Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Bewazi?

Ingabe Bewazi?

Lalisetshenziswa kanjani itshe lokugaya endulo?

Itshe lokugaya lalisetshenziselwa ukugaya okusanhlamvu kube ufulawa ukuze kwenziwe isinkwa. Emizini eminingi ukusebenzisa itshe lokugaya kwakuwumsebenzi wansuku zonke wabesifazane noma wezikhonzi ezazisebenza kuleyo mizi. Umsindo wokugaya wawuyingxenye yokuphila kwansuku zonke ngesikhathi sasendulo.—Eksodusi 11:5; Jeremiya 25:10.

Imivubukulo eyatholakala eGibhithe lasendulo ibonisa indlela okwakugaywa ngayo. Okusanhlamvu kwakubekwa phezu kwetshe alalithe ukushona phakathi kancane. Ogayayo wayeguqa eduze kwalelo tshe bese ebamba itshe lokugaya elincanyana ngazo zombili izandla, alihambise phezu kwaleli elithe ukushona phakathi, aye phambili nasemuva, agaye okusanhlamvu. Enye incwadi ithi, amatshe okugaya ayevame ukuba nesisindo esiphakathi kwamakhilogremu amabili kuya kwamane. Uma lisetshenziswa njengesikhali, lelo tshe lingambulala umuntu.—AbaHluleli 9:50-54.

Ukugaya okusanhlamvu kwakubalulekile ekuphileni komndeni kangangoba umthetho weBhayibheli wawukwenqabela ukuthatha itshe lokugaya njengesibambiso. UDuteronomi 24:6 uthi: “Akekho okufanele athathe itshe lokugaya noma imbokodo yalo njengesibambiso, ngoba kuwukuphila lokho akuthathayo njengesibambiso.”

Isho ukuthini inkulumo ethi “osesifubeni”?

IBhayibheli lithi uJesu ‘usesifubeni sikaBaba.’ (Johane 1:18) Le nkulumo ibhekisela endleleni ekhethekile uJesu asondele ngayo kuNkulunkulu. La mazwi asuselwa esikweni elalilandelwa amaJuda lapho edla.

Ngosuku lukaJesu, amaJuda ayehlala bulala kosofa ababebekwe eduze kwetafula lokudlela. Amakhanda abo ayebheka ngasetafuleni bese beyama ngendololwane yesobunxele phezu komcamelo. Le ndlela yokuhlala yayibangela ukuba isandla sokudla sikhululeke. Njengoba bonke babehlala bulala ngohlangothi lwesobunxele, besondelene, enye incwadi ithi, “amakhanda abo ayeba seduze nesifuba somunye nomunye, ngaleyo ndlela kwakuthiwa ‘ukulala esifubeni somunye.’

Ukulala esifubeni senhloko yomndeni noma somuntu owenze idili kwakubhekwa njengelungelo elikhethekile. Yingakho ngephasika lokugcina likaJesu, kwakungumphostoli uJohane, “umfundi uJesu ayemthanda”, owayelele esifubeni sikaJesu. Yingakho uJohane akwazi ‘ukuncika esifubeni’ sikaJesu ukuze ambuze umbuzo.—Johane 13:23-25; 21:20.