Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | ABAGIBELI BAMAHHASHI ABANE BAKUTHINTA KANJANI?

Abagibeli Bamahhashi Abane Bakuthinta Kanjani

Abagibeli Bamahhashi Abane Bakuthinta Kanjani

Kuzwakala ukugabavula okunjengokuduma kwezulu! Ukufunda ngamahhashi amane nabagibeli bawo eBhayibhelini kushayisa ngovalo ngoba indlela achazwa ngayo ungathi uzowabona ngokoqobo egijima! Ihhashi lokuqala limhlophe—oligibele yinkosi entsha ekhazimulayo. Lilandelwa ihhashi elibomvu, oligibele uqeda ukuthula emhlabeni. Kube sekulandela ihhashi elimnyama bhuqe, oligibele uphethe isikali futhi kuzwakala izindaba ezimbi zokusweleka kokudla. Ihhashi lesine linombala othi awube mpunga, libikezela izifo nezinye izinto ezibulalayo, ligitshelwe uKufa uqobo. NeThuna lilandela eduze libutha kwasani oluphilayo!—IsAmbulo 6:1-8.

“Ngesikhathi ngifunda okokuqala ngabagibeli bamahhashi abane ngethuka. Ngangibona sengathi uSuku Lokwahlulela lwaluseduze futhi njengoba ngangingalulungele, ngangingeke ngisinde.”—UCrystal.

“Yayingimangaza le ndaba yabagibeli abane kanye namahhashi anemibala engafani. Lapho sengikuqonda lokho okwakushiwo yile ndaba, kwavele kwacaca konke.”—U-Ed.

Lapho ufunda ngabagibeli bamahhashi abane abavezwe encwadini yesAmbulo, ingabe uzizwa ngendlela uCrystal ayezizwa ngayo noma uzizwa njengo-Ed? Kunoma yikuphi, indaba yabagibeli bamahhashi abane iphakathi kwezindaba ezaziwa kakhulu encwadini yesAmbulo, okuyincwadi yokugcina yeBhayibheli. Ubuwazi ukuthi ukuwuqonda kahle lo mbono kungakuzuzisa? Kanjani? UNkulunkulu uthembisa ukuthi ungathola injabulo ngokufunda nangokwenza lokho okubhalwe kule ncwadi yesiprofetho.—IsAmbulo 1:1-3.

Nakuba abanye ubethusa lo mbono wabagibeli abane bamahhashi, awuhloselwe ukuba ukwethuse. Empeleni, lo mbono uqinise ukholo lwabantu abaningi wabanikeza nethemba lokuba nekusasa eliqhakazile. Kungaba njalo nakuwe. Sicela uqhubeke ufunda ngalo mbono.