Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ngathola Ithemba Ngesikhathi Engangilidinga Ngaso Kakhulu

Ngathola Ithemba Ngesikhathi Engangilidinga Ngaso Kakhulu

Ngazithola ngilele ngesisu emanzini. Ngazama ukuphakamisa ikhanda ukuze ngiphefumule kodwa intamo ayivumanga. Ngethukile, ngazama ukuphenduka kodwa izingalo nemilenze akuvumanga nokuthi nyaka. Amaphaphu ami aqala ukugcwala amanzi. Ngalolo suku olwalushisa ehlobo ngo-1991, ukuphila kwami kwashintsha ngokuphelele.

NGAZALELWA edolobheni laseSzerencs futhi ngakhulela endaweni yaseTiszaladány enyakatho-mpumalanga yeHungary. Ngo-June 1991, mina nabangane bami saya engxenyeni esingayijwayele yoMfula iTisza. Ngicabanga ukuthi isiziba sijulile, ngaziphonsa phakathi. Ngangenze iphutha elikhulu kakhulu! Ngaphuka amathambo amathathu entanyeni futhi ngalimala nomgogodla. Umngane wami wabona ukuthi ngangingasanyakazi futhi wangiphakamisa ngesineke wangikhiphela ngaphandle ngaphambi kokuba ngigwilize.

Angizange ngiquleke futhi ngangibona ukuthi kunomonakalo omkhulu odalekile. Umuntu othile wabiza abezimo eziphuthumayo, kwabe sekufika indiza enophephela emhlane yangithatha yangiphuthumisa esibhedlela lapho odokotela bazama khona ukuqondisa umgogodla wami. Kamuva, ngayiswa enhloko-dolobha eBudapest, ukuze ngithole usizo oluqhubekayo lokwelashwa. Ngalala ngomhlane izinyanga ezintathu. Nakuba ngangikwazi ukunyakazisa ikhanda, ngangingakwazi ukunyakazisa umzimba kusukela emahlombe kuye phansi. Ngineminyaka engu-20 nje kuphela, ngase ngincike ngokuphelele kwabanye abantu. Ngadikibala kakhulu kangangokuthi ngaze ngafisa nokufa.

Lapho ekugcineni ngikwazi ukubuyela ekhaya, abazali bami baqeqeshwa ukuze bakwazi ukunginakekela. Kodwa lowo msebenzi wawubathwalisa kanzima ngokomzimba nangokomzwelo futhi cishe ngemva konyaka, ngazithola senginesifo sokucindezeleka. Ngaleso sikhathi, ngathola usizo lokwelashwa olunikezwa abantu abacindezelekile, okuyinto eyangisiza ukuba ngishintshe indlela engibheka ngayo ukukhubazeka kwami.

Ngaqala nokucabanga kanzulu ngokuphila. Ingabe kunayo injongo? Kungani ngehlelwe yile nhlekelele? Ngafunda omagazini nezincwadi ngifuna izimpendulo. Ngazama nokufunda iBhayibheli, kodwa ngakuthola kunzima ukuliqonda. Ngakho ngayeka ukulifunda. Ngaze ngakhuluma ngisho nanompristi kodwa izimpendulo zakhe azizange zingenelise.

Kwathi entwasahlobo ka-1994, kwafika oFakazi BakaJehova ababili bevakashele ubaba owabe esebacela ukuba bakhulume nami. Ngabalalela njengoba bechaza injongo kaNkulunkulu yokwenza umhlaba ube yipharadesi nokuqeda konke ukugula nokuhlupheka. Konke kwazwakala kukuhle, kodwa ngangingakukholwa. Noma kunjalo, ngamukela izincwadi zokufunda iBhayibheli ezimbili. Ngemva kokuzifunda, labo Fakazi bacela ukungiqhubela isifundo seBhayibheli futhi ngavuma. Bangikhuthaza nokuba ngithandaze.

Ngaqiniseka nangokuthi uNkulunkulu uyangikhathalela ngempela

Njengoba sasiqhubeka nezingxoxo, ngathola izimpendulo eziningi zemibuzo yami zivela khona kanye eBhayibhelini. Ngaqiniseka nangokuthi uNkulunkulu uyangikhathalela ngempela. Ekugcineni, ngo-September 13, 1997, ngemva kokutadisha iBhayibheli iminyaka emibili, ngabhapathizelwa kubhavu ekhaya. Kwakuwusuku olujabulisa kakhulu ekuphileni kwami.

Ngo-2007, ngathutha unomphela ngayohlala eBudapest ekhaya labakhubazekile. Ukuthuthela kule ndawo kunginike amathuba okuxoxa nabanye ngezinto ezinhle kakhulu engizifundile. Uma isimo sezulu sisihle, ngikwazi nokuphumela ngaphandle ngiyoxoxa nabantu ngenxa yosizo lwesihlalo sabakhubazekile engisishayela ngisebenzisa isilevu.

Ngenxa yosizo lwezimali oluvela komunye umndeni esinawo ebandleni, ngakwazi ukuzitholela i-laptop esebenza ngokunyakaza kwekhanda lami. Lo mshini ungisiza ukuba ngishayele abantu ucingo nge-Internet futhi ngibhale izincwadi eziya kubaninikhaya abasuke bengekho emizini yabo lapho amalungu ebandla lakithi ebahambele. Ukusiza abanye ngale ndlela kulithuthukise kakhulu ikhono lami lokuxhumana nabantu futhi kuye kwangisiza ngayeka ukuhlale ngicabanga ngesimo sami.

Ngixoxa ngomyalezo ovela eBhayibhelini nothile kuyi-Internet ngosizo lomshini ofunda ukunyakaza kwekhanda lami

Ngikwazi ngisho nokuya emihlanganweni yobuKristu. Lapho ngifika eHholo LoMbuso, abafowethu engikholwa nabo bangiphakamisa kahle ngesihlalo sami bangiyise esitezi esiphezulu lapho umhlangano uqhutshelwa khona. Phakathi nemihlangano, lapho kucelwa izilaleli ukuba zinikeze izimpendulo, umzalwane osuke ehlezi eduze kwami uphakamisa isandla sakhe uma ngifuna ukuphendula. Ube esengibambela iBhayibheli noma incwadi esisuke siyifunda njengoba mina ngisanikeza impendulo.

Ngihlale nginezinhlungu futhi ngidinga usizo lwabanye ukuba bangenzele cishe yonke into. Ngakho ngisazizwa ngilusizi ngezinye izikhathi. Kodwa ngithola induduzo ngokuba nobungane noJehova uNkulunkulu, ngazi ukuthi uyangilalela lapho ngimtshela izinto ezingikhathazayo. Ngiphinde ngithole amandla ngokufunda iBhayibheli nsuku zonke nakubafowethu nodadewethu engikholwa nabo. Ubungane babo, ukungisekela kwabo ngokomzwelo kanye nokungithandazela kwabo, kuyangisiza ngihlale nginesimo esikahle sengqondo nesingokomzwelo.

UJehova wanginika induduzo ngesikhathi engangiyidinga ngaso kakhulu. Wanginika nethemba lokuba nempilo ephelele ezweni elisha. Ngakho, ngilangazelela isikhathi lapho ngiyokwazi khona ‘ukuhamba futhi ngigxumagxume ngimdumise’ ngothando lwakhe nomusa ongenakuqhathaniswa.—IzEnzo 3:6-9.