Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ungayethemba Yini Inkolo Ngokuphathelene Nemali?

Ungayethemba Yini Inkolo Ngokuphathelene Nemali?

U-Estelle * wayeya njalo esontweni nezingane zakhe eziyisikhombisa. Uthi: “Ngatshela umfundisi wami ukuthi ngifuna ukwazi iBhayibheli.” Kodwa akazange amfundise. Ekugcineni wayeka ukuya esontweni. Uyaqhubeka: “Izikhulu zesonto zangibhalela incwadi zithi uma ngingeke ngikwazi ukuza esontweni angovele nje ngithumele imali. Ngacabanga, ‘Abanandaba nokuthi ngikhona noma angikho; bafuna imali yami nje.’”

U-Angelina, obelokhu ekhuthalele ukuya esontweni, wathi: “Esontweni lami, babedlulisa isitsha senkongozelo kathathu njalo uma size esontweni futhi kwakulindeleke ukuba sinikele njalo uma sidluliswa. Babehlale befuna imali. Ngacabanga, ‘Abanawo umoya kaNkulunkulu.’”

Ingabe izinkolo zangakini zisebenzisa izindlela eziqondile noma ezicashile ukuze zicindezele abantu ukuba bakhiphe imali? Kuyavumelana yini neBhayibheli lokhu?

LIFUNDISANI IBHAYIBHELI?

UJesu, umsunguli wobuKristu, wathi: “Namukelé ngesihle, yiphani ngesihle.” (Mathewu 10:8) Umyalezo oseBhayibhelini uyigugu elingeke lathengwa ngemali futhi bonke abantu abawufunayo kufanele bawuthole.

AmaKristu okuqala ayezikhokhela kanjani izindleko zebandla?

Yilowo nalowo wayenikela “njengoba nje enqumile enhliziyweni yakhe, kungabi ngokudabuka noma ngaphansi kokucindezelwa, ngoba uNkulunkulu uthanda umuphi onamileyo.” (2 Korinte 9:7) Umphostoli uPawulu wathi: “Sashumayela izindaba ezinhle zikaNkulunkulu kini sisebenza ubusuku nemini, ukuze singathwesi muntu kini umthwalo oyizindleko ezinkulu.” (1 Thesalonika 2:9) UPawulu wayethunga amatende ukuze azisekele enkonzweni.—IzEnzo 18:2, 3.

OFAKAZI BAKAJEHOVA BENZA KANJANI KULE NDABA?

OFakazi BakaJehova bavame ukuhlangana ezakhiweni ezingadle ngabukhazikhazi ezibizwa ngokuthi amaHholo OMbuso. Bazikhokhela kanjani izindleko? Abasidlulisi isitsha senkongozelo, noma bathumele izincwadi zokucela iminikelo. Kunalokho, wonke umuntu oyazisayo imfundo engokomoya ufaka umnikelo wokuzithandela ngasese ebhokisini lomnikelo eliseHholo LoMbuso.

Inkolo kufanele iyithole kuphi imali?

Kudingeka imali ukuze lo magazini owufundayo unyatheliswe futhi uthunyelwe ezindaweni ezihlukahlukene. Noma kunjalo, ngeke uwubone ukhangiswa ngenjongo yokuwudayisa noma kucelwa imali. Okubalulekile ukusakazwa kweqiniso leBhayibheli.

Ucabangani: Ingabe indlela okukhokhelwa ngayo izindleko iyavumelana namazwi kaJesu nesibonelo samaKristu okuqala?

^ isig. 2 Amanye amagama ashintshiwe kulolu chungechunge lwezihloko.