Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 IZINDLELA ZOKWENZA UMNDENI UJABULE

Lapho Ingane Yakho Ikhubazekile

Lapho Ingane Yakho Ikhubazekile

UCARLO: * “Indodana yethu u-Angelo inokukhubazeka engqondweni nasemzimbeni [i-Down syndrome]. Ukugula kwayo kuyasikhandla emzimbeni, engqondweni nangokwemizwelo. Cabanga nje ngamandla owadingayo ukuze unakekele umntwana ophile kahle, udinga aphindaphindiwe kulawo ukuze unakekele ingane ekhubazekile. Ngezinye izikhathi kuze kuthinteke ngisho nomshado wethu.”

UMIA: “Kudingeka ukuphikelela nesineke esikhulu ukufundisa u-Angelo izinto ezilula kakhulu. Uma sengikhathele ngempela ngivele ngibe nenhliziyo encane kumyeni wami, uCarlo. Ngezinye izikhathi asivumelani ngezinto ezithile bese kuqala ingxabano.”

Uyalukhumbula yini usuku umntanakho azalwa ngalo? Akungatshazwa ukuthi wawulangazelela ukumphatha. Nokho, kubazali abanjengoCarlo noMia, injabulo yayihlangene nokukhathazeka lapho betshelwa ukuthi ingane yabo iyagula noma ikhubazekile.

Unayo yini ingane ekhubazekile? Cishe uyazibuza ukuthi ungakwazi yini ukuyikhulisa kahle. Uma kunjalo, ungalilahli ithemba. Abazali abanjengawe baye babhekana ngokuphumelelayo nezinkinga ezicishe zifane nezakho. Cabanga ngezinselele ezintathu ezivamile ongabhekana nazo ubone nokuthi ukuhlakanipha okuseBhayibhelini kungakusiza kanjani.

INSELELE 1: UKUTHOLA KUNZIMA UKWAMUKELA UKUTHI INGANE YAKHO IKHUBAZEKILE.

Abazali abaningi baphatheka kabi kakhulu lapho bethola ukuthi ingane yabo iyagula. UJuliana, umama  waseMexico uthi: “Lapho odokotela bengitshela ukuthi indodana yethu, uSantiago, inokukhubazeka ebuchosheni, angizange ngikholwe. Ngezwa sengathi ngiphelelwa izwe.” Abanye bangase bazizwe njengomama wase-Italy okuthiwa uVillana. Uthi: “Ngakhetha ukuzala ingane nakuba kunezingozi ukukhulelwa usumdala, manje njengoba indodana yami inezinkinga ezihlobene ne-Down syndrome, nginomuzwa wecala.”

Uma uzizwa uphelelwa ithemba noma unomuzwa wecala, yazi ukuthi indlela ozizwa ngayo ivamile. Ukugula kwakungeyona ingxenye yenjongo kaNkulunkulu yasekuqaleni. (Genesise 1:27, 28) Akazange adale abazali bekwazi ukwamukela kalula into engekho ngokwemvelo. Ngandlela thile, kungase kudingeke “ulilele” lokho okulahlekile—impilo yomntanakho. Kuzothatha isikhathi ukwamukela lesi simo.

Kuthiwani uma unomuzwa wecala ngokukhubazeka komntanakho? Khumbula ukuthi akekho oqonda ngokugcwele indlela ufuzo, indawo enihlala kuyo nokunye okuyithinta ngayo impilo yengane yakho. Ngakolunye uhlangothi, ungase uthambekele ekusoleni oshade naye. Ungakuvumeli lokho. Kuyoba ngcono ukubambisana noshade naye futhi nigxile ekunakekeleni ingane yenu.—UmShumayeli 4:9, 10.

ENINGAKWENZA: Fundani ngesimo sengane yenu. IBhayibheli lithi: “Indlu iyokwakhiwa ngokuhlakanipha, futhi ngokuqonda iyokuma iqine.”—IzAga 24:3.

Kuningi eningakufunda kwabezempilo nasezincwadini ezinokwethenjelwa. Ningase nifanise inqubo yokufunda ngesimo sengane yenu nokufunda ulimi olusha. Ekuqaleni kuzoba nzima kodwa nizofunda.

UCarlo noMia, abacashunwe ekuqaleni bafuna ulwazi kudokotela wabo nasenhlanganweni esebenza ngokukhethekile nabantu abanesimo esifana nesendodana yabo. Bathi: “Lokhu kwasisiza ukuba singaqondi nje izinkinga esasiyobhekana nazo kuphela kodwa nalokho abantu abanesifo sengane yethu abakwaziyo ukukwenza. Sabona ukuthi indodana yethu ingakwazi ukwenza ezinye izinto ezivamile. Lokhu kwasiduduza kakhulu.”

ZAMANI LOKHU: Gxilani kulokho ingane yenu ekwazi ukukwenza. Hlelani ukwenza imisebenzi ethile njengomndeni. Uma ingane yenu ikwazile ukwenza into ethile, noma ngabe incane kangakanani, sheshani niyincome futhi nijabule kanye nayo.

INSELELE 2: UZIZWA UKHATHELE FUTHI UNGENABANI.

Ungase ubone sengathi ukunakekela ingane yakho egulayo kukuqeda amandla. UJenney, umama waseNew Zealand, uthi, “Eminyakeni embalwa ngemva kokuba kutholakale ukuthi indodana yami inesifo somgogodla (i-spina bifida), kwakuthi lapho ngizama ukwenza okungale komsebenzi wasendlini ovamile, ngikhathale ngibe ingcuba futhi kuthi angikhale.”

Enye inselele ingaba ukuzizwa ungenabani. UBen unendodana ephethwe isifo sokuwohloka kwemisipha ne-Asperger’s syndrome. Uthi: “Abantu abaningi abasoze baqonda ukuthi ukuphila kwethu kunjani.” Ungase ufise ukukhuluma nothile. Kodwa uthole ukuthi abangane bakho abaningi banezingane eziphile kahle. Ngakho uvele ube manqikanqika ukukhuluma nabo.

ENINGAKWENZA: Celani usizo. Bese nilwamukela uma nilunikezwa. UJuliana, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uyavuma, “Ngezinye izikhathi mina nomyeni wami siyesaba ukucela usizo.” Nokho, uyanezela, “Siye safunda ukuthi siyaludinga. Uma abanye besisiza asizizwa sisodwa.” Uma umngane oseduze noma ilungu lomndeni lithatha ingane yenu lihlala nayo emicimbini noma emihlanganweni yobuKristu, yamukelani lolo sizo ngenjabulo. Isaga seBhayibheli sithi: “Umngane weqiniso ubonisa uthando ngaso sonke isikhathi, futhi ungumfowabo womuntu ozalelwe isikhathi sosizi.”—IzAga 17:17.

Nakekelani eyenu impilo. Njengoba nje ne-ambulense kumelwe ifake uphethiloli njalo ukuze iqhubeke ithatha iziguli iziyise esibhedlela, nani kumelwe nibuyise amandla ngokudla ukudla okunempilo, ukuzivocavoca nangokuphumula ukuze niqhubeke ninikeza ingane yenu lokho ekudingayo. UJavier, onendodana ekhubazekile uthi: “Indodana yami ayikwazi ukuhamba, ngakho nginomuzwa wokuthi kufanele ngizame ukudla kahle. Ngoba igqutshwa yimi. Izinyawo zami ziyizinyawo zayo!”

Ningasithola kanjani isikhathi sokunakekela eyenu impilo? Abanye abazali bayashintshana ngokunakekela ingane yabo. Ngakho omunye umzali uyakwazi ukuphumula noma enze ezinye izinto azidingayo. Kuzodingeka nithenge isikhathi ezintweni ezingabalulekile, futhi kungase kube nzima ukwenza kanjalo. Kodwa njengoba uMayuri, umama waseNdiya esho “Ekugcineni nizojwayela.”

 Xoxani nomngane enimethembayo. Ngisho nabangane abanezingane ezinempilo enhle bangakwazi ukunilalela ngozwela. Ningathandaza nakuJehova uNkulunkulu. Ingabe umthandazo unganisiza ngempela? UYazmin unezingane ezimbili ezine-cystic fibrosis futhi uyavuma, “Kunezikhathi lapho ngangicindezeleka kakhulu ngize ngizwe sengathi ngiphelelwa umoya.” Kodwa ubuye athi: “Ngiyathandaza kuJehova ngicele impumuzo namandla. Ngemva kwalokho ngiba namandla okuqhubeka.”—IHubo 145:18.

ZAMANI LOKHU: Bhekisisani ukudla enikudlayo, ukuthi nizivocavoca nini nokuthi nilala kangakanani. Bhekani ukuthi ningasithenga kanjani isikhathi ezintweni ezingabalulekile kangako ukuze ninakekele impilo yenu. Qhubekani nihlela izimo zenu kuye ngezidingo zenu.

INSELELE 3: UNAKA INGANE EGULAYO UKUDLULA UMNDENI WONKE.

Ukugula kwengane kungase kuthinte lokho okudliwa umndeni, lapho uya khona nesikhathi abazali abasichitha nengane ngayinye. Ngenxa yalokho, ezinye izingane zingazizwa zinganakiwe. Ngaphezu kwalokho, abazali bangaba matasa kakhulu benakekela ingane egulayo baze bangawunaki ngisho nomshado wabo. ULionel, ubaba waseLiberia uthi: “Ngezinye izikhathi umkami uthi uwuthwele yedwa umthwalo wokunakekela indodana yethu, mina anginandaba. Ngibona sengathi akangihloniphi futhi ngezinye izikhathi ngiyathukuthela.”

ENINGAKWENZA: Qinisekisani zonke izingane zenu ngokuthi niyazithanda, hlelani ukwenza izinto ezizijabulelayo. UJenney ocashunwe ekuqaleni uthi “Ngezinye izikhathi senzela indodana yethu endala izinto ezikhethekile, ngisho noma kuwukudla esitolo sokudla esithandayo.”

Bonisani uthando kuzo zonke izingane zenu

Ukuze nivikele umshado wenu, xoxani futhi nithandaze ndawonye. U-Aseem, ubaba waseNdiya onendodana enesifo sokuwa uthi: “Nakuba ngezinye izikhathi mina nomkami sizizwa sikhathele kakhulu futhi sikhungathekile, sikwenza umgomo ukuhlala phansi, sixoxe futhi sithandaze ndawonye. Njalo ekuseni, ngaphambi kokuba izingane zethu zivuke, sizinika isikhathi sokuxoxa ngevesi leBhayibheli sobabili.” Abanye abashadikazi baxoxa ngasese ngaphambi kokuyolala. Ukuthululelana kwenu izifuba nemithandazo eqotho kuyowuqinisa umshado wenu ezikhathini zokucindezeleka okukhulu. (IzAga 15:22) Kunjengoba nje abanye abashadikazi besho, “ezinye zezikhathi ezimnandi kunazo zonke esizikhumbulayo ekuphileni kwethu sindawonye yizinsuku ezazinzima kakhulu.”

ZAMANI LOKHU: Ncomani ezinye izingane zenu nganoma iyiphi indlela ezisekela ngayo ingane egulayo. Ziboniseni uthando lwenu nokwazisa njalo, nani nincomane.

HLALE UNOMBONO OQONDILE

IBhayibheli lithembisa ukuthi maduzane uNkulunkulu uzosusa zonke izifo nokukhubazeka okuhlasela abasha nabadala. (IsAmbulo 21:3, 4) Ngalolo suku, “akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’” *Isaya 33:24.

Okwamanje ungaphumelela njengomzali onengane ekhubazekile. UCarlo noMia abacashunwe ekuqaleni bathi: “Ungapheli amandla uma ubona sengathi akukho okulungayo. Gxila ezintweni ezinhle ngengane yakho ngoba zikhona futhi ziningi.”

^ isig. 3 Amagama kulesi sihloko ashintshiwe.

^ isig. 29 Ungafunda okwengeziwe ngesithembiso seBhayibheli sempilo ephelele esahlukweni 3 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

ZIBUZE . . .

  • Yini engiyenzayo ukuze ngizigcine ngiphila kahle emzimbeni, ngokomzwelo nangokomoya?
  • Ngigcine nini ukuncoma ezinye izingane zami ngosizo lwazo?