Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isenzo Esisodwa Somusa

Isenzo Esisodwa Somusa

ENDIYA edolobhaneni laseGujarat, ubaba kaJohn wabhapathizwa ngasekupheleni kwawo-1950 waba uFakazi kaJehova. UJohn nabafowabo ababili nodadewabo abathathu nomama wakhe bonke babengamaKatolika futhi babemphikisa ubaba wabo.

Ngolunye usuku, uJohn wathunywa uyise ukuba ahambise incwadi kumngane wakhe wasebandleni. Ngalolo suku ekuseni uJohn wazilimaza kabi emnweni lapho evula ithini elikhulu. Noma kunjalo, ngenxa yokuthi wayefuna ukulalela uyise, wabopha umunwe owophayo ngendwangu wabe esehamba ngezinyawo waya lapho ethunywe khona.

Lapho uJohn efika emzini athunywe kuwo wafica inkosikazi yomngane kayise, eyayinguFakazi kaJehova. Lapho ithatha incwadi, yaphawula ukuthi umunwe kaJohn ulimele futhi yacela ukumsiza. Yakhipha ibhokisi okugcinwa kulo amabhandishi. Yageza umunwe ngomuthi osusa amagciwane yabe isimbhandisha. Ngemva kwalokho yamenzela itiye, yakhuluma naye ngeBhayibheli ngomoya omuhle.

Ngenxa yalokhu, uJohn waqala ukubathanda oFakazi, ngakho wabuza le nkosikazi ngezinto ezimbili ababengavumelani ngazo nobaba wakhe—Ukuthi uJesu unguNkulunkulu yini nokuthi amaKristu kufanele athandaze kuMariya yini? Le nkosikazi yakwazi ukuphendula uJohn ngolimi lwakhe lwesiGujarati isebenzisa iBhayibheli yabe isimnika incwadi ethi “This Good News of the Kingdom.

Njengoba uJohn eyifunda le ncwadi wabona ukuthi leli iqiniso. Waya kumfundisi wakhe wambuza imibuzo efanayo. Umfundisi wavele wacasuka wamjikijela ngeBhayibheli, waklabalasa wathi: “Usuphenduke uSathane! Ngikhombise lapho iBhayibheli elisho khona ukuthi uJesu akayena uNkulunkulu. Ngikhombise lapho elisho khona ukuthi akumelwe sikhulekele uMariya. Ngikhombise!” UJohn washaqeka kangangokuthi wathi kumfundisi: “Ngigcine ngci ukuza kuleli sonto lamaKatolika.” Ngempela akaphindanga waya khona!

UJohn waqala ukufunda noFakazi BakaJehova, wamelela inkolo yeqiniso wabe esekhonza uJehova. Ngokuhamba kwesikhathi amanye amalungu omndeni nawo agcina ekhonza uJehova. Namanje sisekhona isibazi emnweni uJohn azisika kuwo eminyakeni engu-60 edlule. Usawukhumbula umusa wabantu bakaJehova owamdonsela enkolweni yeqiniso.​—2 Kor. 6:4, 6.