Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UJehova Uzoziqeda Zonke Izifo Zokuphazamiseka Kwengqondo

UJehova Uzoziqeda Zonke Izifo Zokuphazamiseka Kwengqondo

UNkulunkulu usebenzisa iBhayibheli ukuze asinikeze isiqondiso nenduduzo esisiza sikwazi ukubhekana nokucindezeleka.

UNkulunkulu uphinde enze nokwengeziwe. Uthembisa nokuziqeda zonke izimbangela zokuphazamiseka kwengqondo.

Lapho uNkulunkulu esegcwalisa leso sithembiso, ngeke kuphinde kube nezinto ezisizwisa ubuhlungu, ukucindezeleka futhi izinto ezibuhlungu “ngeke zikhunjulwe, ngeke zifike nasenhliziyweni.”​—Isaya 65:17.

OFakazi BakaJehova bangakujabulela ukukusiza ukuze ubone ukuthi uNkulunkulu uzosigcwalisa kanjani futhi nini lesi sithembiso esiduduzayo.