Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini . . .

Ingabe Bonke Abantu Banamathuba Alinganayo Okwazi UNkulunkulu?

Ingabe Bonke Abantu Banamathuba Alinganayo Okwazi UNkulunkulu?

Lapho ebuzwa ukuthi yimuphi umthetho omkhulu kunayo yonke, uJesu wathi: “Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangayo yonke ingqondo yakho.” (Mathewu 22:37) Nokho, ngaphambi kokuba abantu bathande uNkulunkulu, kudingeka bathole ulwazi olunembile ngaye. (Johane 17:3) Ingabe bonke bazolithola ithuba lokuthola lolu lwazi?

IBhayibheli liwumthombo oyinhloko wokwazi ngoNkulunkulu. (2 Thimothewu 3:16) Abantu abaningi bahlala ezindaweni lapho iBhayibheli litholakala khona kalula. Labo bantu bangase balithole kaningi ithuba lokuthola ulwazi olunembile ngoNkulunkulu ngokufundelwa iBhayibheli. (Mathewu 28:19) Abanye bakhuliswa abazali abangamaKristu abanothando ababanikeza ithuba lokufunda ngoNkulunkulu nsuku zonke.—Duteronomi 6:6, 7; Efesu 6:4.

Nokho, abanye bahlala ezindaweni noma bakhulela ezimweni ezingenawo la mathuba. Abanye bahlukunyezwa lapho bekhula futhi abalutholanga uthando lwabazali. (2 Thimothewu 3:1-5) Kungase kube nzima ngalaba bantu ukubheka uNkulunkulu njengoBaba wasezulwini onothando. Abaningi abalitholanga ithuba lokuya esikoleni, ngakho abakwazi ukufunda iBhayibheli. Abanye baye baphuphuthekiswa izingqondo yizimfundiso zenkolo yamanga, noma bakhuliswa abazali abamelene neBhayibheli, noma bahlala emiphakathini noma emazweni akwenqabelayo ukufundiswa kweqiniso leBhayibheli. (2 Korinte 4:4) Ingabe izimo zalaba bantu zibancisha ithuba lokufunda ngoNkulunkulu nokumthanda?

UJesu wavuma ukuthi izinselele abantu abathile ababhekana nazo ziyokwenza kube nzima ngabo ukuthanda nokulalela uNkulunkulu. (Mathewu 19:23, 24) Kodwa wakhumbuza abafundi bakhe ukuthi ngisho noma kungaba nezithiyo ezingangezintaba, “kuNkulunkulu zonke izinto zingenzeka.”—Mathewu 19:25, 26.

Cabangela la maqiniso alandelayo: UJehova uNkulunkulu waqinisekisa ukuthi iZwi lakhe, iBhayibheli, liba incwadi esakazwa kakhulu. IBhayibheli labikizela ukuthi izindaba ezinhle ngoNkulunkulu nangenjongo yakhe ngomhlaba zaziyoshunyayelwa “emhlabeni wonke owakhiwe.” (Mathewu 24:14) Namuhla, oFakazi BakaJehova bashumayela lezo zindaba ezinhle emazweni angaphezu kuka-230 futhi banyathelisa izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ngezilimi ezingaba ngu-500. Ngisho nalabo abangenalo iBhayibheli bangafunda okuningi ngoNkulunkulu weqiniso ngokubheka izinto azidalile.—Roma 1:20.

Ngaphezu kwalokho, iZwi likaNkulunkulu lithi: “UJehova uhlola zonke izinhliziyo, futhi ubona konke ukuthambekela kwemicabango. Uma umfuna, uyozenza atholakale kuwe.” (1 IziKronike 28:9) Ngakho-ke, nakuba uJehova engathembisi ukuthi bonke abantu bayothola amathuba afanayo nalinganayo okwazi ngaye, uyaqinisekisa ukuthi amathuba ayabavulekela bonke abantu abanhliziyo ziqotho. Uyoqinisekisa nokuthi bonke labo abangazange bakwazi ukufunda ngaye bayovuswa kwabafileyo ukuze bathole leli thuba futhi baphile ezweni elisha lokulunga.—IzEnzo 24:15.