Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Saklanywa?

Isembozo Sephiko Lebhungane Lasogwadule LwaseNamibia Esibamba Amanzi

Isembozo Sephiko Lebhungane Lasogwadule LwaseNamibia Esibamba Amanzi

● Abantu abayizigidi ezingu-900 emhlabeni abanawo amanzi okuphuza ahlanzekile. Ezindaweni eziningi, kuba abesifazane nezingane okudingeka bahambe amabanga amade beyokukha amanzi. “Kuyadabukisa ukuthi abantu abampofu kudingeka bachithe amahora amaningi ngosuku ukuze nje bathole into eyisidingo-ngqangi,” kusho uShreerang Chhatre, unjiniyela waseMassachusetts Institute of Technology. Ukuze basize, uChhatre nasebenza nabo bacwaninga ngesayensi yokuthola amanzi enkungwini,kanti ukuze benze lokhu babheka ibhungane lasogwadule lwaseNamibia.

Cabanga ngalokhu: Njalo ekuseni kuba nenkungu ogwadule lwaseNamibia e-Afrika. Leli bhungane lisebenzisa lelo thutshana libheke lapho kuvela khona umoya lime ngendlela ekahle. * Amaqhubu asezembozweni zezimpiko anesakhi esibamba umswakama. Lo mswakama uyanda ube amaconsi amakhudlwana. Amandla adonsela phansi abe esenza umsebenzi wawo, njengoba esizwa imisedlana engezwani namanzi, la maconsi ayehla aze ayongena emlonyeni waleli bhungane.

UChhatre nasebenza nabo bafuna ukusebenzisa isimiso esifanayo ukuze batholele abantu amanzi okuphuza. Yiqiniso ukuthi abantu badinga amanzi amaningi ukuze baphile kunalawo adingwa ibhungane lasogwadule lwaseNamibia. Kanti ukusekela lo msebenzi ngokwezimali kuyakhandla. Okwamanje, ukwenza indlela yokuthola amanzi enkungwini “kusewumsebenzi oqhubekayo,” kusho uChhatre.

Ucabangani? Ingabe isembozo sephiko esibamba amanzi sebhungane lasogwadule lwaseNamibia saba khona ngokuziphendukela kwemvelo, noma ingabe saklanywa?

[Umbhalo waphansi]

^ Ezinye izinhlobo zamabhungane ziye zabonwa zibamba amanzi ngendlela efanayo.

[Isithombe ekhasini 22]

Kwakheka amaconsi amanzi abese egeleza ayongena emlonyeni webhungane

[Umthombo Wesithombe ekhasini 22]

Photo: Chris Mattison Photography/photographersdirect.com