphi ezinye zezindlela zokushumayela?

ISIFUNDO 13

Yini Iphayona?

Abanye oFakazi bachitha amahora angu-30, angu-50, noma ngisho engeziwe nyanga zonke emsebenzini wokushumayela. Bashukunyiswa yini?

ISIFUNDO 14

Iyiphi Imfundo Elungiselelwe Amaphayona?

Iyiphi imfundo ekhethekile elungiselelwe labo abanikela ngesikhathi sabo esigcwele emsebenzini wokushumayela ngoMbuso?

ISIFUNDO 15

Abadala Balikhonza Kanjani Ibandla?

Abadala bangamadoda avuthiwe ngokomoya aholayo ebandleni. Bawusizo ngayiphi indlela?

ISIFUNDO 16

Uyini Umsebenzi Wezinceku Ezikhonzayo?

Izinceku ezikhonzayo zisiza ibandla ukuba lisebenze kahle. Funda ngendlela umsebenzi wazo obazuzisa ngayo bonke ababa khona.

ISIFUNDO 17

Basisiza Kanjani Ababonisi Abajikelezayo?

Kungani ababonisi abajikelezayo behambela amabandla? Ungazuza kanjani lapho sihanjelwe yilaba babonisi?

ISIFUNDO 18

Sibasiza Kanjani Abafowethu Abasosizini?

Lapho kugadla inhlekelele, silungiselela masinyane usizo olungokoqobo nenduduzo engokomoya kulabo abathintekile. Ngaziphi izindlela?

ISIFUNDO 19

Singubani Isigaba Senceku Ethembekile Neqondayo?

UJesu wathembisa ukuthi uyomisa isigaba senceku esasiyokhipha ukudla okungokomoya ngesikhathi esifanele. Kwenziwa kanjani lokhu?

ISIFUNDO 20

INdikimba Ebusayo Isebenza Kanjani Namuhla?

Ngekhulu lokuqala, iqembu elincane lamadoda amadala nabaphostoli lalikhonza njengendikimba ebusayo yebandla lobuKristu. Ingabe kusenjalo nanamuhla?

ISIFUNDO 21

Iyini IBethel?

IBethel iyindawo ekhethekile okufezwa kuyo injongo ebaluleke kakhulu. Funda okwengeziwe ngalabo abakhonza khona.

ISIFUNDO 22

Kwenziwani Ehhovisi Legatsha?

Izivakashi ziyahanjiswa ziboniswe indawo kunoma iliphi ihhovisi legatsha lethu. Siyakumema ukuba uzosivakashela!

ISIFUNDO 23

Izincwadi Zethu Zibhalwa Futhi Zihunyushwe Kanjani?

Sinyathelisa izincwadi ngezilimi ezingaphezu kuka-600. Kungani senza lo msebenzi ongaka?

ISIFUNDO 24

Ivelaphi Imali Yokusekela Umsebenzi Wethu Womhlaba Wonke?

Ngokuqondene nezimali, yini eyenza inhlangano yethu ihluke kwezinye izinkolo?

ISIFUNDO 25

AmaHholo OMbuso—Kungani Akhiwa Futhi Akhiwa Kanjani?

Kungani izindawo zenu zokukhulekela zibizwa ngokuthi amaHholo OMbuso? Funda okwengeziwe ngendlela lezi zakhiwo ezinhle eziwasiza ngayo amabandla ethu.

ISIFUNDO 26

Singasiza Kanjani Ekunakekeleni IHholo Lethu LoMbuso?

IHholo LoMbuso elihlanzekile nelinakekelwa kahle lidumisa uNkulunkulu wethu. Yimaphi amalungiselelo enziwayo ukuze kunakekelwe iHholo LoMbuso?

ISIFUNDO 27

Umtapo Wezincwadi WaseHholo LoMbuso Ungasizuzisa Kanjani?

Ingabe ungathanda ukucwaninga ukuze wandise ulwazi lwakho lweBhayibheli? Vakashela umtapo waseHholo LoMbuso!

ISIFUNDO 28

Yini Ongayithola Engosini Yethu Ye-Internet?

Ungafunda okwengeziwe ngathi nangezinkolelo zethu futhi uthole izimpendulo zemibuzo yeBhayibheli onayo.

Ingabe Uzoyenza Intando KaJehova?

UJehova uNkulunkulu ukuthanda ngempela. Ungasibonisa kanjani isifiso sakho sokuba umjabulise ekuphileni kwakho kwansuku zonke?