Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kungani Kufanele Uphe UMuntu Onakho Konke?

Kungani Kufanele Uphe UMuntu Onakho Konke?

“Manje, Nkulunkulu wethu, siyakubonga futhi sidumisa igama lakho elihle.”—1 IZIKR. 29:13.

IZINGOMA: 95, 58

1, 2. Yini uJehova asipha yona?

UJEHOVA unguNkulunkulu ophayo. Zonke izinto esinazo zivela kuye. Igolide, isiliva nezinto ezikhiqizwa umhlaba zingezikaJehova futhi usebenzisa zona ukuze asekele ukuphila. (IHu. 104:13-15; Hag. 2:8) IBhayibheli liqukethe ukulandisa okuningi okuveza indlela uJehova asebenzisa ngayo izinto ezikhiqizwa umhlaba ukuze anakekele abantu bakhe.

2 Kwaphela iminyaka engu-40 uJehova enika ama-Israyeli imana namanzi ngesikhathi esehlane. (Eks. 16:35) Ngenxa yalokho, ‘awazange aswele lutho.’ (Neh. 9:20, 21) Ngomprofethi u-Elisha, uJehova wenza isimangaliso sokwandisa amafutha omfelokazi othembekile. Ngenxa yesipho sikaNkulunkulu lo mfelokazi wakwazi ukukhokha izikweletu zakhe futhi ngemva kwalokho waba nemali eyanele yokondla yena namandodana akhe. (2 AmaKh. 4:1-7) Ngosizo lukaJehova, ngokuyisimangaliso uJesu wayenika abantu ukudla ngisho nemali lapho kudingeka.​—Math. 15:35-38; 17:27.

3. Yini esizoxoxa ngayo kulesi sihloko?

3 Ziningi izinto uJehova angazisebenzisa ukuze asekele izidalwa zakhe emhlabeni. Noma kunjalo, ucela izinceku zakhe ukuba zisebenzise izinto ezinazo ukuze zisekele umsebenzi wenhlangano yakhe. (Eks. 36:3-7; funda izAga 3:9.) Kungani uJehova elindele ukuba sinikele ngezinto zethu eziyigugu? Izinceku zasendulo zaziwusekela kanjani umsebenzi wabameleli bakaJehova ngokwezimali? Inhlangano kaJehova iyisebenzisa kanjani iminikelo namuhla? Sizoxoxa ngezimpendulo zale mibuzo kulesi sihloko.

KUNGANI SIPHA UNKULUNKULU?

4. Sisuke simbonisani uJehova lapho sisekela umsebenzi wakhe?

4 Sipha uJehova izinto zethu ngoba siyamthanda futhi siyamazisa. Sivele siphelelwe amazwi lapho sicabanga ngakho konke uJehova asenzele kona. Lapho ichaza izinto ezazidingeka ukuze kwakhiwe ithempeli, iNkosi uDavide yavuma ukuthi konke esinakho kuvela kuJehova nokuthi noma yini esimupha yona ivela kulokho asiphe kona.​—Funda eyoku-1 IziKronike 29:11-14.

5. ImiBhalo ibonisa kanjani ukuthi ukupha ngokungazigodli kubalulekile ekukhululekeni kweqiniso?

5 Ukupha kungenye indlela esimkhonza ngayo uJehova. Embonweni, umphostoli uJohane wezwa izinceku zikaJehova ezulwini zithi: “Uyakufanelekela, Jehova, yebo Nkulunkulu wethu, ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngoba wadala zonke izinto, nangenxa yentando yakho zaba khona zadalwa.” (IsAm. 4:11) Awuvumi yini ukuthi uJehova uyakufanelekela ukuthola inkazimulo nodumo esingamnika kona ngokumupha izinto eziyigugu esinazo? NgoMose, uJehova wayala isizwe sakwa-Israyeli ukuba sivele phambi kukaJehova emikhosini emithathu eyayenziwa njalo ngonyaka. Kuleyo mikhosi yokukhulekela, ama-Israyeli kwakungafanele “avele phambi kukaJehova elambatha.” (Dut. 16:16) Ngokufanayo nanamuhla, ukunikela ngokungazigodli ngenxa yokwazisa nokusekela umsebenzi wengxenye esemhlabeni yenhlangano kaJehova kubalulekile ekukhulekeleni kweqiniso.

6. Kungani kukuhle ukupha? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

6 Ukupha kuhle. Kuyasizuzisa ukuba nesandla esivulekile hhayi ukwamukela nje kuphela. (Funda izAga 29:21.) Singase sicabange ngengane ethengela abazali bayo isipho ngemali encane abayiphe yona. Akungatshazwa ukuthi abazali bazosijabulela kakhulu leso sipho. Indodana noma indodakazi eyiphayona, ehlala nabazali ingase iphe abazali imadlana ukuze isize ekukhokheleni izindleko zasekhaya. Nakuba abazali bengase bangalindeli ukuba yenze lokho, bangase basamukele leso sipho ngoba bayazi ukuthi leyo yindlela ingane yabo ebonisa ngayo ukwazisa ngakho konke abayenzele khona. Ngendlela efanayo, uJehova uyaqaphela ukuthi kuhle ngathi ukunikela ngezinto zethu eziyigugu.

UKUNIKELA NGEZIKHATHI ZEBHAYIBHELI

7, 8. Abantu bakaJehova ngezikhathi zeBhayibheli basibekela kanjani isibonelo ekunikeleleni (a) imisebenzi ethile? (b) umsebenzi kaNkulunkulu?

7 Ukupha ngezinto umuntu anazo kwaqala ngezikhathi zeBhayibheli. Ngezinye izikhathi, abantu bakaJehova babenikelela imisebenzi ethile ngokukhethekile. Ngokwesibonelo, uMose wacela ama-Israyeli ukuba anikele ukuze kwakhiwe itabernakele, neNkosi uDavide yenza okufanayo ukuze kwakhiwe ithempeli. (Eks. 35:5; 1 IziKr. 29:5-9) Ngesikhathi seNkosi uJehowashi, abapristi basebenzisa imali yomnikelo ukuze kulungiswe indlu kaJehova. (2 AmaKh. 12:4, 5) Ebandleni lobuKristu langekhulu lokuqala, lapho abazalwane betshelwa ukuthi kunabazalwane abangenakho ukudla ngenxa yendlala, “banquma, yilowo nalowo kubo ngokwalokho umuntu ayenamandla okukwenza, ukuba benze inkonzo ngokuthumela usizo kubazalwane abahlala eJudiya.”​—IzE. 11:27-30.

8 Ngezinye izikhathi, abantu bakaJehova babebasekela ngokwezimali abaholayo emsebenzini kaNkulunkulu. Ngaphansi koMthetho kaMose, amaLevi awazange athole ifa njengezinye izizwe. Kunalokho, ama-Israyeli ayenikela noma akhiphe okweshumi ukuze amaLevi akwazi ukugxila emsebenzini wawo etabernakele. (Num. 18:21) Ngendlela efanayo, abesifazane abanesandla esivulekile basebenzisa ababenakho ukuze basekele uJesu nabaphostoli bakhe.—Luka 8:1-3.

9. Yayivela kuphi iminikelo endulo?

9 Kuyiqiniso, leyo minikelo yayivela ezindaweni ezihlukahlukene. Ngesikhathi ama-Israyeli enikela ukuze kwakhiwe itabernakele ehlane, cishe anikela nangezinto ayesuke nazo eGibhithe. (Eks. 3:21, 22; 35:22-24) Ngekhulu lokuqala, amanye amaKristu adayisa izinto ayenazo njengamasimu noma izindlu abe eseyinika abaphostoli leyo mali. Ngemva kwalokho abaphostoli babeyihlukanisa bayinikeze abaswele. (IzE. 4:34, 35) Abanye babenikela njalo ngesamba esithile ukuze basekele umsebenzi. (1 Kor. 16:2) Ngaleyo ndlela wonke umuntu, kusukela kocebe kakhulu kuye kompofu kakhulu, wayenikela.—Luka 21:1-4.

UKUNIKELA NAMUHLA

10, 11. (a) Singawulingisa kanjani umoya wokupha wezinceku zikaJehova zangesikhathi seBhayibheli? (b) Uzizwa kanjani ngelungelo onalo lokusekela umsebenzi woMbuso?

10 Nathi singase sicelwe ukuba sinikele lapho kunomsebenzi okhethekile ozokwenziwa. Ngokwesibonelo, ingabe ibandla okulo lihlela ukwakha iHholo LoMbuso? Noma ingabe iHholo LoMbuso ohlanganyela kulo liyalungiswa? Singase saziswe ngemali edingekayo ukuze kulungiswe ihhovisi legatsha, ukuze kukhokhelwe izindleko zomhlangano noma ukuze kusizwe abafowethu abathintwe izinhlekelele zemvelo. Siphinde sinikele ukuze sisekele labo abasebenza endlunkulu yomhlaba wonke nalabo abasebenza emahhovisi egatsha emhlabeni wonke. Iminikelo yethu isekela izithunywa zevangeli, amaphayona akhethekile nababonisi bezigodi. Akungatshazwa ukuthi ebandleni okulo kunemali okuvunyelenwe ngayo ekhishwa njalo ukuze kusekelwe umsebenzi wokwakha amaHholo Omhlangano namaHholo OMbuso, okuzuzisa abafowethu emhlabeni wonke.

11 Sonke singaba nesandla ekusekeleni umsebenzi ofezwa uJehova kulezi zinsuku zokugcina. Abantu abaningi abanikelayo bayawafihla amagama abo. Sinikela emabhokisini omnikelo emaHholo OMbuso noma sinikele ku-jw.org/zu. Singase sicabange ukuthi iminikelo yethu emincane ayisizi kangako. Nokho, ngokuyinhloko iminikelo namuhla yakhiwa yizipho eziningi ezincane kunalezo ezimbalwa ezinkulu. Ngisho nabafowethu abampofu balingisa amaKristu aseMakedoniya ayengaphansi ‘kobumpofu obukhulu’ acela ukupha futhi apha ngokungazigodli.​—2 Kor. 8:1-4.

12. Yini eyenziwa yinhlangano ukuze iqikelele ukuthi iminikelo isetshenziswa ngendlela efanele?

12 INdikimba Ebusayo icela usizo lukaNkulunkulu ngomthandazo bese iqikelela ukuba ithembeke futhi ibe nokuqonda lapho isebenzisa imali yenhlangano. (Math. 24:45) Imali eyitholayo ihlelwa kahle bese isetshenziswa ngendlela efanele. (Luka 14:28) Ngezikhathi zeBhayibheli, abaphathi beminikelo babelandela izinqubo ezithile ukuze baqikelele ukuthi iminikelo isetshenziselwa izinjongo ezifanele. Ngokwesibonelo, u-Ezra wabuyela eJerusalema nezinto inkosi yasePheresiya eyanikela ngazo—igolide, isiliva nezinye izinto manje ezingabiza imali engaphezu kuka-R1 300 000 000. U-Ezra wayebheka lezo zinto njengomnikelo kaJehova futhi wabeka imithetho ukuze zivikeleke lapho behamba endleleni bedlula ezindaweni eziyingozi. (Ezra 8:24-34) Umphostoli uPawulu waqoqa iminikelo ukuze asize abazalwane eJudiya. Wenza imizamo ukuze aqikelele ukuthi labo abahambisa iminikelo banakekela “ilungiselelo elithembekile, hhayi emehlweni kaJehova kuphela, kodwa nasemehlweni abantu.” (Funda eyesi-2 Korinte 8:18-21.) Ilingisa isibonelo sika-Ezra noPawulu, inhlangano yethu namhlanje ilandela imithetho eqinile mayelana nendlela yokusebenzisa iminikelo.

13. Kufanele sizibheke kanjani izinguquko ezisanda kwenziwa enhlanganweni?

13 Umndeni ungase wenze ushintsho ukuze ukwazi ukukhokhela izindleko noma ungase uphile ukuphila okulula ukuze ukwazi ukwenzela uJehova okuningi. Inhlangano kaJehova yenza okufanayo. Eminyakeni yakamuva, kuye kwenziwa izinto eziningi ezintsha. Ngezinye izikhathi, lokhu kuye kwabangela ukuthi okwesikhathi esithile kube nemali eningi esebenzayo kunemali engenayo. Ngenxa yalokho inhlangano ifuna izindlela zokunciphisa izindleko nezokwenza umsebenzi ngendlela eshibhile ukuze ikwazi ukwenza okuningi ngeminikelo yenu.

IZINZUZO ZEMINIKELO YAKHO

Iminikelo yakho isekela umsebenzi wethu womhlaba wonke (Bheka izigaba 14-16)

14-16. (a) Yiziphi izinto ezifezwayo ngeminikelo yethu? (b) Wena uye wazuza kanjani kula malungiselelo?

14 Izinceku eziningi zikaJehova ziye zathi akukaze kube nesikhathi esinjengalesi esinamalungiselelo angokomoya amaningi ngale ndlela. Ake ucabange nje! Eminyakeni yakamuva, siye sabona ukuqala kwe-jw.org/zu ne-JW Broadcasting. INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele inyatheliswa ngezilimi ezengeziwe. Ngo-2014/2015 kwaba noMhlangano Wezizwe Zonke owawunesihloko esithi “Qhubekani Nifuna Kuqala UMbuso KaNkulunkulu!”ezinkundleni ezinkulu zemidlalo emadolobheni angu-14 emhlabeni wonke. Labo ababekhona bawujabulela kakhulu.

15 Abaningi baye babonisa ukuthi bayazazisa izinzuzo abazithola enhlanganweni kaJehova. Ngokwesibonelo, mayelana nelungiselelo le-JW Broadcasting, indoda nomkayo abakhonza e-Asia babhala: “Sikhonza edolobheni elincane. Ngenxa yalokho, ngezinye izikhathi siye sizizwe sinesizungu bese kalula sikhohlwe ukuthi inhlangano kaJehova yenza umsebenzi onganani. Nokho, lapho nje sibuka izinhlelo ezihlukahlukene ze-JW Broadcasting, siyakhumbula ukuthi nathi siyingxenye yobuzalwane bomhlaba wonke. Abafowethu nodadewethu esibathandayo esikhonza nabo kule ndawo bayakujabulela ukubuka i-JW Broadcasting. Ngemva kokubuka uhlelo lwazinyanga zonke, sivame ukubezwa bethi bazizwa besondelene namalungu eNdikimba Ebusayo. Manje bayaziqhenya kunanini ngaphambili ngokuba ingxenye yenhlangano kaNkulunkulu.”

16 Emhlabeni wonke, cishe angu-2 500 amaHholo OMbuso akhiwayo noma alungiswayo njengamanje. Ngesikhathi amalungu elinye ibandla eHonduras eqala ukusebenzisa iHholo lawo LoMbuso abhala: “Sikujabulela kakhulu ukuba ingxenye yomndeni kaJehova nokuba nobuzalwane obuhle bomhlaba wonke, kokubili okwenze isifiso sethu sokuba neHholo LoMbuso endaweni yangakithi sagcwaliseka.” Abaningi bazizwa ngendlela efanayo ngemva kokuthola iBhayibheli nezinye izincwadi ezihunyushelwe olimini lwabo, ngemva kokuzuza emsebenzini wokusiza abavelelwe izinhlekelele zemvelo noma ngemva kokubona imiphumela yokushumayela ngenqola neyokushumayela obala endaweni abahlala kuyo.

17. Indlela inhlangano esebenza ngayo namuhla ibubonisa kanjani ubufakazi bokuthi isekelwa nguJehova?

17 Abantu abasibukayo abaqondi ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi sikwazi ukwenza wonke lo msebenzi ngeminikelo yokuzithandela nje kuphela. Ngemva kokubuka izakhiwo zethu zokunyathelisa, umphathi othile wenkampani enkulu wamangazwa ukuthi wonke lo msebenzi wenziwa izisebenzi zokuzithandela futhi usekelwa ngeminikelo yokuzithandela. Wathi akufanele ngabe siyakwazi ukwenza lo msebenzi. Siyavuma! Siyazi ukuthi lo msebenzi wenzeka kuphela ngenxa yokuthi nguJehova owusekelayo.—Jobe 42:2.

IZIBUSISO ZOKUPHA UJEHOVA

18. (a) Yiziphi izibusiso esizitholayo lapho sisekela uMbuso? (b) Singaziqeqesha kanjani izingane nabasanda kuhlanganyela ukuba baphe?

18 UJehova usinika ilungelo lokusekela umsebenzi omkhulu owenziwayo namuhla. Usiqinisekisa ngokuthi uzosibusisa lapho sipha ukuze sisekele uMbuso. (Mal. 3:10) UJehova uthembisa ukuthi umuntu ophayo ngokungazigodli uyoba nokuningi. (Funda izAga 11:24, 25.) Ukupha kusenza sijabule ngoba “kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.” (IzE. 20:35) Ngezwi nangesenzo sinelungelo lokuqeqesha izingane zethu nabasanda kuhlanganyela ukuba balazise ilungelo lokupha futhi bajabulele izibusiso ezilethwa ukwenza lokho.

19. Lesi sihloko siye sakukhuthaza kanjani?

19 Zonke izinto esinazo zivela kuJehova. Ukumupha lokho esinakho ngokunikela kubonisa ukuthi siyamthanda nokuthi siyakwazisa konke asenzele kona. (1 IziKr. 29:17) Ngesikhathi ama-Israyeli enikela ukuze kwakhiwe ithempeli ‘ajabula ngokunikela ngokuzithandela, ngoba enza iminikelo yokuzithandela kuJehova ngenhliziyo epheleleyo.’ (1 IziKr. 29:9) Kwangathi nathi singaqhubeka sijabula futhi saneliswa ukupha uJehova lokho esinakho okuvela esandleni sakhe.