Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Fundisa Izingane Zakho

Yayithandwa UNkulunkulu Nabangane Bayo

Yayithandwa UNkulunkulu Nabangane Bayo

KUZE kube namuhla, akekho olaziyo igama layo. Sazi igama likayise kuphela, uJefta. Ake sihlole iBhayibheli ukuze sifunde ngalaba bantu ababili. Sizothola ukuthi indodakazi kaJefta yayithandwa uNkulunkulu futhi ithandwa abangane bayo.

Singafunda ngoJefta nangendodakazi yakhe eBhayibhelini encwadini yabaHluleli isahluko 11. Njengoba uJefta ayeyinceku kaNkulunkulu ethembekile, akungabazeki ukuthi wayekhuluma njalo ngemiBhalo nendodakazi yakhe.

UJefta waphila ngaphambi kokuba abantu bakaNkulunkulu, ama-Israyeli, bacele inkosi engumuntu ukuba ibabuse. Wayeyindoda enamandla, ekwazi ukulwa. Ngakho, ama-Israyeli amcela ukuba awahole ukuyokulwa nabakwa-Amoni, isizwe esingumakhelwane esasilwa njalo nama-Israyeli.

UJefta wayefuna uNkulunkulu abasize banqobe abakwa-Amoni, ngakho wenza isithembiso. Wathi uma uJehova engabasiza banqobe, wayeyonikela ngalowo oyophuma kuqala endlini yakhe lapho ebuya empini. Lowo muntu wayeyokhonza ukuphila kwakhe konke etabernakele likaNkulunkulu—indawo yokukhulekela uNkulunkulu ngalezo zinsuku. Ingabe uyazi ukuthi ubani owaphuma kuqala? *

Yebo, kwaphuma indodakazi yakhe! UJefta wadabuka kakhulu. Wayenengane eyodwa vo. Kodwa wayenze isithembiso kuJehova futhi kwakumelwe asigcine. Indodakazi yakhe yamkhulula ngokushesha. Yathi: “Baba, uma uvulile umlomo wakho kuJehova, yenza kimi ngokwalokho okuphumé emlonyeni wakho.” Yabe isicela ukuba yodwa izinyanga ezimbili ukuze iye ezintabeni iyolila. Kungani yayidangele? Phela ukugcina izwi likayise kwakusho ukuthi yayingeke ishade noma ithole abantwana. Noma kunjalo, ayizange ibeke izifiso zayo phambili. Yayifuna ukulalela uyise nokuba qotho kuJehova. Ingabe ucabanga ukuthi isinqumo sayo samjabulisa uyise noJehova?

UJefta wabe esehambisa indodakazi yakhe nabangane bayo izinyanga ezimbili. Lapho ibuya, uyise wagcwalisa isithembiso sakhe ngokuyisa etabernakele likaNkulunkulu eShilo lapho yachitha khona ukuphila kwayo konke. Minyaka yonke, amadodakazi akwa-Israyeli ayehamba aye eShilo ayokhuthaza indodakazi kaJefta.

Ikhona yini intsha oyaziyo elalela abazali bayo futhi ethanda uJehova?— Kuhle ukujwayelana nezingane ezinjalo futhi ube umngane nazo. Uma ulingisa isibonelo sendodakazi kaJefta, ulalela futhi uqotho, uyoba nabangane abahle. Uyojabulisa abazali bakho futhi uthandwe uJehova.

^ Uma ufunda nengane, udwi ukukhumbuza ukuba ume bese uyikhuthaza ukuba iveze umbono wayo.