Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 5

Izinzuzo Zokufunda Kubantu Abadala

Izinzuzo Zokufunda Kubantu Abadala

UBANI OKUFANELE AFUNDISE IZINGANE?

Izingane ziyabadinga abantu abadala abazozinikeza iziqondiso nezeluleko. Njengomzali, usethubeni elingcono kakhulu lokukwenza lokho. Empeleni, kuwumthwalo wakho. Nokho, nabanye abantu abadala bangasiza ekunikezeni izingane zakho izeluleko.

KUNGANI KUBALULEKILE?

Emazweni amaningi, izingane azichithi isikhathi esiningi nabantu abadala. Cabanga ngalokhu:

  • Izingane zichitha isikhathi esiningi esikoleni, okuyindawo enezingane eziningi kunothisha nabanye abantu abadala.

  • Nangemva kwesikole ezinye izingane zihlala zodwa emakhaya, ngenxa yokuthi abazali bayasebenza.

  • Ucwaningo olwenziwa e-United States lwaveza ukuthi izingane eziphakathi kweminyaka engu-8 nengu-12 zichitha amahora angaba yisithupha ngosuku zibukela i-TV, zidlala imidlalo yamavidiyo, noma zilalela umculo. *

Incwadi ethi Hold On to Your Kids, ithi: “Kunokuba iye kubazali, kothisha noma kwabanye abantu abadala lapho idinga izeluleko nosizo, intsha eningi ifuna lolu sizo . . . kontanga.”

INDLELA YOKUFUNDISA IZINGANE

Chitha isikhathi nezingane zakho.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Qeqesha umntwana ngokwendlela emfanele; ngisho nalapho ekhula ngeke aphambuke kuyo.”​—IzAga 22:6.

Ngokwemvelo, izingane zifuna kube abazali bazo abazisizayo nabazifundisayo. Empeleni ochwepheshe bathi ngisho nalapho zikhula, izingane zisazisa kakhulu iseluleko sabazali kunesontanga. UDkt. Laurence Steinberg owabhala incwadi ethi You and Your Adolescent, uthi: “Abazali basanethonya elinamandla ekuqeqesheni izingane zabo endleleni okufanele ziziphathe ngayo, kusukela zisencane kuze kube yilapho zizimela.” Uyanezela: “Intsha iyayazisa imibono yakho futhi iyalalela lapho ukhuluma nayo, nakuba ingase ingavumelani nawe ngaso sonke isikhathi.”

Njengoba ingane yakho isaseminyakeni ekahle yokwamukela isiqondiso sakho, sisebenzise ngokunenzuzo lesi sikhathi. Chitha isikhathi esanele nengane yakho, yitshele indlela ozizwa ngayo ngezinto ezithile nokuthi yiziphi izinto ezibalulekile kuwe, nezinto osuzifundile ekuphileni.

Umuntu oyisibonelo ongalingiswa yingane yakho.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha.”​—IzAga 13:20.

Ukhona yini umuntu okhulile ocabanga ukuthi angaba yisibonelo esihle enganeni yakho? Ungakwazi yini ukuhlela naye ukuba achithe isikhathi esithile nengane yakho? Uma ekhona, akusho ukuthi usuzodlulisela umthwalo wakho njengomzali kuye. Nokho, isikhuthazo somunye umuntu omethembayo ukuthi ngeke ayilimaze ingane yakho, singanezela ekuqeqesheni kwakho. IBhayibheli libonisa ukuthi nakuba uThimothewu ayesekhulile, wayezuza kakhulu ebunganeni bakhe noPawulu, kanti noPawulu wayezuza kuThimothewu. —Filipi 2:20, 22.

Namuhla, imindeni eminingi ayisahlali ndawonye. Kuyenzeka ogogo nomkhulu, omalume nezinye izihlobo bahlale ezifundeni noma emazweni ahlukile. Uma kunjalo nangomndeni wakho, hlela isikhathi sokuba izingane zakho zibe nabantu abadala abanobuntu ongathanda ukuba zibulingise.

^ isig. 9 Lolu cwaningo lwaveza nokuthi ngokwesilinganiso intsha eneminyaka engaphezu kwengu-12, ichitha amahora angaba ngu-9 ngosuku kulezi zinto ezibaliwe. Lezi zibalo azihlanganisi isikhathi esisetshenziselwa umsebenzi wesikole.