Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukufuna Iqiniso

Ukufuna Iqiniso

Ukwazi iqiniso kungasindisa ukuphila kwethu. Ngokwesibonelo, cabanga ngempendulo yalo mbuzo olandelayo ukuthi iye yakuthinta kanjani ukuphila kwethu: Zisakazeka kanjani izifo ezithathelanayo?

Kwadlula izinkulungwane zeminyaka engekho oyaziyo impendulo yalo mbuzo. Kuyilapho izifo ezingumashayabhuqe zibulala izigidi zabantu. Ekugcineni, ososayensi balazi iqiniso. Bathola ukuthi izifo eziningi zazibangelwa amagciwane anjengama-bacteria nama-virus. Ukuthola leli qiniso kusize abantu ukuba bazivikele futhi belaphe izifo eziningi, okwenze izigidigidi zabantu zaphila isikhathi eside, zaba nempilo enhle.

Kuthiwani ngeminye imibuzo ebalulekile? Ucabanga ukuthi ukufuna iqiniso ngale mibuzo elandelayo kungakuthinta kanjani?

  • Ungubani uNkulunkulu?

  • Ungubani uJesu Kristu?

  • Uyini uMbuso kaNkulunkulu?

  • Lisiphatheleni ikusasa?

Izigidi zabantu ziye zathola izimpendulo zale mibuzo futhi zathuthukisa ukuphila kwazo. Nawe ungazuza kulezi zimpendulo.

UNGALITHOLA YINI IQINISO?

Ungase uzibuze, ‘Kungenzeka yini uthole iqiniso nganoma ngabe yini?’ Phela ukuthola iqiniso ngezinto eziningi kuya kuba nzima nakakhulu. Kungani?

Abantu abaningi ababethembi ohulumeni, abamabhizinisi noma abezindaba ukuthi bangabatshela iqiniso. Bakuthola kunzima ukuhlukanisa phakathi kwamaqiniso nemibono yabantu, amaqiniso angaphelele namanga aluhlaza cwe. Kule nkathi yokungathembani nemibiko engamanga, abantu abagcini nje ngokungavumelani ngendlela yokubeka amaqiniso kodwa nokuthi ayini wona amaqiniso.

Naphezu kwalezi zinselele, ungazithola izimpendulo eziyiqiniso zemibuzo ebaluleke kakhulu ekuphileni. Kanjani? Ngokusebenzisa amakhono ovame ukuwasebenzisa nsuku zonke.

UKUFUNA KWAKHO IQINISO

Ngokwezinga elithile, nsuku zonke ufuna iqiniso. Cabanga ngesimo sikaJessica. Uthi: “Ukuguliswa amantongomane kwendodakazi yami kubi kakhulu, ngisho nenani elincane lamaprotheni atholakala kuwo lingambulala.” UJessica udinga ukwazi ukuthi ukudla akuthengela indodakazi yakhe kuphephile yini. “Into yokuqala engiyenzayo, ukufunda ngokucophelela ukuthi yiziphi izinto ezifakiwe ngesikhathi kwenziwa. Ngemva kwalokho, ngibe sengiqhubeka ngenza ucwaningo ngize ngithinte nenkampani eyenza lokhu kudla ukuze ngithole ukuthi awangenanga yini ngephutha amaprotheni amantongomane. Ngiphinde ngenze nolunye ucwaningo kweminye imithombo ethembekile ukuze ngithole ukuthi le nkampani ngingayethemba yini.”

Imibuzo ozama ukuthola izimpendulo zayo nsuku zonke, kungenzeka ingabaluleki kakhulu njengekaJessica, kodwa nawe ungasebenzisa indlela efanayo yokufuna amaqiniso njengaye:

  • Thola amaqiniso.

  • Yenza ucwaningo olwengeziwe.

  • Qiniseka ngokuthi imithombo yakho ithembekile.

Le ndlela efanayo ingakusiza uthole izimpendulo eziyiqiniso embuzweni ebalulekile ekuphileni. Kanjani?

INCWADI EHLUKILE YEQINISO

Lapho efuna amaqiniso eBhayibheli, uJessica wasebenzisa indlela efanayo naleyo ayisebenzisa ngesikhathi ecwaninga ngokudla okugulisa indodakazi yakhe. Uthi: “Ukufunda ngokucophelela nangokucwaninga ngokuzimisela kwangisiza ngathola iqiniso eBhayibhelini.” NjengoJessica, izigidigidi zabantu ziye zafunda lokho okushiwo yiBhayibheli ngale mibuzo:

  • Kungani silapha?

  • Kwenzekani lapho sifa?

  • Kungani sihlupheka?

  • Yini uNkulunkulu ayenzayo ukuze aqede ukuhlupheka?

  • Singaba kanjani nokuphila komndeni okujabulisayo?

Ungazithola izimpendulo eziyiqiniso ngale mibuzo neminye, ngokufunda iBhayibheli nangokwenza ucwaningo olwengeziwe ku-www.ps8318.com.