Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ngangibona Ukungabi Nabulungisa Yonke Indawo

Ngangibona Ukungabi Nabulungisa Yonke Indawo

NGAZALELWA emkhayeni ompofu eNyakatho ye-Ireland ngo-1965. Ngakhulela endaweni engaphansi kukamasipala waseDerry phakathi nenkathi eyayibizwa ngokuthi “iZinkinga (Troubles),” eyayinodlame olwaluphakathi kwamaKatolika namaProthestani eyathatha iminyaka engaphezu kuka-30. Idlanzana lamaKatolika lalizizwa licwaswa amaProthestani okuyiwona ayemaningi, liwasola ngokuhlanekezela imiphumela yokhetho, ukuba nesandla esiqinile kwamaphoyisa nokulifaka ezincwadini zabantu okungafanele baqashwe kuhlanganise nemikhonyovu ekukhishweni kwezindlu.

Ngangibona ukungabi nabulungisa nokucwasa yonke indawo. Angisakhumbuli nokuthi kukangaki ngishaywa, ngikhishwa emotweni, ngikhonjwa ngesibhamu noma ngiphekwa ngemibuzo amaphoyisa noma amasosha. Ngangizizwa ngiyisisulu, futhi ngacabanga, ‘Kuphakathi kokuthi ngiyakwamukela lokhu noma ngilwa nakho!’

Ngo-1972, ngahlanganyela emashini eyayibizwa ngokuthi i-Bloody Sunday lapho kwakukhunjulwa khona abantu abangu-14 ababedutshulwe amasosha aseBrithani, nasemashini eyayingeyokuhlonipha iziboshwa ezazilwela intando yeningi ezazidube ukudla zaze zafa ngo-1981. Ngangihambe ngichoma amafulegi  ayengavunyelwe, ngidweba imidwebo engasile ezindongeni eyayimelene nezwe laseBrithani nomaphi lapho ngangingakwenza khona. Kubonakala sengathi njalo kwakuhlale kunesenzo sonya noma sokubulawa komKatolika esasibangela ukuba kubhikishwe. Lokho okwakuqale njengemashi ngokuvamile kwakuphenduka umbhikisho omkhulu.

Lapho ngisesenyuvesi, ngajoyina umbhikisho wabafundi ophathelene nezimo zayo. Kamuva ngathuthela eLondon nalapho ngangenela khona imashi yeqembu lama-socialist elalimelene nenqubo kahulumeni eyayibonakala izuzisa izicebi ngokugqilaza abampofu. Ngahlanganyela nenyunyana yezisebenzi eyayilwela ukuncishiswa kwamaholo, ngaphinde ngahlanganyela emashini yango-1990 eyayimelene nentela yekhanda, okwaphumela ekutheni ababhikishayo bacekele phansi i-Trafalgar Square.

Kodwa ekugcineni ngaphoxeka. Kunokuba imibhikisho ifeze izinhloso zethu, ngokuvamile yayibhebhezela inzondo.

Nakuba benezinhloso ezinhle, abantu abakwazi ukuletha ubulungisa nokwenza ukuba abantu baphathwe ngokulinganayo

Kwakungalesi sikhathi lapho umngane wami angihlanganisa khona noFakazi BakaJehova. Besebenzisa iBhayibheli, bangifundisa ukuthi uNkulunkulu unendaba ngokuhlupheka kwethu nokuthi uzolungisa wonke umonakalo obangelwa abantu. (Isaya 65:17; IsAmbulo 21:3, 4) Nakuba benezinhloso ezinhle, abantu abakwazi ukuletha ubulungisa nokwenza ukuba abantu baphathwe ngokulinganayo. Akukhona nje ukuthi sidinga isiqondiso sikaNkulunkulu kuphela kodwa futhi sidinga namandla akhe ukuze sinqobe amandla angabonakali abangela izinkinga zezwe.—Jeremiya 10:23; Efesu 6:12.

Manje nginomuzwa wokuthi ukulwa kwami nokungabi nabulungisa kwakufana nokupenda umkhumbi ozikayo. Kuye kwaba impumuzo ukwazi ukuthi siyeza isikhathi lapho ukungabi nabulungisa kungasayikuba khona kulo mhlaba, lapho bonke abantu beyophathwa khona ngokulinganayo ngempela.

IBhayibheli lifundisa ukuthi uJehova uNkulunkulu “ungumthandi wobulungisa.” (IHubo 37:28) Lesi esinye sezizathu esenza siqiniseke ngokuthi uzoletha ubulungisa ngezinga okungekho hulumeni wabantu ongalifinyelela. (Daniyeli 2:44) Uma ungathanda ukwazi okwengeziwe, xhumana noFakazi BakaJehova endaweni yangakini noma uye engosini ethi www.ps8318.com/zu.