Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indlela Yokulondoloza Umbono Omuhle

Indlela Yokulondoloza Umbono Omuhle

“Uma umuntu engase aphile ngisho neminyaka eminingi, makajabule kuyo yonke.”UMSH. 11:8.

1. Iziphi izibusiso ezivela kuJehova ezingasisiza ukuba sijabule?

UJEHOVA ufuna sijabule, futhi usithululela izibusiso eziningi okufanele zisenze sijabule. Ukuphila kungesinye sazo. Ngakho, singasebenzisa ukuphila kwethu ukuze simdumise, njengoba eye wasidonsela ekukhulekeleni kweqiniso. (IHu. 144:15; Joh. 6:44) UJehova uyasiqinisekisa ngothando lwakhe futhi usisiza ukuba sikhuthazele enkonzweni yakhe. (Jer. 31:3; 2 Kor. 4:16) Sijabulela ipharadesi elingokomoya esithola kulo inala yokudla okungokomoya nobuzalwane obunothando. Ngaphezu kwalokho, sinethemba eliyigugu ngekusasa.

2. Ezinye zezinceku zikaNkulunkulu ezithembekile zihlushwa yini?

2 Naphezu kwalezi zizathu zokujabula, ezinye zezinceku zikaNkulunkulu zihlushwa imicabango engakhi. Zingase zibe nomuzwa wokuthi azibalulekile kuJehova futhi inkonzo yazo ayisho lutho kuye. Kulezo ezinemizwa enjalo ebeleselayo, umqondo wokujabula ‘iminyaka eminingi’ ungase ubonakale uyiphupho nje. Ukuphila kungase kubonakale kugcwele ukungajabuli.UmSh. 11:8.

3. Yini engase ibangele imizwa engakhi?

3 Kulabo bazalwane nodadewethu, imizwa engakhi ingase ibangelwe ukudumala, ukugula noma izimpawu zokulinganiselwa okuhambisana nokukhula. (IHu. 71:9; IzAga 13:12; UmSh. 7:7) Ngaphezu kwalokho, umKristu ngamunye kumelwe abhekane  neqiniso lokuthi inhliziyo iyakhohlisa futhi ingasilahla ngisho noma uNkulunkulu ejabula ngathi. (Jer. 17:9; 1 Joh. 3:20) UDeveli umangalela izinceku zikaNkulunkulu ngamanga. Labo abacabanga njengoSathane bangase bazame ukusifaka umbono ofana nalowo owavezwa u-Elifazi ongenalukholo—wokuthi asilutho phambi kukaNkulunkulu. Kwakungamanga lokho ngosuku lukaJobe futhi kuseyiwo namanje.Jobe 4:18, 19.

4. Yini esizoxoxa ngayo kulesi sihloko?

4 UJehova ukwenza kucace emiBhalweni ukuthi uyoba nalabo ‘abahamba esigodini sethunzi elimnyama.’ (IHu. 23:4) Enye indlela aba nathi ngayo yiZwi lakhe. Ngenxa yokuthi liphefumulelwe uNkulunkulu, iBhayibheli ‘linamandla okugumbuqela izinto ezimbelwe ngokuqinile,’ kuhlanganise nemibono engakhi noma eyiphutha. (2 Kor. 10:4, 5) Ake sihlole indlela esingasebenzisa ngayo iBhayibheli ukuze lisisize sihlakulele futhi silondoloze umbono omuhle. Ungase uzuze kulokhu futhi uthole nezindlela zokukhuthaza abanye.

SEBENZISA IBHAYIBHELI UKUZE UHLAKULELE UKUBA NOMBONO OMUHLE

5. Ikuphi ukuzihlola okungasisiza ukuba sibe nombono omuhle?

5 Umphostoli uPawulu wachaza izinto ezithile ezingase zisisize sihlakulele ukuba nombono omuhle. Wanxusa ibandla laseKorinte: “Qhubekani nihlola ukuthi nisokholweni yini.” (2 Kor. 13:5) ‘Ukholo’ luyingqikithi yazo zonke izinkolelo zobuKristu ezembulwe eBhayibhelini. Uma amazwi nezenzo zethu kuhambisana nalezo zinkolelo, siyaphumelela kulokho kuzihlola futhi sibonisa ukuthi ‘sisokholweni.’ Kuyiqiniso ukuthi kumelwe siqhathanise nokuphila kwethu ukuthi kuyavumelana yini nazo zonke izimfundiso zobuKristu. Asinakukhetha ukuthi iziphi esifuna ukuzamukela.Jak. 2:10, 11.

6. Kungani kufanele sizihlole ukuthi ‘sisokholweni yini’? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

6 Ungase ube manqikanqika ukuzihlola, ikakhulukazi uma unomuzwa wokuthi ungase ungaphumeleli. Nokho, umbono kaJehova ngathi ubaluleke kakhulu kunowethu, futhi imicabango yakhe iphakeme kakhulu kuneyethu. (Isaya 55:8, 9) Uhlola abakhulekeli bakhe, hhayi ngenjongo yokubalahla, kodwa yokuthola izimfanelo ezinhle kubo nokubasiza. Lapho usebenzisa iZwi likaNkulunkulu ukuze uzihlole ukuthi ‘usokholweni yini,’ uyobe uzibheka ngendlela uNkulunkulu akubheka ngayo. Lokhu kungakusiza ukuba ususe noma imuphi umbono wokuthi awulutho kuNkulunkulu futhi ube nalesi siqinisekiso esisekelwe eBhayibhelini: Uyigugu emehlweni kaJehova. Umphumela ungafana nokuvula amakhethini egumbini elimnyama ukuze kungene ukukhanya.

7. Singazuza kanjani ezibonelweni zokwethembeka eziseBhayibhelini?

7 Indlela esebenzayo yokwenza lokhu kuzihlola iwukuzindla ngezibonelo zabantu abathembekile okukhulunywa ngabo eBhayibhelini. Qhathanisa izimo noma imizwa yabo neyakho, ubone ukuthi wena wawuyokwenzenjani kuleso simo. Ake sihlole izibonelo ezintathu ezibonisa indlela ongasebenzisa ngayo iBhayibheli ukuze uqiniseke ukuthi ‘usokholweni’ yini futhi ngaleyo ndlela uhlakulele umbono omuhle ngawe siqu.

UMFELOKAZI OSWELE

8, 9. (a) Zaziyini izimo zomfelokazi oswele? (b) Imiphi imizwa engakhi okungenzeka lo mfelokazi wayenayo?

8 UJesu wabuka umfelokazi oswele ethempelini eJerusalema. Isibonelo sakhe singasisiza silondoloze umbono omuhle naphezu kokulinganiselwa kwethu. (Funda uLuka 21:1-4.) Cabanga ngezimo zalo mfelokazi. Wayekhuthazelele usizi lokufelwa umyeni nabaholi benkolo ababencamela ‘ukushwabadela izindlu zabafelokazi’ kunokubasiza laba bantu abangenabani. (Luka 20:47) Wayempofu kakhulu kangangokuba imali ayengayinikela ethempelini yayilingana naleyo umuntu  osebenzayo ayeyenza ngemizuzwana nje embalwa.

9 Zama ukucabanga ngendlela lo mfelokazi azizwa ngayo lapho engena egcekeni lethempeli ephethe izinhlamvu ezimbili ezincane zemali. Ingabe wayecabanga ukuthi lokho ayezonikela ngakho kwakukuncane kakhulu uma kuqhathaniswa nalokho okungenzeka wayekwazi ukukunikela ngesikhathi umyeni wakhe esaphila? Ingabe kwakumbangela amahloni ukubona abaphambi kwakhe benikela ngemali enkulu, mhlawumbe ezibuza ukuthi lokho ayekunikela kwakuwusizo ngempela yini? Nakuba kungenzeka wayebe nemizwa enjalo, kodwa wenza lokho ayengakwenza ekusekeleni ukukhulekela kweqiniso.

10. UJesu wabonisa kanjani ukuthi lo mfelokazi wayebalulekile kuNkulunkulu?

10 UJesu wabonisa ukuthi lo mfelokazi wayebalulekile kuJehova nomnikelo wakhe. Wathi lo mfelokazi “uphonse okungaphezu kokuphonswe yibo bonke [abacebile].” Umnikelo wakhe wawuzohlangana neyabanye, kodwa uJesu wabalula owakhe futhi wamdumisa. Kamuva, lapho ababenakekela imali yasethempelini bebona lezo zinhlamvu ezimbili ezincane zemali, babengeke bazi ukuthi zazibaluleke kanjani kuJehova nalowo onikele ngazo. Noma kunjalo, umbono kaNkulunkulu owawubaluleke ngempela, hhayi lokho okwakucatshangwa abantu noma indlela lo mfelokazi ayezibheka ngayo. Ungakusebenzisa yini lokhu kulandisa ukuze uzihlole ukuthi usokholweni yini?

Isiphi isifundo osithola esibonelweni somfelokazi oswele? (Bheka izigaba 8-10)

11. Yini ongayifunda ekulandiseni komfelokazi?

11 Izimo zakho zingase zikuthinte ngokuqondile lokho ongakunika uJehova. Ngenxa yokukhula noma ukugula, sincane kakhulu isikhathi abanye abakwazi ukusichitha ekushumayeleni izindaba ezinhle. Ingabe lokho kungenza kufaneleke ukuba bangabaze ukubika inkonzo yabo? Ngisho noma isimo sakho singebucayi kangako, ungase ube nomuzwa wokuthi imizamo yakho iwubala uma uyiqhathanisa namahora abantu bakaNkulunkulu abawachitha unyaka ngamunye enkonzweni yakhe. Noma kunjalo, ukulandisa kwalo mfelokazi oswele kusifundisa ukuthi uJehova  uyasiqaphela futhi uyasazisa isenzo ngasinye enzelwa sona, ikakhulukazi uma senziwe ngaphansi kwezimo ezinzima. Cabanga ngenkonzo yakho kuJehova phakathi nonyaka odlule. Ingabe elinye lamahora owawanikela ladinga ukuba uzidele ngokukhethekile? Uma kunjalo, ungaqiniseka ngokuthi uJehova uyakwazisa owamenzela khona ngalelo hora. Njengomfelokazi oswele, lapho wenza konke ongakwenza enkonzweni kaJehova, unesizathu esiqinile sokukholelwa ukuthi ‘usokholweni.’

“SUSA UMPHEFUMULO WAMI”

12-14. (a) Imizwa engakhi yamthinta kanjani u-Eliya? (b) Kungenzeka ukuthi yini eyenza u-Eliya wazizwa ngendlela azizwa ngayo?

12 Umprofethi u-Eliya wayethembekile kuJehova futhi enokholo oluqinile. Kodwa, ngesinye isikhathi wazizwa ecindezelekile kangangokuba wacela uJehova ukuba ambulale, wathi: “Kwanele! Manje, Jehova, susa umphefumulo wami.” (1 AmaKh. 19:4) Labo abangakaze baphelelwe yithemba ngale ndlela bangase balingeke ukuba baphebeze umthandazo ka-Eliya, bewubheka ‘njengenkulumo ewuwangala.’ (Jobe 6:3) Nokho, wayecindezeleke ngempela. Kodwa phawula ukuthi uJehova akazange amjezise u-Eliya ngokufuna ukufa, kunalokho wamsiza.

13 Kwenzeka kanjani ukuba u-Eliya agcine esezizwa ngale ndlela? Ngaphambi nje kokuba azizwe ngale ndlela, wayesanda kuba nengxenye enkulu esivivinyweni esibalulekile kwa-Israyeli esafakazela ukuthi uJehova unguNkulunkulu weqiniso, futhi saholela ekubulaweni kwabaprofethi bakaBhali abangu-450. (1 AmaKh. 18:37-40) Cishe u-Eliya wayenethemba lokuthi abantu bakaNkulunkulu base bezobuyela ekukhulekeleni okuhlanzekile, kodwa akwenzekanga lokho. Indlovukazi embi uJezebeli yathumela umyalezo ku-Eliya wokuthi ihlela ukuba abulawe. Esabela ukuphila kwakhe, u-Eliya wabalekela eningizimu, wanqamula kwelakwaJuda elingumakhelwane, waya ehlane eliwugwadule.1 AmaKh. 19:2-4.

14 Lapho ejula nemicabango, u-Eliya wafikelwa umuzwa wokuthi umsebenzi wakhe njengomprofethi ubonakala uyize. Watshela uJehova: “Angingcono kunokhokho bami.” Wayechaza ukuthi uzizwa eyinto engenamsebenzi njengothuli namathambo okhokho bakhe asebafa. Empeleni, wayezihlole ngezindinganiso zakhe futhi waphetha ngokuthi uyisehluleki esingelutho kuJehova nakunoma ubani omunye.

15. UNkulunkulu wamqinisekisa kanjani u-Eliya ukuthi wayesabalulekile kuye?

15 Kodwa uMninimandla onke wayembheka ngendlela ehlukile u-Eliya. U-Eliya wahlala ebalulekile emehlweni kaNkulunkulu, futhi uJehova wathatha izinyathelo zokumqinisekisa ngalokho. Wathumela ingelosi ukuba iqinise u-Eliya. Wabuye wanika u-Eliya ukudla namanzi okwamgcina ephila phakathi nohambo lwakhe lwezinsuku ezingu-40 lokuya eningizimu yeNtaba iHorebe. Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu wawulungisa ngomusa umbono ka-Eliya oyiphutha wokuthi awekho amanye ama-Israyeli ayehlalé ethembekile kuJehova. Kuyaphawuleka ukuthi uNkulunkulu wanika u-Eliya izabelo ezintsha, futhi wazamukela. Usizo uJehova amnika lona lwamzuzisa, futhi wabuyela emsebenzini wakhe njengomprofethi enamandla avuselelwe.1 AmaKh. 19:5-8, 15-19.

16. Iziphi ezinye zezindlela uNkulunkulu aye wakusekela ngazo?

16 Okwenzeka ku-Eliya kungakusiza uziqinisekise ukuthi usokholweni futhi kungakushukumisela ukuba ube nombono omuhle. Okokuqala, cabanga ngezindlela uJehova akusekele ngazo. Ingabe esinye sezikhonzi zakhe, mhlawumbe umdala noma omunye umKristu ovuthiwe, wake wakusiza lapho uswele? (Gal. 6:2) Ingabe uye wondliwa ngokomoya yiBhayibheli, izincwadi zethu zobuKristu nayimihlangano yebandla? Ngesikhathi esilandelayo lapho uzuza ngenye yalezi zindlela, cabanga ngaLowo ngempela owuMthombo walolo sizo bese umbonga ngomthandazo.IHu. 121:1, 2.

17. Yini uJehova ayazisayo ezincekwini zakhe?

 17 Okwesibili, phawula ukuthi umbono ongakhi ungasikhohlisa. Okubalulekile indlela uNkulunkulu asibheka ngayo. (Funda eyabaseRoma 14:4.) UJehova uyakwazisa ukuzinikela nokwethembeka kwethu kuye; akasikali ngalokho esiye sakufeza ekuphileni. Kungenzeka nokuthi njengoba kwakunjalo ngo-Eliya, nawe uye wafeza lukhulu phambi kukaJehova kunalokho okucabangayo. Cishe bakhona ebandleni oye waba yithonya elihle kubo, kuhlanganise nalabo abasensimini yenu abaye bezwa iqiniso ngenxa yakho.

18. Isabelo osinikwe uJehova siwubufakazi bani?

18 Okokugcina, bheka isabelo ngasinye esivela kuJehova njengobufakazi bokuthi unawe. (Jer. 20:11) Njengo-Eliya, kungenzeka udangele ngoba inkonzo yakho ibonakala ingatheli noma ngenxa yomgomo othile ongokomoya obonakala ungafinyeleleki. Noma kunjalo, usahlanganyela elungelweni elikhulu kunawo wonke sonke esingaba nalo manje—lokushumayela izindaba ezinhle nokuphatha igama likaNkulunkulu. Hlale uthembekile. Khona-ke, la mazwi akomunye wemifanekiso kaJesu angashiwo nakuwe: “Ngena enjabulweni yenkosi yakho.”Math. 25:23.

“UMTHANDAZO WOHLUPHEKILEYO”

19. Isiphi isimo umlobi weHubo 102 abhekana naso?

19 Umlobi weHubo 102 wayephelelwe yithemba. ‘Wayehluphekile,’ ecindezeleke kakhulu ngokwenyama noma ngokomzwelo, futhi engenamandla okubhekana nezinkinga zakhe. (IHu. 102, umbhalo ongenhla) Amazwi akhe asitshela ukuthi wayegxile kakhulu ebuhlungwini, esizungwini nasemizweni yakhe siqu. (IHu. 102:3, 4, 6, 11) Wayekholelwa ukuthi uJehova ufuna ukumlahla.IHu. 102:10.

20. Umthandazo ungamsiza kanjani umuntu olwa nemicabango engakhi?

20 Noma kunjalo, umhubi wayesakwazi ukusebenzisa ukuphila kwakhe ekudumiseni uJehova. (Funda iHubo 102:19-21.) Njengoba sibona kumaHubo 102, ngisho nalabo abasokholweni kungenzeka babe sezinhlungwini futhi kube nzima ngabo ukugxilisa ingqondo yabo kunoma yini enye. Umhubi wazizwa “njengenyoni engayodwa phezu kophahla,” njengokungathi izinhlupheko zakhe kuphela ezaziwumngane wakhe. (IHu. 102:7) Uma kwenzeka uzizwa ngaleyo ndlela, thululela inhliziyo yakho kuJehova njengoba kwenza umhubi. Imithandazo yohluphekile—imithandazo yakho—ingakusiza njengoba ulwa nemicabango engakhi. UJehova uthembisa ukuthi “uyophendukela emthandazweni walabo abaphundlwe konke, angawudeleli umthandazo wabo.” (IHu. 102:17) Sethembe leso sithembiso!

21. Umuntu olwa nemizwa engakhi angaba kanjani nombono omuhle?

21 IHubo 102 liphinde libonise nokuthi ungaba kanjani nombono omuhle ngokwengeziwe. Umhubi wenza kanjalo ngokugxila ebuhlotsheni bakhe noJehova. (IHu. 102:12, 27) Wathola induduzo ngokwazi ukuthi uJehova uyohlale ekulungele ukusekela abantu baKhe ebunzimeni. Ngakho-ke, uma imizwa engakhi ikuvimbela okwesikhashana ukuba wenze okwengeziwe ngendlela ofuna ngayo enkonzweni kaNkulunkulu, thandaza ngakho. Cela uNkulunkulu ukuba ezwe umthandazo wakho hhayi nje ukuze ukhululeke ekucindezelekeni kwakho kodwa futhi “ukuze igama likaJehova limenyezelwe.”IHu. 102:20, 21.

22. Ngamunye wethu angamjabulisa kanjani uJehova?

22 Yebo, singalisebenzisa iBhayibheli ukuze siziqinisekise ukuthi sisokholweni nokuthi sibalulekile kuJehova. Yiqiniso, kulesi simiso sezinto, singase singakwazi ukuyiqeda yonke imizwa engakhi nokudumazeka. Noma kunjalo, ngamunye wethu angamjabulisa uJehova futhi athole insindiso ngokukhuthazela ngokwethembeka enkonzweni yakhe.Math. 24:13.