Dlulela kokuphakathi

Walotshwa Nini Umlando KaJesu?

Walotshwa Nini Umlando KaJesu?

Impendulo yeBhayibheli

Mayelana nokulandisa kwakhe kwezenzakalo zokuphila kukaJesu, umphostoli uJohane wabhala: “Lowo okubonile lokhu ufakazile, futhi ubufakazi bakhe buyiqiniso, futhi lowo muntu uyazi ukuthi ukhuluma izinto eziyiqiniso, ukuze nani nikholwe.”—Johane 19:35.

Esinye sezizathu zokuba siwethembe umlando wamaVangeli kaMathewu, uMarku, uLuka noJohane ukuthi walotshwa besaphila ofakazi abaningi abazibonela ngawabo izenzakalo okukhulunywa ngazo. Ngokuvumelana neminye imithombo, iVangeli likaMathewu lalotshwa eminyakeni engu-8 ngemva kokufa kukaKristu, cishe ngo-41 C.E. Izazi eziningi zithi kungenzeka lalotshwa kamuva kunalokho, kodwa ziyavumelana ngokuthi zonke izincwadi zemiBhalo YamaKristu YesiGreki zalotshwa phakathi nekhulu lokuqala C.E.

Abantu ababona uJesu ngesikhathi esaphila emhlabeni, bambona lapho efa futhi bambona esevusiwe bangakufakazela ukuba iqiniso kwamaVangeli. Babengakudalula kalula ukunganembi kwawo uma kuwukuthi ayenganembile. UProfesa F. F. Bruce uthi: “Okunye okwakwenza umsebenzi wabaphostoli wokushumayela uphumelele ukuthi babekhuluma ngokuqiniseka ngezinto izilaleli zabo ezazizazi; babengamane bathi, ‘Singofakazi balezi zinto,’ kodwa babethi futhi, ‘Njengoba nje nani ngokwenu nazi’ (IzEnzo 2:22).”