Dlulela kokuphakathi

 Intsha Iyabuza

Ingabe Akulungile Ukuthandwa Abantu?

Ingabe Akulungile Ukuthandwa Abantu?

Bhala igama eliqedela le nkulumo engezansi:

Ukuthandwa ․․․․․ kuhle.

  1. A. kuhlale ku-

  2. B. ngezinye izikhathi

  3. C. akwenzeki kube

IMPENDULO enembile ngu-“B.” Kungani? Ngoba ukuthandwa kumane nje kusho ukuba nogazi kubantu abaningi—futhi lokho akukubi ngaso sonke isikhathi! IBhayibheli labikezela ukuthi amaKristu ayeyoba “ngukukhanya kwezizwe” nokuthi abantu babeyodonseleka kuwo. (Isaya 42:6; IzEnzo 13:47) Ngalo mqondo kungashiwo ukuthi amaKristu ayathandwa.

Ingabe bewazi?

UJesu wayethandwa. Ngisho noma esemncane, wathola ‘umusa kuNkulunkulu nakubantu.’ (Luka 2:52) Kanti iBhayibheli lithi lapho uJesu esekhulile, “walandelwa isixuku esikhulu sivela eGalile naseDekapholi naseJerusalema naseJudiya nangaphesheya kweJordani.”—Mathewu 4:25.

Kungani lokho kwakufaneleka?

Kungenxa yokuthi uJesu wayengazifuneli udumo noma ukuphishekela ukuthandwa, futhi wayengakulangazeleli ukwamukelwa abanye. UJesu wamane wenza okulungile—izenzo ngezinye izikhathi ezazimenza athandwe. (Johane 8:29, 30) Ngesikhathi esifanayo, uJesu wayeqaphela ukuthi noma ikuphi ukwamukelwa ayekuthola kulowo mphakathi owawuhlale uguquguquka, kwakungokwesikhashana. Wayeqonda ukuthi ngokuhamba kwesikhathi laba bantu babezombulala!—Luka 9:22.

Iphuzu Eliyinhloko:

Ukuthandwa kufana nengcebo. Ukuba nayo akukubi ngaso sonke isikhathi. Inkinga iba kulokho abantu abakwenzayo ukuze babe nayo noma bayilondoloze.

Isixwayiso!

Intsha eningi ingenza noma yini ukuze ithandwe. Enye ithanda ukujabulisa abantu futhi yenza okuthandwa iningi. Enye ixhaphaza abanye izama ukubaphoqa ukuba bayihloniphe—ngisho noma lokho bekwenza ngenxa yokwesaba. *

Emakhasini alandelayo, sizoxoxa ngalezo zindlela ezimbili ezikhohlisayo zokuzama ukuthandwa. Sizobe sesibheka indlela engcono yokwenza lokhu.

^ isig. 12 IBhayibheli likhuluma ngeziqhwaga ezibizwa ngokuthi “amaNefili,” okubhekiselwa kuzo nangokuthi “amadoda odumo.” Into ayegxile kuyo kwakuwukuzenzela udumo.—Genesise 6:4.