Dlulela kokuphakathi

Samukele Njalo Isiyalo SikaJehova

Samukele Njalo Isiyalo SikaJehova

“Ungasali isiyalo sikaJehova.”—IZAGA 3:11.

1. Kungani kufanele sisamukele isiyalo sikaNkulunkulu?

INKOSI yakwa-Israyeli wasendulo, uSolomoni, inikeza ngamunye wethu isizathu esihle sokwamukela isiyalo sikaNkulunkulu. USolomoni uthi: “O ndodana yami, ungasali isiyalo sikaJehova; futhi ungakwenyanyi ukusola kwakhe, ngoba uJehova uyamsola lowo amthandayo, njengoba nje nobaba eyisola indodana ayijabulelayo.” (IzAga 3:11, 12) Yebo, uYihlo osezulwini ukuyala ngoba ekuthanda.

2. Lichazwa kanjani elithi “isiyalo,” futhi umuntu angase ayalwe kanjani?

2 Elithi “isiyalo” lisho isijeziso, ukulungiswa nokufundiswa. Umphostoli uPawulu wabhala: “Asikho isiyalo esibonakala okwamanje sengathi siyajabulisa, kodwa sibanga usizi; nokho kamuva labo abaqeqeshwe yiso sibathelela isithelo sokuthula, okuwukuthi, ukulunga.” (Hebheru 12:11) Ukwamukela nokusebenzisa isiyalo sikaNkulunkulu kungakusiza ukuba uphishekele inkambo yokulunga, kanjalo kukusondeze kakhudlwana kuNkulunkulu ongcwele, uJehova. (IHubo 99:5) Ungase ulungiswe amanye amaKristu, yizinto ozifunda emihlanganweni yobuKristu nawukutadisha iZwi likaNkulunkulu nezincwadi ‘zomphathi othembekile.’ (Luka 12:42-44) Yeka indlela ongabonga ngayo lapho okunye kwalokhu kukuqaphelisa okuthile okudingeka ukuba ukulungise! Kodwa isiphi isiyalo esingase sidingeke uma kwenziwe isono esingathí sina?

Okwenza Abathile Basuswe Ekuhlanganyeleni

3. Ilungu lebandla lisuswa ekuhlanganyeleni uma kwenzenjani?

3 Izinceku zikaNkulunkulu zitadisha iBhayibheli nezincwadi zobuKristu. Emihlanganweni yazo yebandla, yesifunda neyesigodi kuxoxwa ngezindinganiso zikaJehova. Ngakho, amaKristu ayakwazi ukuthola ukuthi uJehova ufunani kuwo. Ilungu lebandla lisuswa ekuhlanganyeleni kuphela uma lingaphenduki esonweni esingathí sina.

4, 5. Isiphi isibonelo esisemiBhalweni esinikezwe lapha somuntu owasuswa ekuhlanganyeleni, futhi kungani ibandla lakhuthazwa ukuba limbuyisele ekuhlanganyeleni?

4 Cabanga ngesibonelo esisemiBhalweni sothile owasuswa ekuhlanganyeleni. Ibandla laseKorinte lalibekezelela “ubufebe [obabungekho] ngisho naphakathi kwezizwe, ukuthi umuntu othile [wayethathé] umkayise.” UPawulu wakhuthaza abaseKorinte ukuba lowo muntu “[bamnikele] kuSathane ngenjongo yokuba kubhujiswe inyama, ukuze umoya usindiswe.” (1 Korinte 5:1-5) Lapho sesisusiwe ekuhlanganyeleni futhi sanikelwa kanjalo kuSathane, lesi soni saphinde saba ingxenye yezwe likaDeveli. (1 Johane 5:19) Ukuxoshwa kwaso kwasusa ithonya elibi elingokwenyama ebandleni, kwalondoloza “umoya” walo noma isimo sengqondo salo sokuhlonipha uNkulunkulu.—2 Thimothewu 4:22; 1 Korinte 5:11-13.

5 Ngemva kwesikhashana, uPawulu wanxusa amaKristu aseKorinte ukuba asibuyisele ekuhlanganyeleni leso soni. Ngani? Umphostoli wathi ukuze lawo maKristu ‘angaphanjwa uSathane.’ Ngokusobala, lesi soni sase siphendukile sahlanza ukuphila kwaso. (2 Korinte 2:8-11) Uma abaseKorinte babenqaba ukumbuyisela ekuhlanganyeleni lo muntu owayesephendukile, uSathane wayeyobaphamba ngokuthi babeyobe babonisa ukungabi nazwela nokungathetheleli njengoba nje uDeveli ayefuna. Kungenzeka akubanga sikhathi ‘bamthethelela futhi bamduduza’ lo muntu owayesephendukile.—2 Korinte 2:5-7.

6. Ukususwa komuntu ekuhlanganyeleni kungafezani?

6 Kufezani ukususwa komuntu ekuhlanganyeleni? Kugcina igama likaJehova elingcwele lingenaso isihlamba futhi kuvikela idumela elihle labantu bakhe. (1 Petru 1:14-16) Ukuxosha isoni esingaphenduki ebandleni kusekela izindinganiso zikaNkulunkulu futhi kugcina ibandla lihlanzekile ngokomoya. Kungase futhi kumsangulukise umuntu obengaphenduki.

Kungani umphostoli uPawulu athumelela abaseKorinte iziyalezo mayelana nokususa ekuhlanganyeleni?

Ukuphenduka Kwenza Umahluko

7. Ukungazivumi iziphambeko zakhe kwamthonya kanjani uDavide?

7 Abantu abaningi abenza isono esingathí sina baphenduka ngobuqotho futhi abasuswa ekuhlanganyeleni nebandla. Yebo, ukuphenduka ngobuqotho akwenzeki kalula ngaso sonke isikhathi. Cabanga ngenkosi yakwa-Israyeli, uDavide, eyaqamba iHubo 32. Le ngoma iveza ukuthi isikhathi esithile uDavide akazange azivume izono zakhe ezingathí sina, cishe ezazihilela uBhati-sheba. Ngenxa yalokho, ukuba lusizi ngezono zakhe kwamqeda amandla, njengoba nje ukushisa kwasehlobo okungenamhwamuko komisa isihlahla. UDavide wahlukumezeka emzimbeni nasengqondweni, kodwa lapho ‘ezivuma iziphambeko zakhe, uJehova wamxolela.’ (IHubo 32:3-5) Wabe esehlabelela: “Uyajabula umuntu uJehova angambaleli siphambeko.” (IHubo 32:1, 2) Yeka ukuthi kwakumnandi kanjani ukuthola isihe sikaNkulunkulu!

8, 9. Kuboniswa kanjani ukuphenduka, futhi kubaluleke kangakanani endabeni yokubuyiselwa komuntu ekuhlanganyeleni?

8 Kusobala-ke ukuthi ukuze isoni sithole isihe, kumelwe siphenduke. Nokho, amahloni nokwesaba ukudaluleka akukhona ukuphenduka. “Ukuphenduka” kusho ukushintsha umqondo ngokuqondene nokuziphatha okubi, ngenxa yokuzisola. Umuntu ophendukile uba ‘nenhliziyo ephukile nechobozekile’ futhi afune “ukulungisa okungalungile” uma kungenzeka.—IHubo 51:17; 2 Korinte 7:11.

9 Ukuphenduka kubaluleke kakhulu ekunqumeni ukuthi umuntu uyabuyiselwa yini ekuhlanganyeleni nebandla lobuKristu. Umuntu osusiwe ekuhlanganyeleni akavele nje amukelwe ebandleni ngoba sekudlule isikhathi esithile. Ngaphambi kokuba abuyiselwe, isimo sakhe senhliziyo kumelwe sishintshe kakhulu. Kumelwe abone ububi besono sakhe nesihlamba asilethe kuJehova nasebandleni. Isoni kumelwe siphenduke, sithandazele intethelelo ngobuqotho, futhi sizivumelanise nezimfuneko zikaNkulunkulu zokulunga. Lapho sicela ukubuyiselwa ekuhlanganyeleni, kufanele sikwazi ukunikeza ubufakazi bokuthi siphendukile futhi senza “imisebenzi efanele ukuphenduka.”—IzEnzo 26:20.

Kungani Kufanele Uvume Isono?

10, 11. Kungani kungafanele sizame ukuvele sisifihle isono?

10 Abanye abaye bona bangase bacabange: ‘Uma ngingatshela umuntu ngesono sami, kungase kudingeke ngiphendule imibuzo ebangela amahloni futhi ngingase ngisuswe ekuhlanganyeleni. Kodwa uma ngithula, ngizokugwema lokho futhi akekho ebandleni oyokwazi.’ Uma umuntu ecabanga kanjalo kunezici ezibalulekile asuke engazicabangeli. Iziphi?

11 UJehova unguNkulunkulu “onesihe nomusa, owephuza ukuthukuthela nochichima umusa wothando neqiniso, olondolozela abayizinkulungwane umusa wothando, oxolela isiphambeko neseqo nesono.” Nokho, uyaziqondisa izigwegwe kubantu bakhe “ngezinga elifanelekile.” (Eksodusi 34:6, 7; Jeremiya 30:11) Uma ungase wenze isono esingathí sina, ungasithola kanjani isihe sikaNkulunkulu ube uzama ukusifihla isono sakho? UJehova uyazi ngaso, futhi akamane akushalazele ukona.—IzAga 15:3; Habakuki 1:13.

12, 13. Ungaba yini umphumela wokuzama ukufihla ukona?

12 Uma uye wenza isono esingathí sina, ukusivuma kungakusiza ukuba uphinde ube nonembeza omuhle. (1 Thimothewu 1:18-20) Kodwa ukungasivumi kungakwenza ube nonembeza ongcolile ongakuholela ezonweni ezengeziwe. Khumbula ukuthi usuke ungonanga nje omunye umuntu noma ibandla. Usuke wone uNkulunkulu. Umhubi wahlabelela: “UJehova—isihlalo sakhe sobukhosi sisemazulwini. Amehlo akhe ayabona, amehlo akhe akhanyayo ahlola abantwana babantu. UJehova ngokwakhe uhlola olungile kanye nomubi.”—IHubo 11:4, 5.

13 UJehova ngeke ambusise umuntu ofihla isono esingathí sina azame ukuqhubeka esebandleni lobuKristu elihlanzekile. (Jakobe 4:6) Ngakho, uma uye wawela esonweni futhi ufuna ukwenza okulungile, unganqikazi ukuvuma isono sakho ngobuqotho. Kungenjalo uyoba nonembeza onecala, ikakhulu lapho ufunda noma uzwa iseluleko esiphathelene nalezo zindaba ezingathí sina. Kuthiwani uma uJehova engasusa umoya wakhe kuwe, njengoba enza eNkosini uSawule? (1 Samuweli 16:14) Lapho ungasenawo umoya kaNkulunkulu, ungawela esonweni esibi nakakhulu.

Bethembe Abafowenu Abathembekile

14. Kungani isoni kufanele silalele iseluleko sikaJakobe 5:14, 15?

14 Ngakho-ke, yini okufanele yenziwe isoni esiphendukile? Lowo muntu “makabize amadoda amadala ebandla, amthandazele, amgcobe ngamafutha egameni likaJehova. Umthandazo wokholo uyokwenza ongaphilile kahle aphile, uJehova amvuse.” (Jakobe 5:14, 15) Ukuya kubadala kungenye yezindlela umuntu ‘athela ngazo izithelo ezifanela ukuphenduka.’ (Mathewu 3:8) La madoda athembekile nanomusa ‘ayomthandazela futhi amgcobe ngamafutha egameni likaJehova.’ Njengamafutha athobayo, iseluleko sabo esisekelwe eBhayibhelini siyoduduza noma ubani ophenduka ngobuqotho.—Jeremiya 8:22.

15, 16. Abadala abangamaKristu basilandela kanjani isibonelo esabekwa uNkulunkulu esikuHezekeli 34:15, 16?

15 Yeka isibonelo sothando esabekwa uMalusi wethu, uJehova, lapho ekhulula amaJuda ekuthunjweni eBhabhiloni ngo-537 B.C.E. nalapho ekhulula u-Israyeli ongokomoya ‘eBhabhiloni Elikhulu’ ngo-1919 C.E.! (IsAmbulo 17:3-5; Galathiya 6:16) Ngokwenza lokhu, wagcwalisa isithembiso sakhe: “Ngiyoziklabisa mina ngokwami izimvu zami, futhi ngiyozilalisa phansi mina ngokwami . . . Elahlekile ngiyoyifuna, edukile ngiyoyibuyisa, ephukile ngiyoyibopha futhi egulayo ngiyoyiqinisa.”—Hezekeli 34:15, 16.

16 UJehova waziklabisa izimvu zakhe ezingokomfanekiso, wazilalisa phansi endaweni elondekile futhi wafuna ezazilahlekile. Ngokufanayo, abelusi abangamaKristu bayaqinisekisa ukuthi umhlambi kaNkulunkulu uthola ukudla okungokomoya okwanele futhi ulondekile. Abadala bayazicinga izimvu ezinhlanhlathayo zishiye ibandla. Njengoba nje uNkulunkulu ‘ayibopha ephukile,’ ababonisi ‘bayazibopha’ izimvu ezilinyazwe amazwi othile noma yizenzo zazo siqu. Futhi njengoba uNkulunkulu ‘ayiqinisa imvu egulayo,’ abadala bayabasiza labo abagula ngokomoya, mhlawumbe ngenxa yokuthi baye bona.

Indlela Abelusi Abanikeza Ngayo Usizo

17. Kungani kungafanele sinqikaze ukufuna usizo lwabadala olungokomoya?

17 Abadala basilalela ngenjabulo lesi seluleko: “Qhubekani nibonisa isihe . . . , nenza kanjalo ngokwesaba.” (Jude 23) Amanye amaKristu aye ona ngokungathí sina ngokuwela ekuziphatheni okubi kobulili. Kodwa uma ephenduka ngobuqotho, angalindela ukuba abadala bawaphathe ngesihe nangothando, bemagange ukuwasiza ngokomoya. Ezibala naye phakathi kwala madoda, uPawulu wathi: “Akukhona ukuthi singamakhosi phezu kokholo lwenu, kodwa siyizisebenzi ezikanye nani ukuze nijabule.” (2 Korinte 1:24) Ngakho-ke, ungalokothi unqikaze ukufuna usizo lwawo olungokomoya.

18. Abadala bawaphatha kanjani amaKristu abakanye nawo onile?

18 Kungani ungabethemba abadala uma uye wenza isono esingathí sina? Yingoba ngokuyinhloko bangabelusi bomhlambi kaNkulunkulu. (1 Petru 5:1-4) Akekho umalusi onothando oshaya iwundlu elizithobile, elikhalayo, alishayele ukuthi lizilimazile. Ngakho-ke, lapho abadala besebenzelana namaKristu onile, akubi indaba yokuthi kwenziwé icala, ngakho kudingeka isijeziso. Kunalokho, kusuke kwenziwe isono, ngakho kudingeka ukuvuselelwa ngokomoya lapho kungenzeka. (Jakobe 5:13-20) Abadala kumelwe bahlulele ngokulunga futhi ‘bawuphathe ngozwela umhlambi.’ (IzEnzo 20:29, 30; Isaya 32:1, 2) Njengawo wonke amanye amaKristu, abadala kumelwe ‘babonise ubulungisa, bathande umusa futhi babe nesizotha ekuhambeni noNkulunkulu.’ (Mika 6:8) Izimfanelo ezinjalo zibalulekile lapho benza izinqumo ezihilela ukuphila nenkonzo engcwele ‘yezimvu zedlelo likaJehova.’—IHubo 100:3.

19. Abadala abangamaKristu bazama ukulungisa umuntu benasiphi isimo sengqondo?

19 Abelusi abangamaKristu bamiswa umoya ongcwele futhi bafuna ukuqondiswa yiwo. Uma “umuntu ethatha isinyathelo okungesona ngaphambi kokuba aqaphele”—njengokungathi uphundulekile—amadoda anezimfanelo ezingokomoya azama “ukumlungisa ngomoya wobumnene umuntu onjalo.” (Galathiya 6:1; IzEnzo 20:28) Ngokubonisa ubumnene, nokho banamathele ngokuqinile ezindinganisweni zikaNkulunkulu, abadala bazama ukulungisa ukucabanga kwakhe, njengoba nje udokotela ocabangelayo eliqondisa ngokucophelela ithambo eliphukile, ukuze agweme ukubangela ubuhlungu ngokungadingekile kodwa futhi ayelaphe inkinga. (Kolose 3:12) Njengoba abadala bencika emthandazweni nasemiBhalweni lapho bebonisa isihe, isinqumo sabo siyobonisa indlela uNkulunkulu ayibheka ngayo indaba.—Mathewu 18:18.

20. Kunini lapho kungase kudingeke khona ukuba ibandla laziswe ukuthi umuntu othile usoliwe?

20 Uma isono saziwa abaningi noma kusobala ukuthi sizokwaziwa, cishe kuyofaneleka ukwenza isaziso ebandleni ukuze kuvikelwe idumela lalo. Kuyokwenziwa isaziso futhi uma kudingeka ibandla laziswe. Phakathi nesikhathi lapho umuntu osolwe yikomiti yokwahlulela esalulama ngokomoya, angase afaniswe nomuntu olulama ekulimaleni, okumenza ake angakwazi ukwenza konke abekwenza. Cishe kuyomzuzisa ophendukile ukuba isikhathi esithile ake alalele kunokuba aphendule emihlanganweni. Abadala bangase bahlele ukuba othile amqhubele isifundo seBhayibheli ukuze amqinise lapho ebuthaka khona, akwazi ukuphinde abe ‘ophilile okholweni.’ (Thithu 2:2) Konke lokhu kwenziwa ngothando futhi akuhloselwe ukujezisa isoni.

21. Amanye amacala okona angase asingathwe kanjani?

21 Abadala banganikeza usizo olungokomoya ngezindlela ezihlukahlukene. Ngokwesibonelo, ake sithi umzalwane owayenenkinga yokuphuza kudala uphuza eqise kanye noma kabili ekhaya eyedwa. Noma mhlawumbe umuntu owayeka kudala ukubhema uwela esonweni abheme kanye noma kabili ngasese. Nakuba eye wathandaza futhi ekholelwa ukuthi uNkulunkulu umthethelele, kufanele afune usizo lomdala ukuze leso sono singabi umkhuba. Leso simo singase sisingathwe umdala oyedwa noma ababili. Nokho, lowo mdala noma abadala bayokwazisa umbonisi owengamele, njengoba kungase kube nezinye izici ezihilelekile.

Qhubeka Wamukela Isiyalo SikaNkulunkulu

22, 23. Kungani kufanele uqhubeke wamukela isiyalo sikaNkulunkulu?

22 Ukuze amukelwe nguNkulunkulu, umKristu ngamunye kumelwe asinake isiyalo sikaJehova. (1 Thimothewu 5:20) Ngakho, sebenzisa noma ikuphi ukulungiswa okuthola lapho utadisha imiBhalo nezincwadi zobuKristu noma lapho uzwa iseluleko sinikezwa emihlanganweni yebandla, yesifunda neyesigodi yabantu bakaJehova. Hlala ukuphaphamele ukwenza intando kaJehova. Uma wenza kanjalo, isiyalo sikaNkulunkulu siyokusiza ukuba uhlale uqinile ngokomoya, ube nesivikelo esinjengodonga oluqinile sokumelana nesono.

23 Ukwamukela isiyalo sikaNkulunkulu kuyokwenza ukwazi ukuhlala othandweni lukaNkulunkulu. Yiqiniso, abanye baye baxoshwa ebandleni lobuKristu, kodwa ungakugwema lokho uma ‘uqapha inhliziyo yakho’ futhi ‘uhamba njengomuntu ohlakaniphile.’ (IzAga 4:23; Efesu 5:15) Nokho, uma ususiwe ekuhlanganyeleni njengamanje, kungani ungathathi izinyathelo zokuba ubuyiselwe? UNkulunkulu ufuna ukuba bonke abazinikezele kuye bamkhulekele ngokwethembeka “nangokujabula kwenhliziyo.” (Duteronomi 28:47) Lokho ungakwenza phakade uma usamukela njalo isiyalo sikaJehova.—IHubo 100:2.