Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kufanele Uziyale Kanjani Izingane Zakho?

Kufanele Uziyale Kanjani Izingane Zakho?

“Ngase ngicasuke ngifile njengoba ngilalele umsindo wazo zonke izimoto ezidlulayo. Kwakungokwesithathu uJordan ebuya sesidlulile isikhathi okufanele abuye ngaso ekhaya. Ngangizibuza, ‘Ukuphi? Ingabe usenkingeni? Ingabe unendaba nje nokuthi thina sikhathazekile ngaye?’ Lapho efika kwakuthi angiqhume.”UGEORGE.

“Indodakazi yami yaklabalasa, lokho kwangenza ngethuka kakhulu. Ngaphenduka ngayibona ibambe ikhanda ikhala. Yayisanda kushaywa umfowabo oneminyaka emine.”—UNICOLE.

“‘Angiyebanga indandatho. Ngiyitholile!’ Lawo mazwi ashiwo uNatalie, indodakazi yethu eneminyaka eyisithupha, ezama ukuzenza umuntu omsulwa. Ukuphika kwakhe ngokuphikelela kwasizwisa ubuhlungu saze sakhala. Sasazi ukuthi uqamba amanga.”—USTEPHEN.

UMA ungumzali, ingabe uyaziqonda lezi zimo okukhulunywa ngazo ngenhla? Lapho ubhekana nezimo ezifanayo, ingabe uyazibuza ukuthi kufanele uyiyale kanjani ingane yakho noma ukuthi kufanele uyiyale yini? Akulungile yini ukuyala izingane zakho?

SIYINI ISIYALO

EBhayibhelini, igama elithi “isiyalo” akulona nje igama elisho isijeziso. Ngokuyinhloko isiyalo sihlobana nokuqondisa, ukufundisa nokulungisa. Asihlobani neze nokuhlukumeza noma unya.—IzAga 4:1, 2.

Isiyalo sabazali singafaniswa nokunakekela ingadi. Umnakekeli wengadi ulungisa inhlabathi, anisele isitshalo, afake umanyolo futhi asivikele ezinambuzaneni nasokhuleni. Njengoba isitshalo sikhula, kungase kudingeke ukuba asithene ukuze asisize sikhule ngendlela efanele. Umnakekeli wengadi uyaqaphela ukuthi ukusebenzisa ngokucophelela ubuciko obuhlukahlukene kuyomsiza akhulise isitshalo esinempilo. Ngendlela efanayo, abazali banakekela izingane zabo ngezindlela ezihlukahlukene. Kodwa ngezinye izikhathi kudingeka banikeze isiyalo esinjengokuthena, esingase silungise ukuthambekela okubi kwezingane futhi kuzisize zikhule ngendlela efanele. Nokho, ukuthena kumelwe kwenziwe ngokucophelela ngoba uma kungenjalo kungenzeka umonakalo ongalungiseki esitshalweni. Ngendlela efanayo, isiyalo sabazali kudingeka sinikezwe ngomusa nangothando.

UNkulunkulu weBhayibheli, uJehova, ubekela abazali isibonelo esihle kule ndaba. Isiyalo asinikeza abakhulekeli bakhe abathembekile emhlabeni siyasebenza futhi siyafiseleka kangangokuthi ‘bayasithanda isiyalo.’ (IzAga 12:1) ‘Babamba isiyalo’ futhi ‘abasidedeli.’ (IzAga 4:13) Ungasiza ingane yakho ukuba isamukele kahle isiyalo ngokulandela eduze izici ezintathu eziyinhloko zesiyalo sikaNkulunkulu: (1) Sinothando, (2) sinokuqonda futhi (3) asishintshashintshi.

 ISIYALO ESINOTHANDO

Isiyalo sikaNkulunkulu sisekelwe othandweni futhi uNkulunkulu ushukunyiswa yilo. IBhayibheli lithi: “UJehova uyamsola lowo amthandayo, njengoba nje nobaba eyisola indodana ayijabulelayo.” (IzAga 3:12) Ngaphezu kwalokho, uJehova ‘unesihe nomusa, wephuza ukuthukuthela.’ (Eksodusi 34:6) Ngenxa yalesi sizathu uJehova akalokothi ahlukumeze noma abe nonya. Akawasebenzisi amazwi ahlabayo, ukugxeka noma ukubhuqa okulimazayo, konke okungalimaza “njengokuhlaba kwenkemba.”—IzAga 12:18.

LALELA

Kuyavunywa, abazali ngeke bakwazi ukusilingisa ngokuphelele isibonelo sikaNkulunkulu esiphelele sokuzithiba. Ngezinye izikhathi isineke sakho siyovivinywa kakhulu, kodwa kulezo zimo ezinzima, kumelwe ukhumbule njalo ukuthi isijeziso esisekelwe olakeni ngokuvamile siyacindezela, siyeqisa futhi asizuzisi. Ngaphezu kwalokho, isijeziso esibangelwa ulaka noma ukucasuka akusona isiyalo. Simane nje sibonisa ukwehluleka ukuzithiba.

Ngakolunye uhlangothi, uma uyala ngothando nangokuzithiba, cishe uyothola imiphumela emihle. Cabanga indlela uGeorge noNicole, abazali ababili okukhulunywe ngabo ekuqaleni, abazisingatha ngayo izinkinga.

THANDAZA

“Lapho ekugcineni uJordan efika, mina nomkami sasicasuke kakhulu, kodwa sakwazi ukuzithiba njengoba sasilalele esichazela. Ngenxa yokuthi kwakusebusuku sanquma ukukhuluma ngale ndaba ekuseni. Sathandaza ndawonye sabe sesiyolala. Ngosuku olulandelayo, sasisesimweni esingcono kakhulu sokuxoxa ngale ndaba ngomoya ophansi futhi sakwazi ukufinyelele inhliziyo yendodana yethu. Wavumelana nemithetho esiyibekile futhi walivuma iphutha lakhe. Asive sibonga ngokuthi sabona ukuthi ukuthatha isinyathelo ngokushesha lapho abantu besacasukile akuzuzisi. Lapho siqala ngokulalela, ngokuvamile izinto ziyaphumelela.”—UGeorge.

XOXA

“Ngacasuka kakhulu lapho ngibona indodana yami ilimaza udadewabo. Kunokuba ngenze okuthile ngaleso sikhathi, ngathi mayiye egumbini layo ngoba ngangicasuke kakhulu ngingakwazi nokucabanga. Kamuva lapho sengizolile, ngobuso obuqinile ngayichazela ukuthi ubudlova bubi futhi ngayibonisa indlela emlimaze ngayo udadewabo. Le ndlela yaphumelela. Yaxolisa kudadewabo futhi yamanga.”UNicole.

Yebo esiyalo esifanele, ngisho nalapho sihlanganisa nesijeziso, kumelwe sishukunyiswe uthando.

 ISIYALO ESINOKUCABANGELA

Isiyalo sikaJehova sihlale sinikezwa “ngezinga elifanele.” (Jeremiya 30:11; 46:28) Ucabangela zonke izimo kuhlanganise nalezo ezingabonakali kalula. Abazali bangamlingisa kanjani? UStephen, okukhulunywe ngaye ekuqaleni uyachaza: “Nakuba sezwa ubuhlungu obukhulu futhi singaqondi ukuthi kungani uNatalie eyiphika kangaka indaba yendandatho, sazama ukucabangela iminyaka yakhe yobudala kanye nendlela acabanga ngayo.”

Umyeni kaNicole, uRobert uzama nokucabangela zonke izinto ezihilelekile. Lapho abantwana benza into engafanele, uzibuza le mibuzo ngokuphindaphindiwe: ‘Ingabe lena yinto eqabukelayo noma ehlale yenzeka? Ingabe ingane ikhathele noma iyagula? Ingabe indlela eyenza ngayo iwuphawu lwenye inkinga?’

Abazali abanokuqonda bayaqaphela nokuthi izingane azibona abantu abadala. Umphostoli ongumKristu uPawulu walivuma lelo qiniso lapho ethi: “Ngesikhathi ngiseyingane, ngangikhuluma njengengane, ngicabanga njengengane.” (1 Korinte 13:11) URobert uthi: “Into eyangisiza ukuba ngibheke izinto ngombono oqondile futhi ngigweme ukweqisa ukukhumbula izinto engangizenza ngisengumfana.”

Kubalulekile ukuba ungalindeli izinto ezingeke zenzeke, ngesikhathi esifanayo ungathetheleli noma usekele ukuziphatha okubi noma isimo sengqondo esibi. Ngokucabangela amakhono engane, ukulinganiselwa kanye nezinye izimo, uyoqikelela ukuthi isiyalo sakho siyalinganisela futhi sinokucabangela.

ISIYALO ESINGASHINTSHASHINTSHI

UMalaki 3:6 uthi, “NginguJehova; angizange ngishintshe.” Izikhonzi zikaNkulunkulu zincika kuleli qiniso futhi zizizwa zivikelekile kulolu lwazi. Izingane nazo zidinga isivikelo sesiyalo esingashintshashintshi. Uma imithetho oyibekile ishintsha kuye ngokuthi uzizwa kanjani, ingane yakho ingase idideke futhi icasuke.

Khumbula ukuthi uJesu wathi: “Izwi lenu elingu-Yebo malisho uYebo, u-Cha wenu, asho uCha.” Lawo mazwi asebenza kahle kubazali. (Mathewu 5:37) Cabangisisa kuqala, ungabeki imithetho ongazimisele ukuyenza igcinwe. Uma uthi enganeni yakho izothola uhlobo oluthile lwesiyalo uma yenza into engafanele, qikelela ukuthi iyasithola.

Ukukhulumisana okuhle phakathi kwabazali kubalulekile ukuze isiyalo singashintshashintshi. URobert uyachaza: “Uma kwenzeka ngivuma into ethile umkami angayivumanga ngingazi, ngiyasishintsha isinqumo sami ngivumelane nomkami.” Uma abazali bengavumelani ngendlela yokusingatha isimo esithile, kungcono baxoxe bodwa ngasese bese bevumelana ngesinqumo esisodwa.

ISIYALO SIBALULEKILE

Uma ulingisa isiyalo sikaJehova esinothando, esinokucabangela nesingashintshashintshi, ungaqiniseka ngokuthi imizamo yakho iyozizuzisa izingane zakho. Isiqondiso sakho sothando siyosiza izingane zakho zikhule zibe abantu abadala abavuthiwe, abanokwethenjelwa nabalinganiselayo. IBhayibheli lithi: “Qeqesha umntwana ngokwendlela emfanele; ngisho nalapho ekhula ngeke aphambuke kuyo”—IzAga 22:6.