Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indlela Yokuba Nesineke Kakhudlwana

Indlela Yokuba Nesineke Kakhudlwana

NGEMVA kokufunda izihloko ezandulele, cishe uzovuma ukuthi uma unesineke, yilapho uyoba nempilo engcono khona, wenze izinqumo ezinhle futhi ube nabangane abahle. Ngakho, ungafunda kanjani ukuba nesineke kakhudlwana? Cabanga ngalokhu kutusa.

Yazi izimbangela:

Izinto noma izimo ezikwenza uphelelwe isineke ziye zabizwa ngokuthi izimbangela zokuphelelwa isineke. Yini ekwenza uphelelwe isineke? Bakhona yini abantu abathile abakwenza uphelelwe isineke? Mhlawumbe umngane wakho womshado, abazali noma izingane bayimbangela eyinhloko yokuphelelwa kwakho isineke. Noma ngokuvamile izinto ezikwenza uphelelwe isineke zihlobene nesikhathi? Ngokwesibonelo, uthambekele yini ekuphelelweni yisineke lapho kufanele ulinde abanye noma lapho usushiywe isikhathi? Siyakuphelela yini isineke lapho ukhathele, ulambile, wozela noma ucindezelekile ngandlela-thile? Ingabe isineke sivame ukukuphelela lapho usekhaya noma usemsebenzini?

Ukwazi nje izinto ezenza uphelelwe isineke kungasiza kanjani? Endulo, iNkosi uSolomoni yabhala: “Abantu abahlakaniphile basheshe bayibone inkinga bese beyicashela, kodwa abantu abakhohliseka kalula bayaqhubeka bese bebhekana nemiphumela.” (IzAga 22:3, God’s Word Bible) Ngokuvumelana nalesi saga seBhayibheli sasendulo, uma uqaphela noma “ushesha ukuzibona” izimo ezikwenza uphelelwe isineke, ungase ukwazi ukuyivimba leyo nkinga. Ekuqaleni kungase kudingeke uhlele ukuze ubonise isineke kakhudlwana, kodwa ngokuhamba kwesikhathi ukuba nesineke kungagcina sekuyimfanelo ezenzakalelayo kuwe.

Yenza ukuphila kwakho kube lula:

Ngokukaprofesa uNoreen Herzfeld, ofundisa isayensi yama-computer eSaint John’s University, eMinnesota, e-U.S.A., “abantu ngeke ngempela bakwazi ukwenza imisebenzi eminingi ngesikhathi esisodwa. Ingqondo ayikwazi ukugxila ezintweni eziningana ngesikhathi esisodwa.” Uyanezela: “Ngokuhamba kwesikhathi, ukwenza izinto eziningi kanye kanye, kuthuntubeza ikhono lethu lokugxilisa ingqondo, ukunakisisa futhi kugcine sekuqede nezici ezinjengesineke, ukuphikelela, ukwahlulela nokuxazulula izinkinga.”

Kunzima ukuba nesineke lapho ucindezelekile ngenxa yezinto eziningi okumelwe uzenze, izindawo eziningi okumelwe ube kuzo nabantu abaningi kakhulu okumelwe uhlale uxhumene nabo. UDkt. uJennifer Hartstein, okukhulunywe ngaye ekuqaleni kulolu chungechunge, uyaxwayisa: “Ngokuyisisekelo, ukucindezeleka yikho okubangela ukuba siphelelwe isineke kakhulu.”

Ngakho, “amaphaphu phansi,” njengoba kusho isisho sakudala. Zinike isikhathi sokujabulela ukuphila. Zinike isikhathi sokwakha ubungane obuseduze nabantu abambalwa, kunokuba uphishekele ubungane obungathi shú nenqwaba yabantu. Hlela isikhathi sakho futhi uhlele nezinto eziza kuqala ngokuhlakanipha. Qaphela ungachithi isikhathi kwezokuzilibazisa nasezintweni zobuchwepheshe zamuva.

 Ukuze wenze ukuphila kwakho kube lula, kungase kudingeke unake isimiso sakho sansuku zonke. Kukuphi lapho ungehlisa khona ijubane noma unciphise? Isaga seBhayibheli sithi: “Kukhona isikhathi esimisiwe sayo yonke into . . . , isikhathi sokulondoloza nesikhathi sokuntshinga.” (UmShumayeli 3:1, 6) Mhlawumbe lesi isikhathi sokuba uhlukane nezinto ezikudlela isikhathi ukuze ungabi matasa kakhulu ukuba ube nesineke.

Bhekana namaqiniso:

Yiba nombono ofanele ngokuphila. Okokuqala, ekuphileni kwangempela, izinto azihlali zishesha ngendlela esifisa ngayo. Lamukele iqiniso lokuthi isikhathi sihamba ngesivinini saso nokuthi asihambi ngesivinini esifunwa nguwe. Isineke-ke leso.

Okwesibili, khumbula ukuthi ngeke ukwazi ukuhlale ulawula izimo zakho. Inkosi ehlakaniphile uSolomoni, yabhala: “Umgijimi onejubane elikhulu akahlali ephumelela emncintiswaneni; ibutho elinamandla alihlali liphumelela empini; amadoda ahlakaniphe kakhulu awahlali ethola ukudla okuwumvuzo; indoda ehlakaniphile ayihlali ithola ingcebo nesifundiswa asihlali sithola ukudunyiswa okusifanele. Lapho kufika isikhathi, izinto ezimbi zenzeka kuwo wonke umuntu! Umuntu akwenzeki azi ukuthi yini ezokwenzeka kuye maduze.”—UmShumayeli 9:11, 12, Holy Bible—Easy-to-Read Version.

Kunokuba uphelelwe isineke ngenxa yezimo ongeke wakwazi ukuzilawula, zama ukuthola ukuthi yini ongase ukwazi ukuyilawula. Ngokwesibonelo, kunokuba uthukuthelele ibhasi noma isitimela ngenxa yokuthi akufiki ngesikhathi, zama ukuthola enye indlela yokufinyelela lapho uya khona. Ngisho nokuhamba ngezinyawo kungase kube ngcono kunokuba uvumele ukuphelelwa isineke futhi ube nolaka. Uma kungekho okunye ongakwenza ngaphandle kokuba ulinde, sebenzisa leso sikhathi wenze okuthile okubalulekile, njengokufunda okuthile okuzuzisayo noma ukubhala izinhlelo zezinto okusafanele uzenze.

Iqiniso liwukuthi akusizi ukukhathazeka ngezinto ongenakuzilawula. IBhayibheli lisho kufanele ukuthi: “Akukho muntu kini onganezela isikhathi sokuphila kwakhe ngokukhathazeka ngaso.”—Luka 12:25, Holy Bible—Easy-to-Read Version.

Hlakulela ingokomoya:

Abaningi abakholelwa eBhayibhelini bathole ukuthi ngokusebenzisa izimiso zalo, bangakwazi ukuhlakulela isineke. NgokweBhayibheli, umuntu ongokomoya uthambekele kakhulu ekuboniseni isineke nezinye izimfanelo ezinhle ezibalulekile njengothando, injabulo, ukuthula, ubumnene nokuzithiba. (Galathiya 5:22, 23) IBhayibheli liyathembisa: “Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga; ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyolinda izinhliziyo zenu namandla enu engqondo.” (Filipi 4:6, 7) Tadisha iBhayibheli futhi ufunde ukuthi ungaphila kanjani ngaphandle kokukhathazeka futhi ube nesineke kakhudlwana.