Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Manuel Reino Berengui/DeFodi Images via Getty Images

HLALANI NILINDILE!

Ingabahlanganisa Ngempela Yini Abantu INdebe Yomhlaba?—Lithini IBhayibheli?

Ingabahlanganisa Ngempela Yini Abantu INdebe Yomhlaba?—Lithini IBhayibheli?

 Balinganiselwa ku-5 bhiliyoni abantu okulindeleke ukuba babuke imidlalo yeNdebe Yomhlaba eqale ngoNovemba 20, ezophela ngoDisemba 18, 2022. Abaningi bacabanga ukuthi imidlalo enjengale ingafeza okungaphezu kokumane nje ihlanganise abantu abayibukelayo.

  •   “Imidlalo inamandla amakhulu okwenza ushintsho emhlabeni. Inamandla okusinika ugqozi. Zimbalwa kakhulu izinto ezinamandla okuhlanganisa abantu ukwedlula ezemidlalo.”—UNelson Mandela, owayengumengameli waseNingizimu Afrika.

  •   “Ibhola . . . lihlanganisa abantu, libenze babe nethemba elifanayo, bashisekele into efanayo, libenze bathandane, babe nokuthile okubenza babumbane.”—UGianni Infantino, umengameli we-FIFA. a

 Ingabe iNdebe Yomhlaba noma eminye imidlalo ingakufeza lokho? Likhona yini ithemba lokuthi kuyobe kube nokuthula nobunye?

Ibhola lingabahlanganisa ngempela abantu?

 Indebe Yomhlaba yakulo nyaka yenza abantu bangacabangi ngebhola nje kuphela. Le midlalo yenze abanye bakhononda ngendlela abantu abaphathwa ngayo nangezinto ezihilela ipolitiki ezihlanganisa amalungelo abantu, ubandlululo, nokungalingani ngokwezimali.

 Yize kunjalo, baningi abayijabulelayo imidlalo efana neyeNdebe Yomhlaba. Kodwa le midlalo ayinakubahlanganisa unomphela abantu, kungakhathaliseki ukuthi bafisa kangakanani ukuba kube njalo. Kunalokho, ivame ukuveza ukwehlukana kwemibono nezinto iBhayibheli elathi ziyoba uphawu lwenkathi ebizwa ngokuthi ‘izinsuku zokugcina.’—2 Thimothewu 3:1-5.

Ithemba langempela lobunye emhlabeni

 IBhayibheli likhuluma ngethemba langempela lobunye emhlabeni. Lithembisa ukuthi bonke abantu emhlabeni bayoba munye ngaphansi kukahulumeni wasezulwini obizwa ngokuthi “uMbuso KaNkulunkulu.”—Luka 4:43; Mathewu 6:10.

 INkosi yalowo Mbuso, uJesu Kristu, iyoqinisekisa ukuthi kunokuthula emhlabeni wonke. IBhayibheli lithi:

  •   “Olungile uyoqhakaza, nokuthula kuyochichima.”—IHubo 72:7.

  •   “Iyokhulula ompofu okhalela usizo . . . Iyobakhulula ekucindezelweni nasebudloveni.”—IHubo 72:12, 14.

 Sikhuluma nje izimfundiso zikaJesu sezihlanganise izigidi zabantu emazweni angu-239. Bafunde ukuyeka inzondo. Ukuze uthole eminye imininingwane, funda izihloko ezisochungechungeni oluthi “Indlela Yokuqeda Ukuzondana Okungapheli.”

a I-Fédération Internationale de Football Association, isigungu somhlaba wonke senhlangano yebhola (likanobhutshuzwayo).