Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IBHAYIBHELI LISHINTSHA UKUPHILA

Imibuzo Emithathu Eyashintsha Ukuphila Kwami

Imibuzo Emithathu Eyashintsha Ukuphila Kwami
  • UNYAKA AZALWA NGAWO: 1949

  • IZWE AZALELWA KULO: E-UNITED STATES

  • UMLANDO: NGANGIFUNA INJONGO EKUPHILENI

UKUPHILA KWAMI:

Ngakhulela e-Ancram, idolobha elincane elisemaphandleni aseNew York, e-U.S.A. Kuleli dolobha kwakunamapulazi amaningi okwakufuywe kuwo izinkomo. Empeleni kwakunezinkomo eziningi ukudlula abantu.

Kulelo dolobha kwakunesonto elilodwa futhi umndeni wakithi wawuya kulo. Njalo ngeSonto ekuseni umkhulu wayepholisha izicathulo zami bese ngiya kuSonto-sikole ngiphethe iBhayibheli lami elincane elimhlophe engangiliphiwe ugogo. Mina nezingane zakithi safundiswa ukusebenza kanzima, ukuhlonipha, ukusiza omakhelwane nokubonga ngezibusiso esizitholayo.

Lapho sengikhulile, ngahamba ekhaya ngaba uthisha. Nganginemibuzo eminingi ngoNkulunkulu nangokuphila. Abanye babafundi bami babehlakaniphile. Abanye babengahlakaniphile kangako kodwa bezikhandla. Abanye babekhubazekile kuyilapho abanye beyimiqemane. Nganginomuzwa wokuthi abukho ubulungisa. Ngezinye izikhathi abazali babafundi ababedonsa kanzima ezifundweni zabo babesho izinto ezinjengokuthi, “Kuyintando kaNkulunkulu ukuba ingane yami ibe nje.” Ngangizibuza ukuthi kungani uNkulunkulu evumela ukuba ezinye izingane zizalwe zikhubazekile. Ngoba phela izinsana azenzanga lutho olubi.

Ngangizibuza nokuthi, ‘Yini enenjongo okufanele ngiyenze ngokuphila kwami?’ Ngangizwa sengathi akukho engikufezayo ngokuphila kwami. Ngakhulela emndenini omi kahle, ngaya ezikoleni eziphambili futhi manje ngase ngenza umsebenzi engiwuthandayo. Kodwa njengoba ngiqhubeka ngikhula ngangingazi ukuthi ngizokwenzani ngokuphila kwami. Engangingakwenza, ukushada, ngibe nomuzi omuhle nezingane, ngiqhubeke ngisebenza ngize ngithathe umhlala phansi ngigcine ngokuya ekhaya lasebekhulile. Ngangizibuza ukuthi kukhona yini okungale kwalokho ekuphileni.

INDLELA IBHAYIBHELI ELASHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI:

Ngesinye isikhathi ehlobo, mina nothisha engangisebenza nabo savakashela eYurophu. Saya emasontweni amakhulu iWestminster Abbey, iNotre-Dame de Paris, naseVatican saphinde saya nakwamanye amasonto ahlukahlukene amancane. Kuzo zonke lezi zindawo esasiya kuzo ngangifike ngibuze imibuzo yami. Ngemva kokubuyela ekhaya eSloatsburg, eNew York, ngavakashela amasonto amaningana. Kodwa alikho nelilodwa elanginikeza izimpendulo ezanelisayo.

Ngolunye usuku, umfundi oneminyaka engu-12 weza kimi wangibuza imibuzo emithathu. Okokuqala wabuza ukuthi ngiyazi yini ukuthi ungomunye woFakazi BakaJehova. Ngathi yebo. Okwesibili wabuza ukuthi ngingathanda yini ukwazi okwengeziwe ngoFakazi BakaJehova. Ngaphinde ngathi yebo. Okwesithathu wangibuza ukuthi ngihlala kuphi. Lapho ngimtshela ikheli lami, kwabonakala ukuthi ngihlala ngakubo. Ngangingazi ukuthi leyo mibuzo emithathu engayibuzwa intombazanyana yayiyoshintsha ukuphila kwami ngokuphelele.

Ngokushesha ngemva kwalokho, wagibela ibhayisikili lakhe weza kwami, waqala ukungifundela iBhayibheli. Ngambuza imibuzo engangiyibuze abaholi benkolo abaningi. Ngokungafani nabo wangibonisa eBhayibhelini lami izimpendulo ezicacile nezanelisayo—izimpendulo engangingakaze ngizibone ngaphambili!

Engangikufunda eBhayibhelini kwangenza ngajabula futhi nganeliseka. Ngathinteka kakhulu lapho ngifunda eyoku-1 Johane 5:19, ethi: “Lonke izwe lisemandleni omubi.” Ngakhululeka lapho ngithola ukuthi uSathane obangela usizi esilubona emhlabeni namuhla, hhayi uNkulunkulu—nokuthi uNkulunkulu uzoluqeda lolu sizi. (IsAmbulo 21:3, 4) Ngathola ukuthi lapho iBhayibheli lichazwa kahle kulula ukuliqonda. Nakuba uFakazi owayengifundela ayeneminyaka engu-12 nje kuphela, ngangizimisele ukuthola iqiniso kungakhathaliseki ukuthi ngilifundiswa umuntu ongakanani.

Ngisho noma kunjalo, ngangifuna ukubona ukuthi oFakazi bayakwenza yini lokho abakufundisayo. Ngokwesibonelo, le ntombazanyana yagcizelela ukuthi amaKristu eqiniso abonisa izimfanelo ezinjengokubekezela nomusa. (Galathiya 5:22, 23) Nganquma ukumvivinya ukuze ngibone ukuthi wayenazo yini lezo zimfanelo. Ngolunye usuku ngamabomu, ngafika ngemva kwesikhathi esasivumelene ngaso esifundweni sethu. Ngangizibuza: ‘Kazi uzongilinda yini? Uma engilindile, ngizomfica ecasukile yini?’ Njengoba ngingena ngemoto esangweni, ngambona engilindile phambi komnyango wendlu yami. Wagijima weza kimi emotweni wathi: “Besengicabanga ukuya ekhaya ngiyotshela umama ukuthi kudingeka sifonele izibhedlela namaphoyisa ukuze sithole ukuthi akukho yini okukwehlele ngoba awukaze ufike sekwephuzile. Bengikhathazeke kakhulu ngawe!”

Ngesinye isikhathi, ngabuza umbuzo engangicabanga ukuthi kuzoba nzima kakhulu ngengane eneminyaka engu-12 ukuwuphendula. Ngangifuna ukubona ukuthi uzovele aphendule ngekhanda yini. Lapho ngiwubuza, wangibuka ngobuso obungahleki wathi: “Umbuzo onzima ngempela lowo. Ngizowubhala phansi bese ngibuza abazali bami.” Nangempela, lapho ebuya ezongifundela, wafika ephethe INqabayokulinda eyayinempendulo yombuzo wami. Yilokho okwangenza ngabathanda oFakazi—izincwadi zabo zanginikeza izimpendulo ezisekelwe eBhayibhelini zayo yonke imibuzo yami. Ngaqhubeka ngifunda naleyo ntombazanyana futhi ngemva konyaka ngabhapathizwa ngaba omunye woFakazi BakaJehova. *

INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO:

Lapho ekugcineni ngithola izimpendulo ezanelisayo zemibuzo yami, ngafuna ukuzixoxela wonke umuntu. (Mathewu 12:35) Ekuqaleni umndeni wakithi wawuphikisana nezinkolelo zami ezintsha. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi waqala ukulalela. Umama waqala ukufunda iBhayibheli ngaphambi nje kokuba ashone. Nakuba ashona engakabhapathizwa, ngiyaqiniseka ukuthi wayesenqumile ukukhonza uJehova.

Ngo-1978, ngashada noFakazi ogama lakhe lingu-Elias Kazan. Ngo-1981, samenyelwa ukuba sibe amalungu omkhaya waseBethel e-United States. * Ngokudabukisayo ngemva nje kweminyaka emine sikhonza lapho, u-Elias washona. Nakuba ngase ngingumfelokazi, ngaqhubeka ngikhonza eBethel, okwanginika into engangingagxila kuyo futhi kwangenza ngaduduzeka kakhulu.

Ngo-2006 ngashada noRichard Eldred engangikhonza naye eBethel. Mina noRichard sisaqhubeka sijabulela ilungelo lokukhonza eBethel. Njengoba sengazi iqiniso ngoNkulunkulu, nginomuzwa wokuthi angitholanga nje izimpendulo engangizifuna kodwa ngithole nenjongo yangempela ekuphileni—konke lokhu kwaqala ngemibuzo emithathu engayibuzwa intombazanyana.

^ isig. 16 Le ntombazanyana kanye nezingane zakubo basiza othisha babo abayisihlanu ukuba batadishe iBhayibheli futhi bakhulekele uJehova.

^ isig. 18 Igama elithi “Bethel” elisho ukuthi “Indlu kaNkulunkulu,” yigama oFakazi BakaJehova abalisebenzisa lapho bechaza izakhiwo zabo zamagatsha ezisemhlabeni wonke. (Genesise 28:17, 19) Amalungu omkhaya waseBethel enza imisebenzi ehlukahlukene esekela umsebenzi wokufundisa woFakazi BakaJehova.