INQABAYOKULINDA​—EFUNDWAYO Juni 2017

Lo magazini unezihloko ezifundwayo zika-July 31 kuya ku-August 27, 2017.

Uyakhumbula?

Ingabe uzifunde ngokucophelela izihloko zakamuva ze-Nqabayokulinda? Ake uzihlole, ubone ukuthi ungayiphendula yini le mibuzo esekelwe eBhayibhelini.

UJehova Usiduduza Kuzo Zonke Izinkathazo Zethu

Yiziphi ezinye izinkathazo amaKristu angase abhekane nazo emshadweni nasemndenini namuhla? Futhi uma kuwukuthi ubhekene nalezi zinkinga, uNkulunkulu angakududuza kanjani?

Yithande Ingcebo Oyiphiwe UNkulunkulu

Iyiphi ingcebo okufanele siyithande, futhi singabonisa kanjani ukuthi siyayithanda?

Ungakwazi Yini Ukubheka Ngale Kokubukeka Kwangaphandle?

Kwenzakalani lapho omunye woFakazi BakaJehova eshumayeza ngesineke kumuntu owayengathandeki futhi ongafuni ukunakwa ozihlalela emgwaqeni?

Ungakwazi Yini Ukunqoba Izingxabano Uthuthukise Ukuthula?

Abantu bakudinga ukuthula. Noma kunjalo, lapho abanye behliswa isithunzi, iningi labantu livele lenze ngendlela engakuthuthukisi ukuthula. Ungakugwema kanjani lokho?

“Makubusiswe Ukuba Nengqondo Kwakho”

La mazwi ashiwo uDavide wakwa-Israyeli wasendulo encoma u-Abhigayili. Yini eyenza uDavide wancoma u-Abhigayili, futhi singazuza kanjani esibonelweni sika-Abhigayili?

Gxila Kokubaluleke Kunakho Konke

Iyiphi lendaba ebalulekile ethinta sonke isintu? Kungani kubalulekile ukuba uyiqonde?

Sekela Ukubusa KukaJehova!

Kukusiza ngani ukuqaphela ukuthi uJehova ofanelekela ukubusa ezulwini nasemhlabeni?

Ingabe Bewazi?

Ingabe kufanele abathengisi ababedayisa izilwane ethempelini laseJerusalema babizwe “ngabaphangi”?